Imifino

Imifino ihlukahlukene, kukhona ezimilelayo imbuya, ucadolo, intshungu nentebe kanye netshalwayo izintanga. Intebe iyona eyayidliwa ebusika ngoba ehlobo kwakuthiwa ibanga izulu. Lonke uhlobo lwemifino ludleka kahle uma luselusha, uma imifino isimdala iyaba nokubaba kanye nokuphuza ukuvuthwa. Imifino yonke iphekwa ngokufana.

Imifino yezintanga

Izintanga imifino etshalwayo ekhipha (ehlanza) amathanga. Uyakwazi ukuyikha noma ngabe awakatheli amathanga ukuyidla njengesishebo. Imifino yezintanga iyahlutshwa ngaphambi kokuthi iphekwe ngoba inezimpephana ezisakuhlaba.

Izithako

  • Imifino
  • Amafutha
  • Iswayi
  • U-anyanisi

Indlela yokwenza

Imfino iyawashisiswa, ikhishwe inhlabathi iphinde iyaqotshwa kuqala ngaphambi kokuba iphekwe. Ushisisa ibhodwe elinamafutha, ufake u-anyanisi. Uma u-anyanisi usuphekeke ngokwanele ufaka imifino neswayi, uvale. Udame ugovuza uma isinciphile ebhodweni, uma isiwakhame aphela amanzi isuke isilungele ukudliwa.

Imifino ungayidla nesigwamba, ujeqe kanye nophuthu.

Leave a Reply