Izaga neZisho zesiZulu Nokusebenza Kwazo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izaga nezisho zesiZulu ziyingxenye ebalulekile yolimi lwethu. Igama elithi isaga lisho into enemiqondo noma izincazelo eziningi.

Yini isaga?

Isaga siyasetshenziswa ukuchaza into ewumhlola, siphinde zichaze into engajwayelekile ngesikhathi esithile. Izaga futhi ziyasetshenziswa uma kubhungwa noma kulotshwa, zisetshenziselwa ukunonisa inkulumo kanye nobugagu bokwendlalela inkulumo, kanti futhi ziyasetshenziswa ukusonga, ukuxwayisa kanye nokululeka umuntu.

Izaga kucikozwa ngazo kakhulu okutshengisa ubuhlakani benkulumo okunye nokungabeki mbaba amagama alumelayo kuloyo owehlelwe okuthile, futhi ziyasetshenziselwa ukweluleka kanye nokwakha umuntu kanye nokulaya. Izaga bezisetshenziswa kakhulu abantu abadala, isikhathi esiningi babezisebenzisela ukulaya umuntu, ngoba kwakwaziwa ukuthi umuntu omdala akaphikiswa kulokhu akushoyo ngisho ungahambisani nakho.

Kulotshwe izaga ezimbalwa kanye nezincazelo zazo, ngokuhlukana kwazo. Lezi zaga zidle ngokunona, ubunono bazo benza zibe noju. Lena indlela nje kweziningi eziqhakambisa ukunotha kolimi lwesiZulu nobumnandi bokunemba ngazo lezizaga uma ukhuluma.

Ulimi lwesintu lujulile futhi lunonile ngokusetshenziswa nangokukhulunywa kwalo. Izaga nezisho indlela okukhulunywa ngayo sakutekula ukuchaza kabanzi ngaleyonto okukhulunywa ngayo. Ubungoti bokusebenzisa lendlela yokukhuluma kusukela emlandweni wento noma isenzo esithile. Lendlela okwakukhulunywa ngayo emandulo yakhula kwanda kwasabalala kwaba indlela ejwayelekile neyamukelekile emphakathini. Izaga nezisho zihlukene izigaba eziningana lapho zisetshenziswa khona. Kukhona eziphathelene nobuntu, kungaba indlela ophathe ngayo omunye umuntu. Kungaba usizo oluvezile noma inhlonipho oyivezile kumuntu thizeni.

Yini isisho?

Isisho siyakwazi ukushintshashintsha, siyakwazi ukuya ebuningini siphinde sihambelane nesikhathi, kungaba inkathi yamanje noma inkathi eyedlule. Izisho ziyashintshashintsha noma ziyanda njengoba isikhathi sihamba. Kungaba khona ezintsha zisuselwa enkulumweni yomuntu othile. Ngokwesibonelo, isisho esithi “Ziyakhala” sibe sematheni ngemuva kokuthi sisetshenziswe kaningana. Uma kukhona inkulumo echumayo noma edumayo iyasetshenziswa njenge sisho.

Izisho zithatha isimo noma isenzo esejwayelekile emphakathini, bese zisisebenzisa ukuchaza isimo esingafani naso ngokuphelele. Ngokwesibonelo, “Ukubamba iqhude” akusho ukubamba inyoni uqobo, kodwa kusho ukuvuka ekuseni kakhulu. “Ukudla umunyu” akusho ukudla into enosawoti, kodwa kusho ukuhlupheka.

Isisho singasebenza njengokucikoza ngolimi, ukunandisa inkulumo noma ukuyinika incazelo ejulile. Isisho singakhuluma ngegama elithile kodwa sichaze okwehlukile. Izisho zibalulekile futhi ekugcineni ngumlando nezinkolelo zomphakathi wamaZulu. Ziqukethe ulwazi ngendlela abantu ababuka ngayo izinto ezahlukene, indlela ababona ngayo impilo, kanye nezinto abazithathe njengezifanekiso zezimo ezithile.

Izisho ziyingxenye ebalulekile yolimi lwesiZulu, ziwubuciko bomlomo obusetshenziswa ukuqhakambisa umqondo othile ngendlela ecashile. Zakhiwe ngamagama ajwayelekile kodwa asetshenziswa ngendlela ekhethekile ukudlulisa umqondo ohlukile kunalowo ojwayelekile wawo.

Ubuciko bezisho buqhakambisa kakhulu ubudlelwano phakathi kwemvelo, izilwane, nezinto zansuku zonke nezimo zempilo. Ngokwesibonelo, “Ukuphuma iphika” kusho ukukhathala kakhulu, kanti “ukuphatha umoya” kusho ukwethuka. Lezi zisho ziveza ukujula kolwazi lwendalo okwakukhona kubantu bakudala.

