Inganekwane yesiZulu: Abangani abakhulu impungushe nendlulamithi

Kwasukasukela… Kwakukhona indlulamithi kanye nempungushe. Zombili lezi zilwane zazithandana, zingabangani futhi zichitha isikhathi esiningi ndawonye njengoba zazingabangani. Ngolunye usuku impungushe yezwa inkemane. “Woza sambe mngani wami,” esho kumngani wakhe indlulamithi. “Mngani wami asihambe, asiye lapha ngaphesheya emasimini siyofuna okuya ngasethunjini.” “Umbono omuhle lowo, asinikele khona mngani wami”, kusho indlulamithi iconsa amathe. Indlulamithi yabe isicabanga nje … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ukati wasedolobheni nokati wasemakhaya

Kwasukasukela, kwakukhona uNqeqe ukati wasedolobheni kanye nokati wasemakhaya. Ukati wasemakhaya wahlela ukuya edolobheni ukuze athole ipheya elisha lezibuko. Usehlangana nokati wasedolobheni esitobhini. “Sawubona wemhlobo wami kade yagcinana”, kusho ukati wasedolobheni. “Impela ayisazani”, kusho ukati wasemakhaya, noma engaboni kahle neze. Wayemangazwe ubude bamabhilidi kanye nokungaboni imvelo njengoba ejwayele emakhaya. Ukati wasemakhaya wafaka izibuko zakhe. “Bushonephi ubuhle … Read more

Inganekwane yesiZulu: Indoda yesikhwama semali

Kwasukasukela, kwakukhona indoda eyayidakiwe isazoba nohambo. Yahamba yayogibela ibhasi esitobhini, isiyozela injalo. Yathi nje ingahlala phansi yazithinta amakhokhi, yabona ukuthi isikhwama sayo semali silahlekile. Yazama ukuziqoqa kanye nokuziqinisa ukuze ikwazi ukuma noma izidakelwe. Yasukuma yathi, “Yeyi nina! Nonke enilapha masela ndini, ngifuna isikhwama sami semali, ositshotshile akaziveze manje.” Yakhombisa ukuzethemba indoda ngokusho lamazwi abagibeli ebhasini … Read more

Inganekwane yesiZulu: Uphondo lwenkomo

Kwasukasukela, kwakukhona ubaba, intombazane kanye nomama. Langa limbe umama wagula washona, ubaba wasala nengane yentombazane. Ubaba waqhubeka nempilo wathola omunye unkosikazi, waganwa futhi. Lo baba waganwa ikati lentaba elalinengane yentombazane. Ikati lentaba lalithatha izimpahla zale ntombazane ezinhle, lizinike ingane yalo. Intombambazane kamkhwenyana walo eyinike ezingamadabudabu, ezigugile. Langa limbe intombazane ihambe iyolusa izinkomo, yahlala phansi yakhala, … Read more

Inganekwane: Unogwaja onejubane

Kwasukasukela, kwakukhona unogwaja onejubane. Emandulo kwakukhona unogwaja owawugijima kunazo zonke ezinye izilwane epulazini. Wayeziqhenya kakhulu impela ngokuthi uyazehlula ezinye izilwane epulazini ngokugijima. Wayengakwazi nokuzibamba elokhu exoxela ezinye izilwane ukuthi ungumgijimi ovelele yena. “Ngigijima ngishiye nesithunzi,” wayeqhoshela ngokuphindelela umngani wakhe, ugwinsi. Ngelinye ilanga ekuseni unogwaja nogwinsi bahlangana esangweni elingena ensimini yasepulazini. Akuthathanga isikhathi eside ngaphambi kokuthi … Read more

Inganekewane: Amawele

Kwasukasukela, kwakukhona amantombazane amabili angamawele, ayeneminyaka eyishumi kanti amagama alamawele kwakungu Lungile noNokulunga. Langalimbe kuvalwe izikole acela kuyise ukuvakasha ekhaya komama, kugogo wabo. Lamawele ayekwazi ukwenza yonke imisebenzi yasekhaya: ukugeza izitsha, ukupheka, ukuhlakula, ukutheza  kanye nokukha amanzi. Endaweni ayeyigugu futhi ethandwa kakhulu ngenxa yokukhuthala kanye nokuziphatha kwawo. Ayeziphatha kahle kakhulu edlula onke amantombazane asendaweni. Zazikhona izinkomba … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ubuqili bemfene

Kwasukasukela, wakukhona umama owayehlala nomntwana wakhe. Umakhelwane wakhe kuyi mfene. Imfene yayidume ngokuntshotsha iphinde idle abantwana. Umama wayesebenza emaplazini kude kakhulu nekhaya. Umama wayenendlela afundisa ngayo ingane yakhe futhi yayazi ukuthi nguye kuphela okhuluma nayo ngaleyo ndlela. Njalo umama uma ebuya wayethi, “Mntanami ngivulele, ngikuphathele isinkwa nebhotela.” Umntwana wayevula ngemuvanje kokuzwa lawomazwi kamama wakhe. Imfene … Read more

