Inganekwane yesiZulu: UQakala noPhoshozwayo (Isigaba 4)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Indaba iphetha lapha ngesigaba sesine. Qala ngofunda isigaba sokuqala esesibili nesigaba sesithathu. Itulo likaQakala lokubulala uPhoshozwayo UQakala wayithola intuba yokufaka umfowabo emgodleni, kepha kwasinda khona ukuthi akulula ukubulala umuntu, wazithola eseyofuna okuphuzwayo khona ezobamba isibindi. Wathe nje esahleli ezitika ngotshwala kwadlula ixhegu elidala lixhegula liluse imfuyo. Wakhuluma nalo uPhoshozwayo lamnika imfuyo kodwa lona lifuna ukuthi … Read more

Inganekwane yesiZulu: UQakala noPhoshozwayo (Isigaba 3)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Indaba iqhubeka lapha ngesigaba sesithathu. Qala ngofunda isigaba sokuqala nesigaba sesibili. Ubuwula bukaQakala Ngenxa yomona nokuzwela enhliziyweni ngokuthi umfowabo usenamaHhashi amaningi, uQakala wathi yena uzobulala ayishumi khona ezodayisa izikhumba zibeziningi ezokwazi nokuthi umhlambi ongaphezu kukaPhoshozwayo. Ngempela ke uQakala wadumela izikhali zakhe wawadla ngejozi amahhashi akhe ayishumi elawulwa inhliziyo yakhe enomona. Kuthe eseqedile wawahlinza emva kwalokho … Read more

Inganekwane yesiZulu: UQakala noPhoshozwayo (Isigaba 2)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Indaba iqale ngesigaba sokuqala, esitholakala lapha. Ibandla lidingida udaba lwenyama Adumale kakhulu usokhaya uma etshelwa ngesehlo sokunyamalala kwenyama ebhodweni, athi akubhekwe umhlubulo wayo la wona obekwe khona nakhona lutho umhlubulo, kwala ngisho sekubhekwa umkhonto ezintingweni nalapho kwayisona leso kukhala ibhungane akukho lutho. Ayi bavele bayihambise esigcawini lendaba yokulahleka kwenyama, bahamba nje kulomuzi uPhoshozwayo usekhona phezu … Read more

Inganekwane yesiZulu: UQakala noPhoshozwayo (Isigaba 1)

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

KwesukesukelaCosiKwakukhona, uQakala noPhoshozwayo.Sampheka ngogozwana Kwakukhona isaguga esasihlala nabazukulu baso ababili amagama abo kunguQakala kanye noPhoshozwayo. Kulabazukulu bakagogo, omdala wabo okwakunguyena indlalifa kwakungu Qakala bese elanywa ilona owamagcina uPhoshozwayo. Izingane noma kungaba ezandawonye futhi zibe izelamani kepha kujwayelekile ukuthi kube khona enomqondo osheshayo kunenye. Kulezi zelamani kwabe kunguyena uQakala owayebukeka edonsa kanzima engahlakaniphile kahle, bese kuthi … Read more

Inganekwane yesiZulu: UMfece noMnqamulembazo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona izithandani ezimbili ezazihlala endaweni embi, enamazimu. Owesifazane igama lakhe kwakunguMfece, owesilisa kwakunguMnqamulembazo. UMnqamulembazo wayesebenza njalo. Uma eya emsebenzini eyale umuntu wakhe ukuba engavuleli muntu, kwakuvalwe ngedwala lapha ababehlala khona. Kwakungavuleki lapho abahlala khona uma ungaphandle, kwakuvula umuntu ongaphakathi kuphela. UMnqamulembazo kwakukhona iculo ayelicula ukuze bamuvulele. Wayevula ethi, “ltshe lika Ntunjwambili ngivulele ngingene”, bese … Read more

Inganekwane yesiZulu: UManqinenyathi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona umuzi owabe unezinkomo eziningi. Lapha kulomuzi kwakuhlala ubaba nendodana yakhe bobabili kuphela. Igama lendodana kwakungu Manqinenyathi, ubaba wayo wayeyiteketisa ngokuthi uManqina. Lapha ekhaya babeziphilisa ngokusenga izinkomo, bedle amasi. Umnumzane walapha ekhaya wayebuye ahlabe khona nje noma kungonakele lutho, kubuswe. Wayengabazi ukuhlaba noma nini wazise sasigcwele phama isibaya sakhe. Izinkomo zalapha ekhaya zazeluswa indodana … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ibhece lezimanga

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona intombazane eyacela ukuyogana kunina. Wavuma unina wathi, “Hamba mntanami, uma ufika emzini ungangeni endlini esindwe ngobulongwe bezinkomo kodwa ungena endlini esindwe ngobulongwe bezinkukhu.” Nangempela ihambe intombazane ifike ingene endlini esindwe ngobulongwe bezinkukhu izwe iphunga iphume ibaleke inyela okusindwe ngobulongwe bezinkomo. Ifike ihlale, ithi isahlezi kungene inyoka enkulu iphume ibaleke intombazane iye kubo. Ithi … Read more