Indlela okwehlukaniseka ngayo izisho

Izisho zehlukaniseka kahle ngokwamagama noma iziqu zamagama. Zehlukene ngezigaba zamagama kodwa azisho okufanayo noma aziphethe umqondo ofanayo. Noma zihlukaniseke ngalendlela:

  • Eziphathelene nemvelo: “ukuthatha umoya”, “ukungena ngomkhombe”
  • Eziphathelene nezilwane: “ukuba yinja neyasemini”, “ukuba yinkomo edla yodwa”
  • Eziphathelene nomzimba: “ukuba nezandla ezimhlophe”, “ukuba nenhliziyo emhlophe”
  • Eziphathelene nokudla: “ukudla icala”, “ukudla amabele”
  • Eziphathelene nezenzo: “ukushaya izindlebe”, “ukushaya amanzi”

Umehluko phakathi kwezaga nezisho

Izisho azifani nezaga, aziqukethe izifundo zokuhlakanipha noma ukweluleka – esikhundleni salokho, zichaza izimo noma izenzo ngendlela ehlaba umxhwele.

Izaga ziqukethe izifundo zempilo nezinyathelo zokuhlakanipha, izisho zona zisebenza njengezithako zolimi ezenza inkulumo ibe mnandi futhi inothe. Ukusetshenziswa kwezisho kukhombisa ubuhlakani nolwazi olujulile lolimi. Kungumsebenzi onobuciko ukukwazi ukusebenzisa izisho ngendlela efanele, ngoba kudinga ukuqonda kahle incazelo yazo kanye nezikhathi lapho zifanele khona. Siveza ukuthi izaga ziwubuciko ekukhulumeni ulimi lwesiZulu.

Izaga zesiZulu

Izisho zesiZulu

Ngaphambilini sike sasika elijikayo ngezisho. Izisho zinothisa ziphinde zikunandise ulimi. Yandisa ulwazi lwakho wezisho ngacosha kulezi:

164 thoughts on “Izaga neZisho zesiZulu Nokusebenza Kwazo”

  1. sacela ukubuza ukuthi zichaza ukuthini lezizaga:
    ukuwa kwendlu ukuvuka kwenye
    isihlahla kasoniwa
    kusinwa kudedelwane
    ukwesutha kwakhumbuza uNoshinga ukuthakatha

    Reply
  2. Cela ningisiza ngiqede lezi zizaga,
    1.__________sindlebende kabi
    2.ugibela phezu kwendlu ________

    Reply
  3. Sanibonani bakwethu. Ngicela ningisize ngezisho ezibukela abesifazane phansi. Ngiyabonga

    Reply
    • Ngokujwayelekile kuthiwa INJOBO ITHUNGELWA EBANDLA, okusho ukuthi udaba oluxakile luyabikwa kwamanye amadoda noma abanye abantu ukuze uthole usizo nokwelulekwa (Ingane engakhali ifela embelekweni).

      Reply
    • Lokhu wukusongela umuntu ngokuthi angalibali ukuthi uyoze umthole uziphindisele noma nini uma kuvela ithuba.

      Reply
  4. Ngicela ningisize ingane yami idinga izincazelo zezisho.1. Kusa kusa 2.inkukhu inqunywe umlomo 3. Ngiyopha amehlo 4. Ukufaka isandla 5. Baphelelwa ngamathe. Ngingajabula uma ngingathola usizo.

    Reply
    • KUSA KUSA (Izinsuku azifani zonke, ngolunye kuhamba kahle kanti ngolunye kuyabheda)
      INKUKHU INQUNYWE UMLOMO (Aphelile amagama – akusekho ukukhuluma – akusayi ngamagama enkehli)
      UKUPHA AMEHLO (Kusho ukuzibonela wena ngokwakho)
      UKUFAKA ISANDLA (Ukwelekelela)
      UKOMA AMATHE (Ukuphelelwa ngamagama – Ukunqunywa umlomo)

      Reply
  5. Ngidinga usizo ngalezi ikhuni luzala imlotha .kusindwegobethole.uchskide ihlolile imambayalukile

    Reply
    • UKHUNI LUZALA UMLOTHA (Umuntu akamzali ofana naye ngokwezezo) – Umfundisi akamzali umfundisi.
      KUSINDWE NGOBETHOLE (Kuyabuswa – Kufinywa ngendololwane – konke kuhamba kahle)
      UCHAKIDE UHLOLILE IMAMBA YELUKILE (Uchakide uyayibulala imamba – Kusho umuntu onganakile ukuthi isitha sakhe simcuphile)

      Reply
    • Ukujabulisa noma ukujabulela omunye umuntu entweni ayenzile, isibonelo “Ngiyakuhalalisela ngemonto yakho oyithengile.”

      Reply
  6. please help

    Sebenzisa Amantshontsho noma Inqolobane Yesizwe ukuthola ukuthi zisho ukuthini
    lezi zisho ezilandelayo: {10}
    a. Ukuhluba udlubu ekhasini
    b. Ukukha phezulu
    c. Izinyo elibulalayo
    d. NgangoZulu ebuthene eMlambongwenya
    e. Ukuzwa ngosibhincamakhasana

    Reply
    • Ngiyabona ukuthi usulibhekile ikhasi lethu lezisho, leli: https://iafrika.org/izisho/ Uma lezi ozifunayo zingekho kuloluhlu, ingani phela uyazazi izincwadi ongathola kuzo usizo, uyazibalula wena uqobo – hamba phela uyobheka kulezozincwadi ngoba vele usuyazazi yiziphi. Sikufisela inhlanhla!

      Reply

Leave a Reply