Inganekwane yesiZulu: UManqinenyathi
ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso
Kwasukasukela, kwakukhona umuzi owabe unezinkomo eziningi. Lapha kulomuzi kwakuhlala ubaba nendodana yakhe bobabili kuphela. Igama lendodana kwakungu Manqinenyathi, ubaba wayo wayeyiteketisa ngokuthi uManqina. Lapha ekhaya babeziphilisa ngokusenga izinkomo, bedle amasi. Umnumzane walapha ekhaya wayebuye ahlabe khona nje noma kungonakele lutho, kubuswe. Wayengabazi ukuhlaba noma nini wazise sasigcwele phama isibaya sakhe. Izinkomo zalapha ekhaya zazeluswa indodana … Read more