Skip to content
- Umathunga – Imbiza yokuchatha, welapha izilonda zangaphakathi, izinsumpa, isibeletho. Lo muthi emandulo wawusetshenziswa ukuwasha, uphuhla igwebu elikhulu. Umathunga uyasiza ukuqinisa amathambo, uvula inzalo ngokuvula amashubhu avalekile kumuntu wesifazane. Uyasiza uma umuntu ehlushwa isifo somdlamvuza.
- Umsululu – Ungumuthi oyingozi, kumele usetshenziswe ngokucophelela. Welapha izinsumpa kubantu nasezilwaneni, unobungozi uma ungena emehlweni, uphuma into emhlophe sabisi. Umsululu uphinde usize ukuvika izulu ekhaya.
- Umavumbuka – Welapha izinduna kanye nesifo sokuwa, uyagaywa ufakwe entweni yokugcoba noma ube yisiphunge (imbiza yokuphuza). Umavumbuka ubuye usebenze ekubuyiseni inhlanhla uma ugeza ngawo.
- Isibabuli – Selapha izilonda kanye nokunuka komlomo. Siyakhothwa noma sifakwe entweni yokugcoba.
- Intolwane – Iyaphalaza, iyagquma kanye nokuchatha. Igeza namathunzi amnyama kanye nephunga elibi emzimbeni. Ikhipha udende uma uphalaza ngayo. Isiza ukwenza iqolo libe lula uma uchathe ngayo kanti futhi ikhipha ukuncola ngaphakathi.
- Impila – Iyaphalaza, iyagquma, iyageza, iyachatha. Isebenza ukulahla ithunzi elimnyama, inhlanhla kanye nokuba umhlabelo. Ithelwa esilondeni, isiqeda ukuthi singabhibhi kodwa some. Iyafakwa ngaphansi komqamelo ukuze ulale kahle. Inephunga elimnandi.
- Ugobho – Uyaphuzwa, uyachatha uqeda amanzi anganuki kahle kumuntu wesifazane. Usiza kakhulu uma umuntu wesifazane ekade eyoteta. Uyaphuzwa amadoda uma enenkinga yokungavukelwa.
- Insangu/umthunzi wezinkukhu – Iyabiliswa iphuzwe umuntu osuke enesifo soshukela, iphika noma ihayihayi (BP).
- Umhlakuva – Uyaphuzwa, imbiza eyisiphunga elapha izinso, ilungele bonke ubulili, isifazane kanye nesilisa.
- Ishaladi lezinyoka – Liyagquma, ligeze, liphuzwe, Iiyimbali etshalwayo emakhaya, lisiza ukunqandeni izinyoka ekhaya. Lisebenza ukwelapha emathunzini amnyama, liyageza uphinde ugqume ngawo. Uma ukhwehlela uyaliphuza ukwehlisa usi esifubeni, lixutshwa namanzi ashisayo noma isobho. Lixosha imimoya emibi ekhaya.
- Umvuthuza – Uyageza, uyagquma welapha izintwala zengulube kumuntu kanye nomeqo. Uyavuthuza njengoba lisho igama lawo.
- Umaphipha – Njengoba lisho igama lawo umuthi, uyaphipha konke. Ususa amathunzi amnyama, izichitho, umuntu osuke ebhajiwe noma uchama igazi. Umaphipha uyachela ekhaya ukuxosha imimoya emibi.
- Isidikili – Uyageza, ugqume, ungasiza kubantu abakugadlayo, abakuphosayo kanye nabakuthakathayo. Isidikili kuthiwa siyasiza uma ufuna abakubeke icala balidikile. Lo muthi kumele usetshenziswe ngokucophelela ngoma uma ungacopheleli noma uwusebenzisa isikhathi eside uyalenza idlozi likudikile wena muntu.
- Isihlenhle – Selapha izinyawo ezibuhlungu, siyaba umchithiso wezinja (uxutshwa nobisi ziphuziswe izinja), zigijima zingakhathali. Isihlenhle umuthi omuhle ezinkukhwini uma ziphethwe umkhuhlane, ufakwa emanzini eziwaphuzayo.
- Undabungehlele – Uyachatha,uyaphuzwa (uhlanganiswa nobisi), usiza umuntu wesilisa onenkinga yesidoda esintekenteke, ungavusa induku futhi ungenza umuntu wesilisa kube lula ukuthi akhulelise.
- Unukani ixolo – Uyagquma, uyaphalaza usiza ukukilina igazi, ukhipha isichitho. Uyisiphunge esihle kakhulu kubantu besifazane. Unukani wexolo awusetshenziswa ngaphezu kwamalanga amathathu ukugquma noma ukugeza kodwa isiphungo (ukuwuphuza) ungawusebenzisa noma kungaba amalanga amangaki.
- Umhlambamanzi – Uyageza, uyagquma, uyaphalaza, ugeza idlozi kususe idlozi eliphambanisa izinto. Ugeza kusuke konke okungalungile emzimbeni.
- Ifembo elikuhlaza– Uyageza, uyagquma, uyaphalaza, kuthiwa libuyisa inhlanhla liphinde liphendule konke okubi kube kuhle.
- Umathithibala – Izihlahla noma imbali enhle uma itshalwe ekhaya. Uvimbela abathakathi ukuthi bengagcwaneki nje, bezenzele ekhaya. Uthithibalisa abathakathi.
- Ikhathazo – Elokuchela igceke, likhathaza abakhunkuli uma befuna ukuzothakatha.
- Isigqiki somkhovu – Isihlahla esitshalwa ekhaya, uma kukhona lesi sihlahla egcekeni awungeni umkhovu. Lesi sihlahla sidinga imvumo kwabezemvelo ukuze usitshale.
- Isinwazi/uchithibhunga – Uyageza, uyagquma, uyaphalaza, siyaphuzwa siphinde sichathe ukusebenza njengesihlambezo kumuntu wesifazane ozithwele. Singaphuzwa izingane ezincane ukuze kubelula ukukhula nokuqaqeka kolimi futhi zihlakaniphe.