Amaphupho ngenyoka

Ukuphupha inyoka noma izinyoka

Ukuphupha izinyoka akusiyo neze into ethokozisayo, kuchaza ukuthi kusuke kukhona isitha esikulandelayo. Futhi kuya ngokuthi iyiphi inyoka oyiphuphile. Isibonelo nje uma uphupha inhlwathi – lelophupho lisuke liqondene nabantu abadala, amathongo noma phecelezi amadlozi. Ukuphupha imfezi khona kusho ukuthi kukhona umuntu ozenza umngani kuwe ebe ekuxokizela, okusho ukuthi kunomuntu oseduze kwakho oyinyoka.

Uma uphupha izinyoka bese kuvela nomuntu kulelophupho, kusho ukuthi naye lowomuntu uyathinteka kulezozitha obhekene nazo.

Ukuphupha inyoka yabathakathi, okuyinyoka emnyama enomgogodla omhlophe, lokho khona kusho ukuthi kukhona umuntu okhunkula ikwenu noma ikini ngenyoka, lowomuntu esebenza ngokuthumela yona leyonyoka oyiphuphile ukuthi izothakatha.

Kanti ke okunye uma uphupha ubona izinyoka nje kukhomba ishwa ekusaseni lakho, lokho kufakazelwa wuhlobo oluthile lwenyoka eqondene nabadala esuke isho ukuthi amadlozi akuthukuthelele futhi othile uzokukhaphela ikakhulukazi uma inyoka ikhuluma.

Omunye angathi: “Ngiphuphe ngibona inyoka ensundu ihamba iya ngapha nangapha, kuthe kusenjalo kwaqhamuka emnyama yona izihambela kahle” – Leliphupho lisho ukuthi kukhona isitha esikugadlayo kodwa ke ithongo lakho liyakuvikela.

Ngokujwayelekile amaphupho ngenyoka axwayisa ngesitha kepha akuhlale kunjalo ngaso sonke isikhathi. Izinyoka ezifana nomdlume, ibululu, umzondo kanye nempumputhe azikhombi isitha. Lezi yizinyoka ezingenabo ubungozi obungafaniswa nobesitha, zona zikhomba inhlanhla engase ikwehlele esikhathini esifushane esizayo. Imvamisa leyonhlanhla isuke izovela ngomuntu ongesiye owasekhaya.

 

377 thoughts on “Amaphupho ngenyoka”

  1. Sawubona.ngicela ubuza kuysho ukuthini ukudliwa yinyoka esiliva ?ndayibulala yafa seyindidlile.

    Reply
  2. Sawubona ngicela ukubuza ukuthi kuchazani uma uphuphe kunezinyoka ezinkulu ezihlala endlini yabadala. Lezinyoka ngathi ama Anaconda kodwa eyodwa igcine ithatha umama wami washona.

    Reply
  3. Sawubona Kusho kuthini ukuphupha ngathi umamakho uthwele anenyoka e yellow enkulu afake nesandla emlonyeni wayo

    Reply
  4. Amen ngiphupha nginomama wami ongaseko emhlabeni sixoxa ngobuhle bengane bese ethi umana “besekufika indoda izo rape umntwana wami emuhle kanje ngingavele ngiyidabule amasende’ nami nhiphendule ngifakazele umama kona lapho bese kungqongqoza umuntu emnyango ngithi akangene mangithi ngiyavula emnyango akukho muntu kodwa ngibone inyoka enkulu emnyama iza izongena endlini njijike ngikhale ngimemeza kuthi nansi inyoko ngibone umama wami engasekho naye endlini

    Reply
  5. Kusho Ukuthini Ukuphupha inyoka ihluthwe isikhumba nje nge nkukhu yaze yafa kodwa ifuna ukungiluma ifile injalo

