Isigwamba

Isigwamba idokwe eliqinile/elishubile eliphekwa ngempuphu. Isigwamba sidliwa nanoma iyiphi inhlobo yesishebo. Isigwamba ngesimanje saziwa ngepapa noma istifupapa.

Izithako

  • Impuphu
  • Amanzi
  • Iswayi

Indela yokwenza

Isigwamba siphekwa ngokuthi kubiliswe amanzi bese kufakwa iswayi, impuphu, kuxutshwe namanzi (inhlama) sakubonda idokwe. Kuyayekwa kubile isikhashana bese kunezelwa/kufakwe impuphu ukuze sishube kakhulu. Ukukala ukushuba kwaso kuyezwakala nasesandleni kumpheki njengoba uphini noma isixembe siya ngokuya sisinda, kubanzinyana ukubonda.

Isigwamba sesimanje

Izithako

  • Amanzi
  • Impuphu
  • Iswayi
  • I-Rama
  • Ushizi
  • Ama-herbs

Indlela yokwenza

Kubiliswa amanzi kufakwe i-Aromat, kufakwe inhlama sakupheka idokwe, uma isibilile isikhashana kufakwe ibhotela (i-Rama) noshizi kanye nezihlahlanyana zokupheka (Greek herbs) aluhlazana bese kufakwa impuphu, ukushubisa ipapa.

Leave a Reply