Inganekwane yesiZulu: Izinkwa ezintathu

Kwasukasukela, kwakukhona indoda eyayisebenza ezimayini iminyaka eminingi ingasayi ekhaya. Kwathi mhla ithatha umhlalaphansi umqashi wayo uzoyinika imali engango-R5000.00 noma izinkwa ezintathu. Isinkwa ngasinye sinomumangalisokqnye kanye nomyalelo waso. Yacabanga indoda yathi, ‘kulungile mlungu wami, nginike izinkwa’. Isinkwa sokuqala umyalelo uthi ungahambi ngendlela enqamulelayo. Isinkwa sesibili noma ungahlwelwa ungangeni muzi wamuntu. Isinkwa sesithathu noma yini ozofike ukubone … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ugogo nabafana abathathu

Kwasukasukela, kwathi ngelinye ilanga ugogo ezihambela eya ehlathini wahlangana nabafana abathathu abangagqokile. Wahamba nabo ugogo waya nabo endlini wafika wabanika izinto zokugqoka. Wathi ugogo, “Obani obani amagama enu bantabami?” Baphendula abafana, “uNgembazo, uSobathathu kanye noNgabangcono.” Wathi ugogo, “Ngembazo ngicela uyothenga isinkwa ubuye sizodla”, ahambe uNgembazo afike esitolo acele ukuthenga. Odayisayo abuze ukuthi uthengani, engakhulumi athi, … Read more

Inganekwane yesiZulu: Imfene nonogwaja

Kwasukasukela, kwakukhona umama mfene wayehlala ngokuthula emgedeni, ehlala nengane yakhe encane okwakuwukuphela kwayo. Njalo ekuseni wayevuka ehambe eyozingela, ashiye ingane yodwa. Wayeyishiya eyenzele amasi amaningi ezokwazi ukuwadla aze abuye. Wavuka ekuseni njengenjwayelo, wenzela ingane yakhe amasi wase yahamba, kanti unogwaja ucuthile naye ulambile. Unogwaja wayazi ukuthi imfene njalo ishiyela ingane amasi. Wayilinda yaze yayosithela, wase … Read more

Inganekwane yesiZulu: Indoda emfishane

Kwasukasukela, kwakukhona indoda emfishane kakhulu. Lendoda yayihlala yodwa ngenxa yokuthakatha futhi inenhliziyo embi. Langa limbe kunomsebenzi kwamakhelwane, yahamba yaya khona lendoda. Yathi uma ifika yahlala nabantu ababehleli ebhentshini. Lendoda ngobufishane bayo yayingabonakali, ukudla kunikwe abantu abaseduze nayo kuphela kuzwakale izwi elincane,”Yini ndaba ningincisha mina?” Abantu baxakeke ukuthi yini le ekhulumayo manje abayiboni. Kuhambe isikhathi uze … Read more

Inganekwane yesiZulu: Indoda yembongolo

Kwasuka sukela, kwakukhona indoda eyayihlala yodwa , ihlupheka kakhulu. Le ndoda yayihlala eduze nomfula owawaziwa ngezimanga, yayizihlalela nembongolo yayo kuphela yashonelwa abazali isencane kakhulu. Ngelinye ilanga yavuka yathatha izinto zayo zokudoba yaqonda emfuleni yadoba usuku lonke kodwa yangabamba lutho. Yathi ingathatha isinqumo sokuphindela ekhaya, yathi uma iphosa amehlo emanzini yabona ufishi omkhulu yabe isiphindela khona … Read more

Inganekwane yesiZulu: Umlingo wenduku

Kwasukasukela, kwakukhona umfana osemncane ephethe, eyiNkosi esigodini. Wayephila kahle futhi enakekela isigodi sakhe ngomlingo wenduku, ayinikwa uchakide. Lo mfana wayebusa kahle kodwa kwahamba isikhathi kwaba nezinkinga ngoba abantu babethembele kuye njengomholi wesizwe. Babenezidingo eziningi futhi ezingapheli. Umfana wacabanga isu lokubabulala kodwa esaba ukuthi kungase kushabalale konke ayesenakho. Umfana wahamba wayovakashela iNkosi yakwesinye isigodi eyocela izeluleko … Read more