    Reply
  6. Sawbona ngicela uku buza kuchazani ukuphupha inyoka emnyama izihambela endlini ingalwi kodwa mina ngi yi saba ngifuna ibulawe akekho ofuna ukuyi bulala endlini ,nomntanami ayakuyo kodwa ingamlumi/ ingamlimazi

    Reply
  7. ukuphupha ingane ikuninda ngenyoka efile bese usalelwa isikhumba sayo emzimbeni lenyoka ingathi isaqimulili uma uyibika imbi nje impela

    Reply
  8. Hellooo,sacel kubuza kusho ukuthi ukuphupha inyoka eYellow and White icishe ikuluma and then ilibele ikujaha but at the same time ayikwenzi lutho meyikuficile

    Reply
  9. Sawbona, ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha ukha ugwava omkhulu omuhle, uma sengiwukhile kube yinto ngathi igoqwe ngolwembu. Ngayishaya phansi waphuma inyoka emnyama enkulu yabaleka

    Reply
  10. Ngcela ukubuza ngiphupha inyoka iqhamuka ngaphambi kwami nginqunu kulowomzuzu ngimbathe ithawula ngayibamba ngalo ithawula entanyeni yaze yafa ngabe kusho ukuthini

    Reply
  11. Ngicela ukubuza ngiphupha izinyoka ezi nombala brown and white kodwa ingibele emthin ungathi iya shitshashitsha enye sengathi idlalisa umzukulu wami kodwa ingamulumi lapho ngihleli nomunye umzala wami ungasekho sikhuluma ngabantu abangasekho ngabe kuchazane lokho

    Siphiwe ntuli

    Reply
  12. Sawubona Du.
    Ngiphuphe ngibona inyoka eBlack and white ihamba phezu kwama kana endlini kibo mamami, mine ngabaleka ngathi angisabuyi kuzolala lapha ngiyahamba. Ugogo no sisi ka mama bebeyibona lenyoka kodwa bathule bengasho lutho.

    Reply
  13. Hello, ngsacela uk.buza ukuthi kuchazani ukuphupha lokhu:sengathi ngikha omango abak.hlaza but abakhulu and ngises.hlahleni kuthe kuse.njalo kwaqhamuka u.sis ong.lamayo uphethe inyoka nge.saka koda mina bengimthume ukuthi ng.cela angilandele isigubhu but wabuya ne.nyoka ang.zange ngiy.buke nokuy.buka ngivele ngathi cha angeke ngiy.sebenzise lenyoka

    Reply
  14. Ngiphuphe inyoka emnyama engathi imamba emnyama imile ibheke phezulu ngabaleka ibe isisondela ifuna ukungena endlini yahluleka kepha ingcine ukuba ihambe phezu kwendlu ngaqoqa umndeni wami sizama ukubaleka

    Reply
  15. Sawubona ngiphuphe inyoka ibi green isijaha bengihlezi nomuntu engithandana naye isijaha sobabile iluhlaza inkudlana kwaqhamuka e brown yayivimba sathola ukubaleka yangasifica cela kubuza kusho ukuthini lokho

    Reply
  16. Sawubona, ngcela ukubuza ngiphuphe ngizwa into ingihamba emhlane yawa ngibona izinyoka eziningi ezinkulu emgwaqweni ngaphambi kokuthi ngifike emsebenzini bezimnyama kodwa eyodwa ibinombala ohlanganise ommyama noluhlaza inamehlo abomvu, ngibe sengitshela ubhuti engihlangane naye ukuthi aqaphele kunezinyoka wavele wangihleka, kuchaza ukuthini lokhu

    Reply
  17. Sawubona Mina ngicela uncendo ngephupho elibi elifikela ubaba wakwani ngezinyoka ezisendleni kodwa Zona zishile and eziningi

    Reply
  18. Hi Ngicela ukubuza ngiphuphe inkanyamba(Dragon with wings) isesidlekeni sayo nabantwana bayo abathathu ngihleli nabo, Kusho ukuthini

    Reply

Leave a Reply