Izaga neZisho zesiZulu Nokusebenza Kwazo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izaga nezisho zesiZulu ziyingxenye ebalulekile yolimi lwethu. Igama elithi isaga lisho into enemiqondo noma izincazelo eziningi.

Yini isaga?

Isaga siyasetshenziswa ukuchaza into ewumhlola, siphinde zichaze into engajwayelekile ngesikhathi esithile. Izaga futhi ziyasetshenziswa uma kubhungwa noma kulotshwa, zisetshenziselwa ukunonisa inkulumo kanye nobugagu bokwendlalela inkulumo, kanti futhi ziyasetshenziswa ukusonga, ukuxwayisa kanye nokululeka umuntu.

Izaga kucikozwa ngazo kakhulu okutshengisa ubuhlakani benkulumo okunye nokungabeki mbaba amagama alumelayo kuloyo owehlelwe okuthile, futhi ziyasetshenziselwa ukweluleka kanye nokwakha umuntu kanye nokulaya. Izaga bezisetshenziswa kakhulu abantu abadala, isikhathi esiningi babezisebenzisela ukulaya umuntu, ngoba kwakwaziwa ukuthi umuntu omdala akaphikiswa kulokhu akushoyo ngisho ungahambisani nakho.

Kulotshwe izaga ezimbalwa kanye nezincazelo zazo, ngokuhlukana kwazo. Lezi zaga zidle ngokunona, ubunono bazo benza zibe noju. Lena indlela nje kweziningi eziqhakambisa ukunotha kolimi lwesiZulu nobumnandi bokunemba ngazo lezizaga uma ukhuluma.

Ulimi lwesintu lujulile futhi lunonile ngokusetshenziswa nangokukhulunywa kwalo. Izaga nezisho indlela okukhulunywa ngayo sakutekula ukuchaza kabanzi ngaleyonto okukhulunywa ngayo. Ubungoti bokusebenzisa lendlela yokukhuluma kusukela emlandweni wento noma isenzo esithile. Lendlela okwakukhulunywa ngayo emandulo yakhula kwanda kwasabalala kwaba indlela ejwayelekile neyamukelekile emphakathini. Izaga nezisho zihlukene izigaba eziningana lapho zisetshenziswa khona. Kukhona eziphathelene nobuntu, kungaba indlela ophathe ngayo omunye umuntu. Kungaba usizo oluvezile noma inhlonipho oyivezile kumuntu thizeni.

Yini isisho?

Isisho siyakwazi ukushintshashintsha, siyakwazi ukuya ebuningini siphinde sihambelane nesikhathi, kungaba inkathi yamanje noma inkathi eyedlule. Izisho ziyashintshashintsha noma ziyanda njengoba isikhathi sihamba. Kungaba khona ezintsha zisuselwa enkulumweni yomuntu othile. Ngokwesibonelo, isisho esithi “Ziyakhala” sibe sematheni ngemuva kokuthi sisetshenziswe kaningana. Uma kukhona inkulumo echumayo noma edumayo iyasetshenziswa njenge sisho.

Izisho zithatha isimo noma isenzo esejwayelekile emphakathini, bese zisisebenzisa ukuchaza isimo esingafani naso ngokuphelele. Ngokwesibonelo, “Ukubamba iqhude” akusho ukubamba inyoni uqobo, kodwa kusho ukuvuka ekuseni kakhulu. “Ukudla umunyu” akusho ukudla into enosawoti, kodwa kusho ukuhlupheka.

Isisho singasebenza njengokucikoza ngolimi, ukunandisa inkulumo noma ukuyinika incazelo ejulile. Isisho singakhuluma ngegama elithile kodwa sichaze okwehlukile. Izisho zibalulekile futhi ekugcineni ngumlando nezinkolelo zomphakathi wamaZulu. Ziqukethe ulwazi ngendlela abantu ababuka ngayo izinto ezahlukene, indlela ababona ngayo impilo, kanye nezinto abazithathe njengezifanekiso zezimo ezithile.

Izisho ziyingxenye ebalulekile yolimi lwesiZulu, ziwubuciko bomlomo obusetshenziswa ukuqhakambisa umqondo othile ngendlela ecashile. Zakhiwe ngamagama ajwayelekile kodwa asetshenziswa ngendlela ekhethekile ukudlulisa umqondo ohlukile kunalowo ojwayelekile wawo.

Ubuciko bezisho buqhakambisa kakhulu ubudlelwano phakathi kwemvelo, izilwane, nezinto zansuku zonke nezimo zempilo. Ngokwesibonelo, “Ukuphuma iphika” kusho ukukhathala kakhulu, kanti “ukuphatha umoya” kusho ukwethuka. Lezi zisho ziveza ukujula kolwazi lwendalo okwakukhona kubantu bakudala.

Indlela okwehlukaniseka ngayo izisho

Izisho zehlukaniseka kahle ngokwamagama noma iziqu zamagama. Zehlukene ngezigaba zamagama kodwa azisho okufanayo noma aziphethe umqondo ofanayo. Noma zihlukaniseke ngalendlela:

  • Eziphathelene nemvelo: “ukuthatha umoya”, “ukungena ngomkhombe”
  • Eziphathelene nezilwane: “ukuba yinja neyasemini”, “ukuba yinkomo edla yodwa”
  • Eziphathelene nomzimba: “ukuba nezandla ezimhlophe”, “ukuba nenhliziyo emhlophe”
  • Eziphathelene nokudla: “ukudla icala”, “ukudla amabele”
  • Eziphathelene nezenzo: “ukushaya izindlebe”, “ukushaya amanzi”

Umehluko phakathi kwezaga nezisho

Izisho azifani nezaga, aziqukethe izifundo zokuhlakanipha noma ukweluleka – esikhundleni salokho, zichaza izimo noma izenzo ngendlela ehlaba umxhwele.

Izaga ziqukethe izifundo zempilo nezinyathelo zokuhlakanipha, izisho zona zisebenza njengezithako zolimi ezenza inkulumo ibe mnandi futhi inothe. Ukusetshenziswa kwezisho kukhombisa ubuhlakani nolwazi olujulile lolimi. Kungumsebenzi onobuciko ukukwazi ukusebenzisa izisho ngendlela efanele, ngoba kudinga ukuqonda kahle incazelo yazo kanye nezikhathi lapho zifanele khona. Siveza ukuthi izaga ziwubuciko ekukhulumeni ulimi lwesiZulu.

Izaga zesiZulu

Izisho zesiZulu

Ngaphambilini sike sasika elijikayo ngezisho. Izisho zinothisa ziphinde zikunandise ulimi. Yandisa ulwazi lwakho wezisho ngacosha kulezi:

163 thoughts on “Izaga neZisho zesiZulu Nokusebenza Kwazo”

  1. Sawubona, ngicela izincazelo zakezisho ezilandeyo:

    1. Kwabanda kwamancane
    2. Wahlala ezithendeni zakhe
    3. Kwakhala kwemuka
    4. Wayese gijimela ukufa

    Reply
  2. Kubizwa ngani ukukhuluma iqiniso. Ukusho into eyiyo ngqo, ube ukade uziqegelela noma uzikhulumela njeeee.

    Reply
  3. Izosho zamalagama
    Ukuwa ngedolo
    Ukubamba ithambo
    Ukuba uzinyo bulala
    Ukuzula umuntu
    Ukushaya esentwala
    Ukubuza ibhasi libhaliwe
    Ukuba uhubhu kabhejane
    Ukususa amahloni
    Ukuba nyamambana
    Ukudla izindwani

    Reply

Leave a Reply