Imithi yokwelapha yesintu

Uma usebenzisa umuthi wesintu kubalulekile ukuthi wazi isikalo okumele usisebenzise noma usithathe. Ukwazi ukuthi umuthi ufanele umuntu omncane (ingane) noma abantu abadala kuphela kanye nokwazi ukuthi ungasetshenziswa umuntu wesilisa noma wesifazane. Ukwazi ukuthi umuthi ungena ngenhla (uyaphuzwa), ngezansi (uyachatha), uyaphalaza noma uyagquma. Eminye imithi iyaphuzwa kuphela kodwa ayichathi kanti eminye ichatha kuphela ayiphuzwa. Eminye imithi … Read more

Imithi eyakhiwa ngokuthaka izilwane

Izilwane ziyadliwa ziphinde zisetshenziswe ukuthaka imithi yokwelapha. Emandulo okhokho babezingela lezi zilwane ngaphandle kokulandela noma ngemigomo ethile, kwakulula ukuzithola. Esikhathini samanje kunemithetho evikelwa ukuzingelwa kwezilwane ngoba ezinye seziyashabalala. Yize lemithetho isikhona, bakhona abelaphi bendabuko abasasebenzisa izilwane ukuthaka imithi. Imithi ethakwa ngezilwane singephike ukuthi iwusizo, kodwa kubalulekile ukuthi imvelo igcinwe isesimweni esihle kanye nokuqaphela ukuthi kungashatshalaliswa … Read more

Ukwelapha ngesintu

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Emandulo bekuthi uma kuke kwadunguzela inkosi, izanusi zibhule zibheke ukuthi konakalephi, ngisho nazo izinyanga bezivuka zizithathe zizama ukubhula umlilo wokudunguzela kwenkosi. … Read more

Imithi yokwelapha yesintu

Izihlahla kudala kusaphila okhokho bethu kwakuba yinto ebalulekile kakhulu ngoba babesebenzisa zona ukubasa umlilo uma bepheka ngoba wawungekho ugesi. Kuphinde kube wukuthi kwakuba khona izinhlobo zezihlahla ezazisiza ekwelapheni izifo ezahlukahlukene, ngoba imithi yodokotela nemitholampilo kwakungekho kudala kusaphila okhokho bethu. Lapha sibhekisisa lezizihlahla ezisinika amakhambi okwelapha esintu, futhi uhlobo lwalezihlahla luvamise ukuba sezindaweni ezisemakhaya. Nakhona ezindaweni … Read more