Izaga ngokungathembeki

  • Umlungisi uzithela isisila – Isisila sitholaka ezilwaneni kanye nasezinyonini ngokwehlukana kwazo. Uma uzithele isisila usuke uzifake nje otakwini olukhulu. Lesi saga sihambelana siphinde sihlobane nalesi esithi, “Umbeki wenkosi akabusi nayo”. Lezi zaga zombili zichaza ngokuthi akusikhona ngaso sonke isikhathi la ozothi usiza khona ngenhliziyo emhlophe umvuzo ube muhle. Kokunye ugcina uzisola ngokuthi kungani uzibandakanye ngokusiza. Sekukonke nje incazelo yalana ukuthi uma ungumuntu kuyenzeka uthi uyalekelela kanti usuzifaka enkingeni enkulu kepha kade wena uhlose okuhle. Kuyenzeka uthi uyasiza kanti usuzifaka shiqe ezinkingeni. Lana usuke uthe uyasiza kugcine sekunguwena umuntu omubi.

  • Bahlangene phezulu kanti ngaphansi bangamahele – Laba abantu abasuke bembuluzana, kuthiwa bayambuluzana ngoba imbulu isilwane esibukeka silungile kanti izenzo zayo ezokonakala. Laba abantu ababukeka behlangene ngobudlelwano obuhle kepha umsuka wabo lobo budlelwano awusilona iqiniso. Emva kokuhamba kwesikhathi lobo budlelwano babo buyashabalala kuvele nezingxabano kanti ke kusuke kulula nokubangena phakathi. Ngakho ukuthi ubudlelwano babo busuke bungenansika futhi buntekenteke ngenxa yokungabi nasisekelo neqiniso.

  • Uzazi zibantwini, zingaba kuye zimaphula izongo – Umuntu oxakwe izindaba zakhe kodwa abe ngugaxekile uma sekuziwa ezindabeni ezingamufuni zabantu.

  • Unya indoni namakhiwane – Umuntu ongeke wathembela kuye. Unokusho lokhu aphinde aguquke asho lokhuya.

  • Wabika imbiba wabika ibuzi – Umuntu ongeke neze wakholwa amagama akhe. Usho lokhu abuye asho lokhuya. Uguquka njalo emazwini akhe.

  • Uyishaya emumva ayishaye phambili – Lona umuntu oyixoki lendalo nje ongeke umenze lutho ngoba uyaxokiza. Umuntu ongeke wabambelela emazwini akhe ngoba uhlala njalo ewaguqula, akami nhlobo ezwini elilodwa alishilo.

  • Uyishaya nxazonke – Umuntu ongeke umethembe ukuthi ungaze ukholwe amazwi akhe. Usho lokhu manje aphinde asho lokhuya kusasa.

  • Unonele ngaphakathi njengendlanzi – Umuntu ongeke wamuqonda onesimo sokuba nemfihlo edle ngokujula. Umuntu ongeke wamqonda ukuthi unguluphi uhlobo ngokumbuka nje kuphela.

  • Uluma aphephethe kuhle kwegundane – Umuntu onobuqili bokuthi athi ekulimaza ebe enza sengathi uyakupholisa. Unokukuyenga ngamazwi amnandi uze ungabe usanaka ukuthi wena uyalimala.

  • Wakhahlelwa ihhashi esifubeni – Umuntu ongeke wamuxoxela lutho ngenxa yokuthi akakwazi ukugcina imfihlo. Uma uke wamuxoxela into uzohamba eyifafaza izwe lonke.
  • Wakhahlelwa indlovu esifubeni – Umuntu ongeke wamuthemba ngemfihlo ngenxa yokuthi akanaso neze isifuba.

  • Ukhohlwa ngezakhe, aqaphele ezabanye – Umuntu onaka kakhulu izindaba zabanye abantu umthole ehamba phambili kuzo kodwa ezakhe zibe zimxakile engazilungisile.

  • Inja yabuyela emhlanzweni wayo – Umuntu ozithola esebuyela entweni aseyihlubukile okanye aseyilahlile.

  • Yanya yadla – Umuntu ozithola ebuyela entweni abeseyilahlile okanye eseyishiyile. Isibonelo: Umfana oshiya izidakamizwa azame ukuguqula impilo yakhe. Bese kuthi mahlayeni lapho sekunethemba lokuthi uzimisele ngampela ngoguquko avele abuyele kuzo izidakwamizwa. Yanya yadla.

  • Ingqwanga kayibonwa, ibonwa ngamaqili – Umuntu oyinkingana okunzima ukuthi umqonde uhlobo lomuntu anguye. Ukungaqondakali neze.

  • Ikhohlisana ihlomile – Ukukhohlisana nihlomile kusho ukukhohlisa ezinjongweni zenu, lana singabala ukwethembisa umuntu ukuthi uzomeseka uma ebhekene nesimo esithile, okuthi uma sesifikile leso simo udle phansi umshiye kanjalo loyomuntu. Lesi saga sichaza ukuthi uyazibonela empini. Kanjalo nalapha empilweni uyazibonela ukuthi imisa kanjani. Isibonelo: Izinsizwa ziya empini zigqugquzelana, zihlohlana kodwa uma isisukile impi ilowo nalowo usindisa impilo yakhe.

