Isigqiki Somkhovu ( ‘Giant Natal Cycad’)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izihlahla zendabuko eziwusizo ezinye zazo zisengcupheni yokushabalala ngenxa yokuvunwa ngokweqile. Isigqiki somkhovu sibalwa kuzo lezozihlahla. Lesi sihlahla sisetshenziswe kakhulu kwimboni yomuthi ezweni lethu. Igama laso lisuselwa esitulweni esincane esijwayele ukusetshenziswa kwaZulu, ‘isigqiki’. Sinendima enkulu esiyidlalayo esizweni sakwaZulu esizoyibheka kabanzi kule athikili. Ukutshalwa kwesigqiki somkhovu Kunezinhlobo eziningi zesihlahla isigqiki somkhovu. Uma sitshalwa kuke kukhuthazwe ukuthi zitshalwe … Read more

Imithi eyakhiwa ngokuthaka izilwane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izilwane ziyadliwa ziphinde zisetshenziswe ukuthaka imithi yokwelapha. Emandulo okhokho babezingela lezi zilwane ngaphandle kokulandela noma ngemigomo ethile, kwakulula ukuzithola. Esikhathini samanje kunemithetho evikelwa ukuzingelwa kwezilwane ngoba ezinye seziyashabalala. Yize lemithetho isikhona, bakhona abelaphi bendabuko abasasebenzisa izilwane ukuthaka imithi. Imithi ethakwa ngezilwane singephike ukuthi iwusizo, kodwa kubalulekile ukuthi imvelo igcinwe isesimweni esihle kanye nokuqaphela ukuthi kungashatshalaliswa … Read more

Ngibhulele

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

“Sigula sibaningi” lesi sekuze kwayisisho nje esijwayelekile kubafowethu ikakhulukazi abahlala emahostela. Lapho ekusho lokhu esebambe ezakhe ebheke enyangeni eyozinyanga isifo sakhe. Kahle kahle lesisisho sesimanje sisho ukuthi akekho ongaguli, ongenakho okwakhe kanti ke futhi akekho ongadingi ukwelashwa. Ngenhlanhla ke laba abahlala emahostela bahlala nazo izinyanga lezo nezangoma okwabo kulula. Ukuhlala ehostela nakho njengazo zonke izindawo … Read more

Ukwelapha izilonda zangaphakathi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ziningi izinhlobo zokugula esibhekana nazo zingabantu. Ukugula ke kubangelwa izinhlobo ezahlukene zamagciwane. Zikhona izindlela ezimbalwa zokugwema ukugula kodwa nazo aziwona umqamulojuqu. Okuye ukugula okujwayelekile kubantu abadala kanye nabantwana kuba izilonda. Izilonda zidalwa izinto ezahlukene, kuyaba indawo umuntu ahlala kuyo, umzimba omubi othatha ukugula kalula bese kuba kanye nokuthelelwa omunye umuntu. Indlela yokwelapha izilonda Ziningi izindlela … Read more

Ukwelapha umkhuhlane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ziningi izinhlobo zezifo ezisiphathayo futhi zibangelwa izinto ezahlukene, umkhuhlane ungezinye zezifo ezejwayelekile. Ziningi ke izindlela zokwelapha umkhuhlane, singabala khona ukugquma/ukufutha, ukuphalaza nokunye. Kuleli khasi sithi ake sibhunge ngezindlela zokuwelapha eziphephile zezingane ezincane kanye nabadala. Nawa amakhambi okwelapha umkhuhlane, okungamakhambi ajwayelekile kwezinye izindawo. Inhlaba Inhlaba ngesinye sezihlahla esingakhethi ndawo yokumila, simila enkangala kanye nashlanzeni. Inhlaba ke … Read more

Ikhubalo lenhlanhla

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Njengabantu abasebenzisa izinto zesintu sikholelwa kakhulu ekutheni kukhona ukukhanya ezisilethela khona empilweni. Amngandla emithi awangatshwazwa ilaba abayisebenzisayo. Imithi yehllukene futhi yenza izinto ezahlukene. Kukhona elaphayo, egulisayo, eyokukhunkula (thakatha), ekhanyisa izinto zibe mhlophe kanye neyenhlanhla evula izindlela zibe mhlophe. Kuleli khasi ke sibhunga ngomuthi wenhlanhla nowenza ukuthi ube nogazi kubantu. Lezinduku zisetshenziswa ngisho umuntu ofuna ukuthola … Read more

UMeqo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izinto zesintu ezithinta ukusetshenziswa kwamakhambi nomuthi zijule kakhulu futhi ziyadida uma uzozibheka ngamehlo nje, okubuka ungajulile ngoba ungaze uzitshele ukuthi insumansumane uma uzwa ngazo. Okuhle ngokusetshenziswa kwamakhambi nomuthi ukuthi abantu bayalapheka abanezifo ezahlukene, kanti ke okubi ngokusetshenziswa kwemithi ukuthu akusibona bonke abantu abanezinhloso ezinhle ngawo njengoba kukhona abathakathayo nje ngayo. Ziningi izindlela zokusebenzisa imithi, ngoba … Read more

