isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amadombolo

Amadombolo inhlama yawo ixovwa njengekajeqe kodwa yona ayifakwa ushukela, ifakwa iswayi kuphela. Amadombolo aphekwa ngokwengezwa uma kuphekwa isishebo, isibonelo uma kuphekwe inyama yenkomo noma yenkukhu liyafakwa idombolo phakathi. Izithako Indlela yokwenza Hlanganisa ufulawa, amanzi, uyisti nosawoti ukuze kwakheke inhlama ethambile. Shova inhlama esitsheni ohlanganisele kuso. Kudingeka lokhu ukwenze imizuzu eyishumi. Mboza inhlama ngopulasitiki noma ngesivalo … Read more

Ujeqe

Ujeqe isidlo esenziwa ngofulawa, ungabalelwa ekudleni kwesintu njengesinkwa sakwantu. Abanye abantu bawubiza ngempama kanina. Ujeqe ungawudla nezinto eziningi okubalelwa kuzo isitshulu, itiye, isobho noma ibhotela. Ngezansi ngifake isithombe sokudla okudliwa nojeqe. Izithako Indlela yokwenza Hlanganisa ufulawa, amanzi, uyisti nosawoti ukuze kwakheke inhlama ethambile. Gingqa uphinde urole inhlama esitsheni ohlanganisele kusona. Kudingeka lokhu ukwenze imizuzu eyishumi. Faka … Read more

Ukudla okwenziwa ngofulawa

Ufulawa ukhipha ukudla okuningi okwahlukahlukene. Ezinye izidlo ezikhishwa ufulawa zidinga ukuxutshwa nezinye izithako kanti kwesinye izikhathi kuba ufulawa wodwa. Nalu uhlu lwezinhlobo zokudla okwenziwa ngofulawa

Isigwamba

Isigwamba idokwe eliqinile/elishubile eliphekwa ngempuphu. Isigwamba sidliwa nanoma iyiphi inhlobo yesishebo. Isigwamba ngesimanje saziwa ngepapa noma istifupapa. Izithako Indela yokwenza Isigwamba siphekwa ngokuthi kubiliswe amanzi bese kufakwa iswayi, impuphu, kuxutshwe namanzi (inhlama) sakubonda idokwe. Kuyayekwa kubile isikhashana bese kunezelwa/kufakwe impuphu ukuze sishube kakhulu. Ukukala ukushuba kwaso kuyezwakala nasesandleni kumpheki njengoba uphini noma isixembe siya ngokuya … Read more

Ukudla kwesintu

Kuningi isizwe sikaZulu esihluke ngakho kwezinye izizwe nezinhlanga. Akugcini nje ngamasiko, indlela yokugqoka ngokuvunula, umculo kumbe indlela isizwe sikaZulu esicikoza ngayo ngolimi; kodwa lesisizwe siphinde sizidlele amahlanga nangendlela esidla ngayo ukudla kwaso kwesintu. Phela abaziyo bathi ukudla kwesintu kwehla esiphundu impela, ungeke ukunike esingaboni. Kuleli khasi ke sithi ake sisike kwelijikayo sihlobe ngokumaya (ukudla) kwesintu … Read more