isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Ukudla okuphekwa ngempuphu

Impuphu itholakala ngokugaywa kombila owomile. Impuphu ikhipha ukudla okuningi okunye kudinga ukuxutshwa nokunye ukuze kukhiphe isidlo esithile. Cofa ohlwini olungezansi ukufunda isidlo ngasinye esiphekwa ngempuphu noma esixutshwa nempuphu ukuphekwa. Nalu uhlu lwezinhlobo zokudla okuphekwa ngempuphu

Isigwamba

Isigwamba idokwe eliqinile/elishubile eliphekwa ngempuphu. Isigwamba sidliwa nanoma iyiphi inhlobo yesishebo. Isigwamba ngesimanje saziwa ngepapa noma istifupapa. Izithako Indela yokwenza Isigwamba siphekwa ngokuthi kubiliswe amanzi bese kufakwa iswayi, impuphu, kuxutshwe namanzi (inhlama) sakubonda idokwe. Kuyayekwa kubile isikhashana bese kunezelwa/kufakwe impuphu ukuze sishube kakhulu. Ukukala ukushuba kwaso kuyezwakala nasesandleni kumpheki njengoba uphini noma isixembe siya ngokuya … Read more