Inganekwane yesiZulu: Inyoni yamasi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona indoda eyabe ifuna umsebenzi, yase ihambe kakhulu iwufuna kodwa ingawutholi. Kuthe ngolunye usuku yawuthola komunye umlungu, yaqashwa yasebenza ngaso leso sikhathi. Wase ethi umlungu uzomuholela inyoni ngoba imali owukheshi akanayo. Umlungu wathi le nyoni inezimanga, izomenzela yonke into ayifisayo. Ayike yanikwa inyoni indoda, umlungu wathi, “Ndoda, hamba uye ekhaya ungedluli ndawo.” Nebala yahamba … Read more

Amasi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uma kuvutshwa amasi, abesifazane babelungisa umcaba wezinkobe zommbila noma amabele. Uma usulungile umcaba uthathwe ngembenge uyiswe kusokhaya, njengoba yena ezivubela amasi akhe. Amasi aphathwa ngegula athelwe okhambeni okuvutshelwa kulo, kanye nezinkezo zokuvutshwa, kudliwe ngazo amasi. Umcaba ogayiwe kanye namasi asokhombeni bekumbozwa kuhlonishwa umnumzane wekhaya. Uma sekulethiwe, umnumzane ubezivubela amasi adle, akekho obelokotha ukumaya engakamayi usokhaya. … Read more

Uphuthu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uphuthu luphekwa ngempuphu, amanzi kanye neswayi. Imvamisa amanzi ophuthu awabi naso isikali, akalwa ngamehlo. Isisho, “Ungikala ngamehlo njengamanzi ophuthu” sisuselwa kukho ukuthi akunasikalo uma kuphekwa uphuthu. Izithako Indlela yokwenza Bilisa amanzi ebhodweni ufake iswayi bese ufaka impuphu, uvule imbobo bezulu ngephini, uvale ibhodwe imizuzu emibili, wehlise ukushisa kwesistofu. Usungaligovuza ke uphuthu lwakho ngophini noma usebenzise … Read more