Ukwelapha izilonda zangaphakathi

Isexwayiso

Ziningi izinhlobo zokugula esibhekana nazo zingabantu. Ukugula ke kubangelwa izinhlobo ezahlukene zamagciwane. Zikhona izindlela ezimbalwa zokugwema ukugula kodwa nazo aziwona umqamulojuqu. Okuye ukugula okujwayelekile kubantu abadala kanye nabantwana kuba izilonda. Izilonda zidalwa izinto ezahlukene, kuyaba indawo umuntu ahlala kuyo, umzimba omubi othatha ukugula kalula bese kuba kanye nokuthelelwa omunye umuntu.

Ilabatheka

Indlela yokwelapha izilonda

Ziningi izindlela zokwelapha izilonda, kuthiwa, “Awumbiwa ndawonye” ingoba amakhambi okwelapha nezihlahla ezisetshenziswayo zihlukane ngokwezindawo. Uma unezilonda ezahlukahlukene ngaphakathi usebenzisa lamakhambi alandelayo ukuzelapha. Lamakhambi alapha izilonda ezahlukahlukene. Uma welapha izilonda udinga isigaqa somvongothi esiziwele usomise, bese uthathe nesihlahla unsukumbili. Unsukumbili uzelapha ngisho nase zilwaneni zasekhaya izilonda uma kukhona imfuyo elimele uyagxotshwa ube manzi inkomo noma imbuzi igezwe ngawo isilonda, bese amagxolo akhona amanzi afakwe kuso isilonda kuboshwe ngendwangu lapho inkomo leyo iyasizakala. Sisekuyo eyezilonda zangaphakathi, ubuye ufake iCishamlilo. Lemithi yomithathu iyahlanganiswa, uyishise ngodengezi khona izoba insizi. Indlela yokuyi sebenzisa ukuyikhotha ekuseni, isemini kanye nantambama khona izilonda lezi ozilaphayo zizophela.

Ikhambi lokuqala

  • Thatha isigaqa somvongothi esiziwele usomise
  • Icishamlilo
  • Nsukumbili

Enye indlela yokwelapha izilonda

Enye indlela yokuzelapha njengoba sishilo ukuthi ayiyodwa uma ungasizakalanga kulena yokuqala ngoba phela imizimba yabantu ayifani ilena elandelayo. Imithi esetshenziswayo iLabatheka, Mganu, Nsukumbili, Cishamlilo,  Ntolwane kanye noMvongothi isigaxa sawo. Lezihlahla uyazihlanganisa ngoku lingana uzigaye ngesigqulo zibe impuphu. Bese zingena eziko ziphekwe kube izipuni ezintathu isikalo esinganga malitha amabili, ubiliswa imazuzu eyishumi, kungeqekuyo. Emuva kwalokho ufaka uhhafu wesipuni sebomvu, kanye nowesi babuli usaphuma ebhodweni lomuthi obuwupheka. Ukuze uwusebenzise kahle kudingeka uwulinde uphole kuqala bese uwuphuza kathathu ngosuku njalo ngemuva kokudla.

Imbiza yezilonda yesibili

  • Cishamlilo
  • Mganu
  • Nsukumbili
  • Labatheka
  • Ntolwane
  • Isigaxa somvongothi

Njengoba sishilo ukuthi ziningi izindlela zokwelapha izilonda zangaphakathi, ayikho engcono kwenye kepha kuya ngomzimba womuntu ukuthi wona uyamukela kanjani imbiza noma ikhambi elisuke lisetshenziswa ngaleso sikhathi. Ingakho abantu besebenzisa amakhambi ahlukene ukwelapha isifo esisodwa noma ezahlukene ngenxa yokuthi izinto ezithile zisebenza kahle kwabanye, kanti ke kwabanye kungabi ilokhu abakufunayo.

6 thoughts on “Ukwelapha izilonda zangaphakathi”

  1. Ithumbu elincane esiswini, lihlephukile okanye lephukile, lingasizakala njani ukubuyela esimeni salo.

    Reply
  2. Ngicela ukubuza ungangihlanganisela yini lembiza at a cost. Ngigcine ngokubulisa nokubonga

    Reply

Leave a Reply