Amaphupho ngemifino
Asho ukuthini amaphupho amayelana nemifino? Lokhu kuhlanganisa ubhontshisi, iklabishi, izaqathe, ummbila, imifino, ogalonci, u-anyanisi, uphizi, amazambane notamatisi.
Asho ukuthini amaphupho amayelana nemifino? Lokhu kuhlanganisa ubhontshisi, iklabishi, izaqathe, ummbila, imifino, ogalonci, u-anyanisi, uphizi, amazambane notamatisi.
Uma uphupha udla utamatisi kusho ukuthi kungenzeka kudingeke usebenze kanzima kodwa uyowuthola umvuzo wezithukuthuku zakho.
Uma uphupha udla uphizi oluhlaza osemusha kusho ukuthi uzoba nenhlanhla. Uma uphupha ngophizi owomile kusho ukuthi ezezimali zakho zingaba senkingeni.
Uma uphupha udla u-anyanisi kuyisibusiso esingesibusiso. Kusho ukuthi uzoba nomlingani othembekile kodwa kungenzeka nilwe izikhathi eziningi.
Uma uphupha udla ogalonci kusho ukuthi uzohlaselwa yizikhathi ezinzima kungekudala.
Uma uphupha udla imifino kusho ukuthi uzoba nenhlanhla. Amaphupho ngezitshalo.
Uma uphupha udla ummbila, noma umbila, kusho ukuthi uzoceba futhi ujabule empilweni. Uma kunganele ukuthi wonke umuntu adle nokho kusho ukuthi uzobhekana nobunzima.
Uma uphupha udla izaqathe kusho ukuthi uzochuma futhi ucebe.
Uma uphupha udla iklabishi kusho ukuthi uzoba nempilo ende ejabulisayo.
Uma uphupha udla ubhontshisi kusho ukuthi kungekudala uzohlangabezana nesiphithiphithi esizokubangela inkinga. Kodwa-ke kungasho ingcebo nenhlanhla uma ubhontshisi umningi kakhulu.
Uma uphupha udla ikhabe kusho ukuthi noma ikuphi ukugula okukuphethe kuzoba ngcono.
Uma uphupha ukuthi ubona ukolo kusho ukuthi ibhizinisi lakho lizothuthuka futhi uzothola zonke izinto ozithandayo.