Amaphupho mayelana nobugebengu

Ukuphupha ugqekezelwa endlini kodwa ufice kungathathwe lutho kungasho ukuthi amandla onawo angaphezu kwamandla ezitha zakho. Kodwa uma ubabonile kukhona izinto ezithathiwe lokho kukhomba ukuthi untekenteke, abantu bayazenzela kuwe, kusuke kufanele usebenzise izinto zokuzivikela uqinise nekhaya. Ukuphupha umuntu ekuntshontshela imoto yakho, lolo lungaba wuphawu olubi. Kungasho ukuthi ungase ubhekane nokulahlekelwa, noma kuzophazamiseka izinhlelo zakho noma khona … Read more

Izaga ngobugebengu nokujeza

Kakucala laswela izaba – Uma wenza izaba usuke usuwenza nje, noma ubona kuthi lento oyenzayo ayisenamphumela othile. Lenkulumo izimpande zayo zisekutheni uma umuntu esesesigcawini ethweswe icala ubeka lokhu nalokhuya ukuzihlalula kulelo cala, yize noma kusuke kubonakala ukuthi uyena owenze lelo cala. Usuke esebeka izaba, bese kuqhamuka lenkulumo ke ethi alikho icala elaswela izaba. Iqhina liphuma … Read more