Inkomo iyaye ihlatshwe uma kwenziwa umsebenzi noma umnumzane emema umphakathi ukuthi uzobusa nje ekhaya kungonakele lutho. Kudliwe inyama kuphuzwe, kufinywe ngendololwane.
Emandulo umnumzane wayehlaba inkabi noma inkunzi ukuze asike isihlangu/ihawu. Okhokho babekholelwa ekutheni inkomo ehlatshelwa ukusika ihawu nje kuphela yayikhipha ihawu elihle. Isikhumba senkomo sasibekwa ngokucophelela ngoba kwakwaziwa inhloso yaso. Sasivikelwa ezilwaneni njengezinja ukuthi zingasidli.
- Ububende – Ububende ukudla okwakhiwa yingxube yegazi lenkomo kanye nezicubu ezithile zenkomo. Cofa igama ububende ukuthola iresiphi yokupheka ububende.
- Umkhusu – Umkhusu/umqwayiba inyama esikwa enkomeni iluhlaza ifakwe iswayi bese iphanyekwa endaweni epholile. Cofa igama umkhusu ukuthola iresiphi yokwenza umkhusu.