Umbhushu/isigwaqane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Umbhushu uphekwa ngenxube yempuphu nobhontshisi. Lesi sidlo siphekwa ngobhonshisi onsundu noma obomvu kuphela. Esikhathini samanje umbhushu udliwa abantu abasabathayo ngoba uyadleka noma ubanda. AmaNazaretha ayawupheka ngoLwesihlanu, awudle ngeSabatha (Mgqibelo) imini yonke. Izithako Indlela yokwenza: Ubilisa ubhontshisi kuze kube uyathamba. Ufaka amafutha neswayi kubhontshisi kugxabhe ndawonye kuze kube amafutha neswayi kungena kahle kubhontshisi. Ufaka impuphu, ubonde … Read more

Amadade

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Amadade amazambane anamakhasi amnyama, ayaphekwa adliwe odwa noma axutshwe nempuphu. Izithako Indlela yokwenza Uma ufuna ukupheka amadade ehla esiphundu landela lendlela engezansi. Izitsha kanye nebhodwe olisebenzisayo qinisekisa ukuthi kuhlanzekile ngaso sonke isikhathi, ukwenza njalo uzopheka ukudla okunempilo futhi okungenawo amagciwane. Lesi sidlo singadleka sodwa noma nesishebo.

Uphuthu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Uphuthu luphekwa ngempuphu, amanzi kanye neswayi. Imvamisa amanzi ophuthu awabi naso isikali, akalwa ngamehlo. Isisho, “Ungikala ngamehlo njengamanzi ophuthu” sisuselwa kukho ukuthi akunasikalo uma kuphekwa uphuthu. Izithako Indlela yokwenza Bilisa amanzi ebhodweni ufake iswayi bese ufaka impuphu, uvule imbobo bezulu ngephini, uvale ibhodwe imizuzu emibili, wehlise ukushisa kwesistofu. Usungaligovuza ke uphuthu lwakho ngophini noma usebenzise … Read more

Ukudla okuphekwa ngempuphu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Impuphu itholakala ngokugaywa kombila owomile. Impuphu ikhipha ukudla okuningi okunye kudinga ukuxutshwa nokunye ukuze kukhiphe isidlo esithile. Cofa ohlwini olungezansi ukufunda isidlo ngasinye esiphekwa ngempuphu noma esixutshwa nempuphu ukuphekwa. Nalu uhlu lwezinhlobo zokudla okuphekwa ngempuphu

Isigwamba

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Isigwamba idokwe eliqinile/elishubile eliphekwa ngempuphu. Isigwamba sidliwa nanoma iyiphi inhlobo yesishebo. Isigwamba ngesimanje saziwa ngepapa noma istifupapa. Izithako Indela yokwenza Isigwamba siphekwa ngokuthi kubiliswe amanzi bese kufakwa iswayi, impuphu, kuxutshwe namanzi (inhlama) sakubonda idokwe. Kuyayekwa kubile isikhashana bese kunezelwa/kufakwe impuphu ukuze sishube kakhulu. Ukukala ukushuba kwaso kuyezwakala nasesandleni kumpheki njengoba uphini noma isixembe siya ngokuya … Read more