Inganekwane yesiZulu: Imana kamfundisi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuka sukela, kwakukhona umfundisi endaweni owayephethe ibandla, lalikhulu enza izimangaliso.  Lomfundisi wayefuye imfene, wabhaka amagwinya, watshela imfene ukuthi, “Mangithi ‘Nkosi yehlisa imana’, wehlise igwinya.” Wavula imbhobo phezulu endlini. Imfene yahlala phezulu kwendlu. Safika isikhathi sokungena kwesonto, waqala ukushumayela umfundisi wathi, ”Namhlanje ngizocela uSimakade asiphe imana.” Wathandaza eNkosini wathi, “Nkosi, Nkosi yehlisa imana!” Laqala lehla elokuqala … Read more

Inganekwane yesiZulu: Ichwane lenyoka nechwane lengungumbane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona ichwane leNyoka. Laphuma lihuhuluza ngesisu njenge njwayelo ichwane lenyoka emgodini walo ukuze liyodlala, zahlakazeka zonke izilwane. Inyoni yandiza yayohlala egatsheni eliphezulu esihlahleni. Amagundane ahlakazeka. Ichwane lengungumbane nalo alibanga lisabuza mkhuhlane latshopela emgodini walo ngokushesha. “Mama kungani ezinye izilwane zingangithandi?” kubuza ichwane lenyoka. “Njalo uma ngiphumela phandle zibaleka zishiye isithunzi, azilindi nokuthi sibingelelane.” “Izilwane … Read more

Inganekwane yesiZulu: UMpukane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuka sukela, kwakukhona umfana ogama lakhe uMpukane. Esigodini lapho kuhlala khona lomfana kwakukhona iNkosi yesizwe eyayicebile. Langa limbe yalahlekelwa isikhiye segolide. Isikhiye segolide kwakungese putumende lapho kwakukhona bonke ubucwebe beNkosi. Yakhipha isimemezelo esizweni ukuthi ozoyitholela ukhiye wayo uzothola umklomelo omkhulu. Kuthe elule izinyawo, evakashele kwamakhelwane weNkosi uMpukane wezwa izalukazi zihleba ngokhiye weNkosi olahlekile. UMpukane eyizwe lendaba, … Read more

Inganekwane yesiZulu: INkosikazi yamadoda amabili

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona umama owayenamadoda amabili, enye yayisebenza eGoli enye isebenza eThekwini. Lo mama wayethanda le esebenza eGoli kakhulu. Bobabili nale ethandwayo babopha uzungu lokubulala le esebenza eThekwini. Bamba umgodi omkhulu abazoyiphosa kuwo. Bayibopha izandla nezinyawo bathi bezama ukuyiphosa kwaphoseka umfazi yabaleka le esebenza eGoli yasala indoda phezu komgodi. Wamemeza umfazi emgodini, “Dali Dali! Ngicela ungikhiphe.” … Read more

Inganekwane yesiZulu: ULahle noBhontshisi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuka sukela, kwakukhona uLahle noBhontshisi. Laba bobabili babezwana kakhulu. Langa limbe uLahle waqonywa yintombi enhle kanti noBhontshisi uyayithanda lentombi. UBhontshisi wadinwa wagana unwabu ukuthi akaqonywanga, intombi yakhetha umngani wakhe. Lokho kwamphatha kabi uBhontshisi, akaze abuthithi quthu ubuthongo, ethatha ebeka ecabanga isu lokuhlukanisa uLahle nentombi bese ithanda yena. Wacabanga ukuthi uma engafa uLahle engasala ethandana kahle … Read more

Inganekwane yesiZulu: UNtandane noNtandose

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona uNtandane noNtandose kanye nomama kaNtandose. Umama kaNtandane washona, wanyengudadewabo kamama kaNtandose. Ngelinye ilanga umama kaNtandose wayehambile eyotheza ehlathini lebhubesi ezwile ukuthi izinkuni zakhona zitholakala kalula futhi zomile. Wahamba wayotheza wathi esetheze waqeda qhamukiyane ibhubesi esabopha inyanda yakhe wethuka, lwameqa uvalo. Lakhuluma ibhubesi lathi, ”WeNkosikazi  kusho bani ukuthi theza ehlathini lami?” Waphendula umama, “Akushongo … Read more

