Inhlwathi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Sesike saloba kakhulu ngezilwane zasekhaya kanye nezasendle kule ngosi yolimi lwebele kepha-ke besisika nje kwelijikayo. Kulokhu sithi asikhe phezulu kwingwebu yobesiZulu sinichathekele ngolwazi mayelana nenyoka yasehlathini ebizwa ngokuthi inhlwathi. Abasaziyo isintu bazi kahle ukuthi inhlwathi ayigcini nje ngokuba yinyoka eyingozi kepha kuningi ngayo okuthinta abadala noma amadlozi kanye nabo-ke abalaphi bendabuko, sesisho phela izanusi nezinyanga … Read more

Ukuphupha ingulube yasendle

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ingulube yasendle kuyefana nokuphupha izimpisi kumbe izinyoka ngoba wonke la maphupho axwayisa ngokuba khona kwesitha empilweni yakho. Ukuphupha ingulube yasendle kuhluke kulawa amanye amaphupho ngokuthi ukuphupha ingulube yasendle kusho ukuba khona kwesitha esesabekayo futhi esiyingozi kakhulu ngenxa yonya leso sitha esinalo.

Izilwane ezilusizo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ezinsukwini zakudala bebengekho odokotela kodwa abantu babezilapha bona ngamakhambi nangezinye izilwane ezitholakala ehlathini. Bebe nesiphiwo sokuboniswa into enhle nembi ingakenzeki futhi bebeboniswa ukuyivika nokuyilapha nokuyichiliza iseza. Babekholelwa emadlozini abo nakokhokho babo, yingakho bebethi yibo abababonisa yonke into belele. Okhokho babo bebebabonisa bebafundisa ukuze baphile. Abafana abelusayo bebeba senhlanhleni yokufunda kwabadala konke lokhu ngoba bekwenzeka balimale … Read more

Amaphupho ngenyoka emnyama enebala elimhlophe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha inyoka emnyama enebala elimhlophe ngenzansi yiphupho elimele abadala noma amadlozi, lisho inhlanhla ezokwenzeka emndenini. Kanti ke uma uphupha ushawa inyoka ensundu kusho ulaka lwabadala phecelezi abaphansi. Amaphupho ngenyoka ensundu. Amaphupho ngenyoka eluhlaza. Amaphupho ngenyoka.

Amaphupho ngenyoka

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha inyoka noma izinyoka Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka. … Read more

Amaphupho ngenyoka eluhlaza

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma uphupha ubona inyoka ehlaza/ eluhlaza enkulu kusho ukuthi kunesitha esifuna ukukulimaza. Kungenzeka sibe ngisho ngaphakathi emndenini wakho. Ukuphupha inyoka eluhlaza kungaba wuphawu lwenjabulo, ukuchuma kanye nenhlanhla. Ukuphupha imamba eluhlaza kuhambisana nedlozi, ngoba yinyoka elungile kumele nasephusheni ilunge, uma inolaka ephusheni kungachaza ukuthi abantu abadala abajabule noma amadlozi aweneme. Kuchazani ukuphupha inyoka eluhlaza encane, kuchaza … Read more