Imithi eyakhiwa ngokuthaka izilwane

Izilwane ziyadliwa ziphinde zisetshenziswe ukuthaka imithi yokwelapha. Emandulo okhokho babezingela lezi zilwane ngaphandle kokulandela noma ngemigomo ethile, kwakulula ukuzithola. Esikhathini samanje kunemithetho evikelwa ukuzingelwa kwezilwane ngoba ezinye seziyashabalala. Yize lemithetho isikhona, bakhona abelaphi bendabuko abasasebenzisa izilwane ukuthaka imithi. Imithi ethakwa ngezilwane singephike ukuthi iwusizo, kodwa kubalulekile ukuthi imvelo igcinwe isesimweni esihle kanye nokuqaphela ukuthi kungashatshalaliswa … Read more

Ukwelapha izilonda zangaphakathi

Ziningi izinhlobo zokugula esibhekana nazo zingabantu. Ukugula ke kubangelwa izinhlobo ezahlukene zamagciwane. Zikhona izindlela ezimbalwa zokugwema ukugula kodwa nazo aziwona umqamulojuqu. Okuye ukugula okujwayelekile kubantu abadala kanye nabantwana kuba izilonda. Izilonda zidalwa izinto ezahlukene, kuyaba indawo umuntu ahlala kuyo, umzimba omubi othatha ukugula kalula bese kuba kanye nokuthelelwa omunye umuntu. Indlela yokwelapha izilonda Ziningi izindlela … Read more

Ukwelapha umkhuhlane

Ziningi izinhlobo zezifo ezisiphathayo futhi zibangelwa izinto ezahlukene, umkhuhlane ungezinye zezifo ezejwayelekile. Ziningi ke izindlela zokwelapha umkhuhlane, singabala khona ukugquma/ukufutha, ukuphalaza nokunye. Kuleli khasi sithi ake sibhunge ngezindlela zokuwelapha eziphephile zezingane ezincane kanye nabadala. Nawa amakhambi okwelapha umkhuhlane, okungamakhambi ajwayelekile kwezinye izindawo. Inhlaba Inhlaba ngesinye sezihlahla esingakhethi ndawo yokumila, simila enkangala kanye nashlanzeni. Inhlaba ke … Read more

Ukwelapha ngesintu

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Konke okwethulwa kule sizindalwazi kudaliwe ngabantu nje futhi akuqinisekisiwe. Emandulo bekuthi uma kuke kwadunguzela inkosi, izanusi zibhule zibheke ukuthi konakalephi, ngisho nazo izinyanga bezivuka zizithathe zizama ukubhula umlilo wokudunguzela kwenkosi. … Read more

Ukugezwa komuntu

Ukuphila komuntu akugcini nje ngokuphila kwakhe esaphila ngokwemnyama emhlabeni lapho isahlangane nomphefumulo futhi ebonwa ngabantu aphila nabo. Umuntu ngisho esedlulile emhlabeni inyama isihlukene nomphefumulo usuke esaphila ngokomoya. Nalapho ngisho esedlulile umuntu emhlabeni siyaqhubeka sibe nobudlelwano naye ngoba phela usuke eseyidlozi esibhekile futhi esivikelile thina esisaphila, yingakho ngisho kuthiwa umuntu ube wuhlupho olungakanani esaphila kodwa uma … Read more

Ukuthetha idlozi

Izinto zamasiko zihlale zihlale ziguquke ngakho ukuhamba kweminyaka, ngoba lokho kusho ukuthi uzalo olusha lufika nezindlela ezintsha zokwenza izinto eziphathelene nawo amasiko nemigubho yawo. Lokhu kusho ukuthi nasemandulo bezikhona izinto ebezenziwa khona ezingasenziwa manje, kanti-ke futhi kukhona nobekusho osekwenziwa manje phambilini obekungenziwa. Angeke sigxile kakhulu ebuhleni nasebubini bokuguqula izinto zamasiko ngoba phela izikhathi zokukhulu nazo … Read more