Izindlela zokusetshenziswa komuthi wesintu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukugquma Uma ugquma kumele uguqe ubheke emnyango khona nezifo zakho zophuma kuwo zingazinzi futhi nento oyigqumelayo iyacaca, ubonakale umehluko uma wenze kanjalo. Kuthiwa uma uqeda ukugquma kumele lokhu okade ugquma ngakho ukuchithe ngasesangweni noma ekupheleni kwegceke ukwenzela ukuthi lowo okuthakathayo uma esaqhubeka nokuza ezothela lapho kini abone isithunzi sakho ngesikhathi ezothela bese ejika engasathelanga ngoba … Read more

Ukuqinisa Umuzi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Nina beSilo njengabantu abaphila isintu siyazi ukuthi ilanga liyaphuma liqhakaze liveze ubuhle bukaZulu, liphinde lishone lize nobumnyama obuveza abamnyama ezinhliziyweni kanye nangezenzo zabo. Imizi emakhaya sikhule iqiniswa, iqiniselwa izinto ezimbi ezingenzeka ukuthi zingenzeki izinto ezifana nokungena kwezulu ekhaya lenze umonakalo, abakhunkuli njalonjalo. Kulengosi sithi ake sithi qephuqephu ngezinto ezigcina sezibulala imizi yobaba mkhulu, ngoba phela … Read more

Indliso

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Idliso lingangena kumuntu ngezindlela ezimbili, eyokuqala ukufakelwa ekudleni kanye nokulidla ephusheni. Uma uphupha udla noma uphuza, usuke ufakwa idliso. Uma ukudlile ukudla ephusheni lokho kusho  ukuthi idliso lingenile ngaphakathi. Uma kuwukuthi uvukile ngaphambi kokuthi udle , lokho kusho ukuthi alingenanga idliso. Ukukhishwa kwedliso Ngokwesintu uma udliswa kusuke kukhona okuthakathayo, lapho ke kumele udle amafutha noma … Read more

Ukwelapha ngesintu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Emandulo bekuthi uma kuke kwadunguzela inkosi, izanusi zibhule zibheke ukuthi konakalephi, ngisho nazo izinyanga bezivuka zizithathe zizama ukubhula umlilo wokudunguzela kwenkosi. … Read more

Ukusetshenziswa kwesihlahla somdoni ukwelapha izifo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Isihlahla somdoni yisihlahla sezithelo ezidliwayo futhi simila endaweni engasemfuleni kodwa futhi umdoni uyakwazi ukuthi uphinde umile ekhaya, egcekeni. Isihlahla somdoni yisihlahla … Read more

Izimbiza, izintelezi nobulawu (Ingxenye yesithathu)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Isebenzise le mininingwane ngokwazi ukuthi kungase kube khona ubungozi kuyo. Asikho isiqinisekiso sokuthi konke okukhona kule sizindalwazi kuqinisile nokuthi imiphumela yokusetshenziswa … Read more

Izimbiza, izintelezi nobulawu (Ingxenye yesibili)

Inyengelezi

Inhlwathi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sesike saloba kakhulu ngezilwane zasekhaya kanye nezasendle kule ngosi yolimi lwebele kepha-ke besisika nje kwelijikayo. Kulokhu sithi asikhe phezulu kwingwebu yobesiZulu sinichathekele ngolwazi mayelana nenyoka yasehlathini ebizwa ngokuthi inhlwathi. Abasaziyo isintu bazi kahle ukuthi inhlwathi ayigcini nje ngokuba yinyoka eyingozi kepha kuningi ngayo okuthinta abadala noma amadlozi kanye nabo-ke abalaphi bendabuko, sesisho phela izanusi nezinyanga … Read more

Izilwane ezilusizo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ezinsukwini zakudala bebengekho odokotela kodwa abantu babezilapha bona ngamakhambi nangezinye izilwane ezitholakala ehlathini. Bebe nesiphiwo sokuboniswa into enhle nembi ingakenzeki futhi bebeboniswa ukuyivika nokuyilapha nokuyichiliza iseza. Babekholelwa emadlozini abo nakokhokho babo, yingakho bebethi yibo abababonisa yonke into belele. Okhokho babo bebebabonisa bebafundisa ukuze baphile. Abafana abelusayo bebeba senhlanhleni yokufunda kwabadala konke lokhu ngoba bekwenzeka balimale … Read more

Imithi yokwelapha yesintu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Izihlahla kudala kusaphila okhokho bethu kwakuba yinto ebalulekile kakhulu ngoba babesebenzisa zona ukubasa umlilo uma bepheka ngoba wawungekho ugesi. Kuphinde kube wukuthi kwakuba khona izinhlobo zezihlahla ezazisiza ekwelapheni izifo ezahlukahlukene, ngoba imithi yodokotela nemitholampilo kwakungekho kudala kusaphila okhokho bethu. Uma usebenzisa umuthi wesintu kubalulekile ukuthi wazi isikalo okumele usisebenzise noma usithathe. Ukwazi ukuthi umuthi ufanele … Read more

Izimbiza, izintelezi nobulawu (Ingxenye yokuqala)