Inganekwane yesiZulu: Izilwane ezinezimpondo

Zonke izilwane ezinezimpondo zahlangana zahlela umcimbi omukhulu. Lokho akwehlanga kahle kunogwaja njengoba yena engenazo izimpondo. Wabona kukuhle ahambe ayofuna izimpondo zenyamazane eyafa. Wahamba wazithola izimpondo. Walungisa kahle inhloko yenyamazane yalingana nenhloko yakhe. Wathatha inomfi wanamathisela kahle wanamathisela enhloko yakhe. Wazibona emuhle, kumfanela, wabe eseya khona emcimbini. Wamukeleka wangena ngaphakathi. Zamangala zonke izilwane ezinezimpondo zibona uzakwabo … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ikati lesikhwama

Kwesukasukela, kwakukhona umlimi owayenamadodana amathathu. Kwahamba iminyaka washona umlimi, akashiyanga lutho ngaphandle komshini wakhe wokugaya ummbila, imbongolo kanye nekati. Indodana endala yathatha umshini, indodana yesibili yathatha imbongolo yahamba nayo, kwase kuthi umagcino wathatha ikati. “Ayikho into engizoyenza,” kubalisa umagcino, “Ngizovele ngidle leli kati bese ngenza amagilavu ngesikhumba salo. Emuva kwalokho ngingasenalutho kulo mhlaba, ngizofa ngibulawe … Read more

Inganekwane yesiZulu: Umfana oyisiwula

Kwasukasukela, kwakukhona umfana owayeyisiwula. Lomfana wayengenabazali wakhula kanzima. Abantu babengamthandi lomfana futhi wayengenabo abangane. Wayesebenza ukulusa izinkomo emzini yabantu. Abantu babeshaya sengathi bayamthanda uma kukhona ekufanele abenzele kona njengakho ukwelusa, ukusenga kanye nokulima. Kwakuthi noma kukhona okonakele endaweni kuthiwe nguye umfana owonile. Wakhula ke umfana ngaphansi kwalezizimo ezinzima. Kwakunzima noma umfana esethi uzama ukweshela ngoba … Read more

Inganekwane yesiZulu: Umama nezinkukhu

Kwasukasukela, kwakukhona umama nezingane ezintathu, amantombazane amabili nomfana omncane. Lo mama wayenomakhelwane ofuye izinkukhu eziningi ehluleka ukuzivalela zonke ehhokweni lakhe. Izinkukhu zikamakhelwane zazijwayele ukungena zidle ummbila kalo mama. Umama wabiza ubaba wakwamakhelwane wamtshela ukuthi akhuleke izinkukhu noma azivalele. Waxolisa umakhelwane washo ukuthi ziningi kakhulu zibuye zimehlule ukuzilawula. Kwathi ehambile umakhelwane, zaphuma izinkukhu zagcwala egcekeni lalomama, … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ukubekwa kweNkosi yezilwane

Kwasukasukela, kwakukhona izilwane zifuna ukubeka inkosi yazo. Izilwane zonke zanquma umhlangano, emhlanganweni kwathiwa ozobekwa abe iNkosi kumele aqede isaka likapelepele angasho ukuthi, “hl hl hl.” Nangempela yaqala impungushe yaluma owodwa yathi, “hl hl” kwathiwa phuma. Kwalandela indlovu yaluma yathi, “hl hl” kwathiwa phuma. Zalandela zonke izilwane zonke zathi, “hl hl” zabuyiselwa eceleni.  Kwabizwa unogwaja, waluma … Read more

Ziyini izinganekwane?

Izinganekwane izingxoxo ezivamise ukuxoxwa ebusuku uma sekuzolalwa noma uma abantu sebesezingutsheni. Izinganekwane ziyaxoxwa nasezikoleni njengezifundo kubantwana. Emandulo kwakuthiwa inganekwane ayixoxwa noma ayethiwa emini ngoba uzomila izimpondo. Izinganekwane zesiZulu zisiza ukuhlanganisa umndeni, ukulalela, ukucabanga, zihluza umqondo ngenkathi uxoxa abalalele balangazelela ukwazi isiphetho. Izinganekwane zehlukahlukene, kukhona ezikhuluma ngabantu kanye nezilwane. Kukhona ezikhuluma ngabantu kuphela nezikhuluma ngezilwane kuphela. … Read more

Inganekwane yesiZulu: UGogo noMkhulu

Kwasukasukela… Kwakukhona uGogo noMkhulu ababegula futhi beguge ngokufana bobabili, babehlala bodwa. Kwathi ngelinye ilanga uGogo wathula wacabanga, wajula ngomqondo. UGogo wabiza uMkhulu ngemuva kokucabanga, “We myeni wami, ngicela uze ngapha.” Weza umkhulu bahlala phansi. Bathi behlala phansi uGogo waluqala udaba, “Mkhulu, nginecebo lapha engikade ngilicabanga. Ngicabanga ukuthi sihambe siyoziphosa eweni khona sizofa sobabili kanye-kanye ngoba … Read more