Isigwamba idokwe eliqinile/elishubile eliphekwa ngempuphu. Isigwamba sidliwa nanoma iyiphi inhlobo yesishebo. Isigwamba ngesimanje saziwa ngepapa noma istifupapa.
Izithako
- Impuphu
- Amanzi
- Iswayi
Indela yokwenza
Isigwamba siphekwa ngokuthi kubiliswe amanzi bese kufakwa iswayi, impuphu, kuxutshwe namanzi (inhlama) sakubonda idokwe. Kuyayekwa kubile isikhashana bese kunezelwa/kufakwe impuphu ukuze sishube kakhulu. Ukukala ukushuba kwaso kuyezwakala nasesandleni kumpheki njengoba uphini noma isixembe siya ngokuya sisinda, kubanzinyana ukubonda.
Isigwamba sesimanje
Izithako
- Amanzi
- Impuphu
- Iswayi
- I-Rama
- Ushizi
- Ama-herbs
Indlela yokwenza
Kubiliswa amanzi kufakwe i-Aromat, kufakwe inhlama sakupheka idokwe, uma isibilile isikhashana kufakwe ibhotela (i-Rama) noshizi kanye nezihlahlanyana zokupheka (Greek herbs) aluhlazana bese kufakwa impuphu, ukushubisa ipapa.