  • Umazi wezabanye ezakhe zimhlalele – Umuntu onaka izinto zabanye abantu ashaye indiva ezakhe eziqondene naye.

  • Uyakekela kuhle kwenkalankala – Umuntu ongayiqondi ngqo inkulumo asho lokhu akufunayo. Umuntu othemelezayo uma ekhuluma angasho ngqo into asuke eyifuna. Uyakekela kuhle kwenkalankala uma ihamba.

  • Uhambela kude kuhle kwelanga lasebusika – Umuntu onokushalaza osuke esehambela kude. Ezama ukugwema ukukhulunyiswa. Lokhu kuvamise ukwenzeka umangabe umuntu egwema abantu abathile anodaba oluthile nabo olungakafiki esiphethweni.

  • Udlala ngegeja kuziliwe – NgokwesiZulu uma kushoniwe kuze kuyofikwa kwilanga lokufihla akuyiwa emasimini ukuyolima, kepha kuyalindwa umuntu aze afihlwe. Uma kukhulunywa ngegeja kuziliwe kuqonde khona ukuthi into ehlalukwa abantu ukuthi kuthi kufihlwa kube kukhona olima emasimini. Lesi saga sichaza ukuthi akudlalwa ngento eyingozi ngoba ingakulimaza. Uma umuntu edlala ngegeja kuziliwe usuke enza into ewubungozi kuye kwesinye isikhathi nakwabanye abantu.

  • Ikhiwane elihle ligcwala izibungu – Amakhiwane isithelo esihle futhi esimnandi esitholakala ehlathini, simila esihlahleni somkhiwane kanti ngisho nezinyoni ziyawathanda ngenxa yobumnandi bawo. Into enhle ngaphandle ivamise ukonakala okanye ibe nobubi ngaphakathi. Akekho umuntu ongenaso isici sakhe noma engabamuhle kangakanani emehlweni abantu.

  • Into yomuntu umhluzi wempisi – Angeke uthembele entweni okungeyona eyakho ngoba umnikazi wayo engayilanda kuwe noma ayifune ngalesisikhathi usayisebenzisa isakusiza.

  • Wabika imbiba wabika ibuzi – Umuntu osho lokhu nalokhuya. Uyehluleka okanye kuyamehlula ukumela amazwi akhe.

  • Okwakho kunxanye kuhle kwesithupha sonwabu – Ukuqhamuka nezinto ezingajwayelekile abantu abangazinameli. Umuntu owenza izinto ngendlela ehlukile kunale abantu abayijwayele.

  • Umazi wezabanye, ezakhe zimkhohlile – Umuntu otholakala ebamba iqhaza kakhulu ezintweni zabanye abantu kodwa ebe naye ehlalelwe utwayi lwakhe.

  • Umuntu umalala ephenduka – Angeke uthembele kumuntu ngoba engaguquka esivumelwaneni ebeninaso. Noma ukuguquka emazwini akho. Ukungathembeki.

  • Ungishaye ngemfe iphindiwe – Umuntu okushaye ngemfe iphindiwe usuke ekukhohlisile noma wakuyenga kanti inhloso yakhe ubuxoki. Lapha umuntu usuke ekushaya ngemfe iphindiwe eqamba amanga asebenzise nokubabukhali ekuqambeni amanga.

  • Usenga ezimithiyo – Lesisaga sisula ekutheni inkomo emithi ngeke uyisenge ngoba akuphumi ubisi kepha kuphuma isithunga. Lana sichaza ukuthi umuntu usuke ehubhuza uhubhu lukabhejane eqamba amanga.

  • Uhubhuza uhubhu lukabhejana – Umuntu uma eqamba amanga kuke kuthiwe uhumbuza uhubhu lukabhejana.

  • Ufihle induku emqubeni – Ukuthukusa isu onalo elizomangaza wonke umuntu ngenhloso yokunqoba.

  • Yimbulu ekhala ngamayiko amabili – Ukuba namanga. Uze ushintshe iphimbo ngenhloso yokuthi akholwe lowo omqambela amanga.

  • Lixhoshwa libhekile – Ukuzithola usephutheni obungaliqondile. Awukwazi ukuthemba umuntu ngakho konke ngoba neso liyaxhopheka libe libhekile lihluleke ukuzivikela.

  • Yimpi yakwa mabonabulawe – Umuntu lo osatshwayo oyingozi kakhulu. Umuntu ongeke wamethemba ngempilo yakho. 

  • Lixhoshwa libhekile – Ukuzithola usephutheni obungaliqondile. Awukwazi ukuthemba umuntu ngakho konke ngoba neso liyaxhopheka libe libhekile lihluleke ukuzivikela. 

  • Inhliziyo enecala ayikutholi ukuphumula – Uma umuntu ezazi ukuthi wonile uhlala ebona sengathi useyabanjwa kulokho kona kahle. Uqaphela konke kuze kweqe.

2 thoughts on “Izaga ngokungathembeki”

Leave a Reply