- Ukulandela amabheka: Ukufuza ekhabonina.
- Ukuzizala: Ukuzala umntwana ofana nawe.
- Ukubopha ifindo: Ukushada.
- Ukubamba isisu: Ukukhulelwa.
- Ukuthola isisu: Ukukhulelwa.
- Ukuthola umntwana: Ukubeletha.
- Ukwaliwa umendo: Ukushintsha kwempilo noma umzimba ngemuva kokushada.
- Ukudliwa izintaba: Ukuhambela ungabuyi ekhaya, ukubhunguka.
Izisho ngomndeni
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
