Izimbiza, izintelezi nobulawu (Ingxenye yokuqala)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Isebenzise le mininingwane ngokwazi ukuthi kungase kube khona ubungozi kuyo. Asikho isiqinisekiso sokuthi konke okukhona kule sizindalwazi kuqinisile nokuthi imiphumela yokusetshenziswa … Read more

Indlela yokwelapha isisu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ezikhathini zakudala ukwelapha ngendlela yesintu kwakuyinto ebalulekile ezimpilweni zabantu. Lokhu kwakubangelwa wukuthi imitholampilo yayingekho ezindaweni eziningi okwakwenza ukuthi abantu bahambe amabanga amade ukuthola usizo lwezempilo. Abantu babefunda ukusebenzisa imithi noma izihlahla zemvelo ukuzelapha izifo ezahlukahlukene. Kwakubalulekile kakhulu ukuthi ulwazi ababenalo baludlulisele kwababesakhula emindenini yabo ukuze nabo bakwazi ukuzelapha uma abantu abadala sebedlulile emhlabeni. Lolulwazi abantu … Read more

Abelaphi ngokuhlukana kwabo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Abelaphi bahlukene kaningi. Kukhona izinyanga, kukhona abathandazi, kube khona futhi nezangoma. Bonke lababantu benza izinto ngokuhlukahlukana ukusiza abantu ezinkingeni abasuke benazo. Inyanga uyitshela wena ukuthi unani, ukuthi izinkinga zakho zempilo ziyini. Isangoma nomthandazi yibona abakutshelayo ukuthi unani, ukuthi yini eyimbangela yezinkinga zakho. Bayakutshela futhi nokuthi ngeke baphoxeke uma uphikisana nalokho abakushoyo, bakuchazele nokuthi kuyenzeka bakutshele … Read more