Inganekwane yesiZulu: Impisi enonya

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona ufudu, impisi kanye nengulube. Langa limbe ufudu luzidlela amakhowe kwaqhamuka impisi eyayidume ngenhliziyo yayo embi. Yafika yacikeka ukubona ufudu ludla futhi lubukela lujabule, yaluxhavuna ngezidladla zayo yalugaxa esihlahleni yalushiya kanjalo lulenga kuhle kwendaba engaqediwe ukuxoxwa. Ufudu lwasala lukhala, lungakwazi ukwehla. Amakhowe alo aconsisa amathe lwase luwadla ngamehlo, lungakwazi ukuzehlela. Ngosuku olulandelayo kwaqhamuka ingulube … Read more

Inganekwane yesiZulu: Inyoni yamasi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona indoda eyabe ifuna umsebenzi, yase ihambe kakhulu iwufuna kodwa ingawutholi. Kuthe ngolunye usuku yawuthola komunye umlungu, yaqashwa yasebenza ngaso leso sikhathi. Wase ethi umlungu uzomuholela inyoni ngoba imali owukheshi akanayo. Umlungu wathi le nyoni inezimanga, izomenzela yonke into ayifisayo. Ayike yanikwa inyoni indoda, umlungu wathi, “Ndoda, hamba uye ekhaya ungedluli ndawo.” Nebala yahamba … Read more

Inganekwane yesiZulu: UDemezane kagogo nochakijane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona ugogo owayehlala nomzukulu wakhe uDemezane. Langa limbe, kusekuseni  uDemezane wahamba wayongqongqoza emnyango kagogo wakhe. Ngalelo langa kwakulusuku lwakhe lokuzalwa. Ugogo wakhe minyaka yonke uma nje kulusuku lwakhe lokuzalwa wayemupha isipho. Wacishe wamelwa inhliziyo umnyango kagogo wakhe uvulwa uchakijane. “Ungubani wena ovula umnyango kagogo, umshonisephi ugogo?” kubuza uDemezane, ngolaka. “Ngingumfowabo kagogo wakho, ungalinge ukukhahle … Read more

Inganekwane yesiZulu: Umfana ongumhlabelo wengwe

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona indawo eyayinehlathi elesabeka kakhulu. Lelihlathi lalaziwa ukuthi ligcwele amabhubesi, izingwe kanye nezinye izilwane ezinobungozi. Ibhubesi yayingcono kakhulu impilo yalo ngoba lalibaleka ligibele emthini. Kwakuyisono nengwe, yayingakwazi ukukhetha ukugibela emthini ngoba iyakwazi ukucaca emthini. Kwakukhona ingwe eyayihlala eduze kulendawo. Ingwe yatshela umndeni wayo ukuthi inesifiso sokuvakashela umhlobo wayo ohlala ngemuva kwentaba. Ingwe yayinemithwalo eminingi okwakumele … Read more

Inganekwane yesiZulu: Isalukwazi nezimu

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuka sukela, kwakukhona isalukazi nezimu. Isalukwazi besihlala nengane kanye nomkhwenyana wakwaso, bevuka beyohlakula ugogo asale ekhaya. Ngelinye ilanga uma bephuma beya emasimini ugogo asale ezibusisa ngamasi kamkhwenyana okhambeni. Afake nebheshu likamkhwenyana, ahlale esigqikini somkhwenyana . Kuhambe isikhathi umkhwenyana asole kuthi khona odla amasi akhe. Abuze, “Ubani lona ozenza mina odla amasi ami?” Baphike nesalukwazi sithi … Read more

Inganekwane yesiZulu: Umgexo wezimanga

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasuke sukela, kwakukhona iNkosi eyayibathanda abantwana bayo kanye nesizwe sayo. Kwathi ngelinye ilanga, umfana owayelusela iNkosi wangafika. INkosi yanquma ukuthi kube ngabafana bayo abazoyokwelusa ngalelo langa. Nangempela abafana bazikhiphe izinkomo zikayise, bazelusele endaweni eyayibukeka iyinhle, ilihlathi futhi inotshani obuningi. Zathi zizitika izinkomo, abafana bahlala phansi baphumula emthunzini owawushaya umoya omnandi. Umfana ongumagcino yena athi usayozikhulula. … Read more

Inganekwane yesiZulu: Imbila nomsila wayo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

KwesukesukelaCosiKwakukhona imbilaSampheka ngogozwana Emandulo zonke izilwane ezazikhona ziphila zazinganayo nhlobo imisila. Lana sibala ezasekhaya nezasehlane okuyiziNja, amaKati, iziNkomo, iziMbuzi, iziMbongolo, amaHhashi, iziNgulube nazo zingenayo imisila. Ehlane zonke nje zazinganayo nalapho sibala oNogwaja, iziNyathi, iziMpunzi, iziNdlovu, amaBhubesi – kahle kahle nje zonke zazinganayo imisila namashoba eziphunga ngakho. Kuthe ngokubona lokhu uMdali wabe esecabanga ukuthi kahle kahle … Read more