Inganekwane yesiZulu: UDemezane kagogo nochakijane

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona ugogo owayehlala nomzukulu wakhe uDemezane. Langa limbe, kusekuseni  uDemezane wahamba wayongqongqoza emnyango kagogo wakhe. Ngalelo langa kwakulusuku lwakhe lokuzalwa. Ugogo wakhe minyaka yonke uma nje kulusuku lwakhe lokuzalwa wayemupha isipho. Wacishe wamelwa inhliziyo umnyango kagogo wakhe uvulwa uchakijane. “Ungubani wena ovula umnyango kagogo, umshonisephi ugogo?” kubuza uDemezane, ngolaka. “Ngingumfowabo kagogo wakho, ungalinge ukukhahle … Read more