Indaba iqhubeka lapha ngesigaba sesithathu. Qala ngofunda isigaba sokuqala nesigaba sesibili.
Ubuwula bukaQakala
Ngenxa yomona nokuzwela enhliziyweni ngokuthi umfowabo usenamaHhashi amaningi, uQakala wathi yena uzobulala ayishumi khona ezodayisa izikhumba zibeziningi ezokwazi nokuthi umhlambi ongaphezu kukaPhoshozwayo. Ngempela ke uQakala wadumela izikhali zakhe wawadla ngejozi amahhashi akhe ayishumi elawulwa inhliziyo yakhe enomona. Kuthe eseqedile wawahlinza emva kwalokho walibangisa edolobheni ukuyozama ukuthengisa izikhumba zamaHhashi.
Akuhambanga njengokucabanga kwakhe uQakala ngoba phela wahujwa amaphoyisa kwabancane indawo ebaleka. Phela abomthetho babemjahela ukuthi bafuna ukumbopha bembophela ukudayisa izikhumba eziletha izinambuzane nokungcola. Wabuyela kubo ejuluke emanzi te kade ebalekela amaphoyisa. Afike abuze kumnewabo ukuthi kanti yena ukwaze kanjani ukudayisa isikhumba njengoba amaphoyisa edla lubi nje.
UPhoshozwayo wamphendula ngokuthi yena awamujahanga neze. Kwaba yinto edlulayo lento, kanti uQakala wenza itulo lokusoconga umfowabo ngakho njalo ukudliwa umona. Izindaba azihlali ke phansi, lenkulumo yahamba yagcine ifikile kuPhoshozwayo ukuthi umfowabo ufuna ukumenza isilo sengubo. Wabe esecabanga icebo elizomphephisa, kwathi ngosuku abazomsoconga ngalo, wavele wazigulisa wawumuntu obangwa nezibi impela. Esikhundleni sokuthi alale yedwa la akalala khona, wacela ukulala la okulala khona ugogo wakhe.
Ngabo lobobusuku wafika la kulala khona uPhoshozwayo ethi uyamugawula kanti ugawula ugogo wakhe, wanede wezwa lokhu uPhoshozwayo wathula du wacasha ngoba ebona ukuthi uzokwenziwa isilo sengubo. Sashona ke isalukwazi leso sibulawa uQakala ethi ugadla kumfowabo. Emva kwalokho uPhoshozwayo wathatha ikhanda likagogo wakhe elase lihlukene nesidumbu waligqokisa ingubo kwaba ngathi umuntu ophilayo wabe eseya nalo endaweni yokudlela yamaNdiya.
Uma efika khona wathi ugogo wakhe akaphekelwe afunzwe nakho ukudla lokho, ngokungazi amaNdiya athinta ugogo wakhe ikhanda lawa bhu phansi lahlukana nezimpahla. UPhoshozwayo watshela amaNdiya ukuthi awakhokhe amvale umlomo ngoba uma engakwenzi lokho uzowabophisa. Nebala amnika imali leyo, wayisebenzisa ukufihla kahle isalukwazi sakhe enye yasala imali kwaba eyakhe.
Ngenxa yawo futhi umhobholo uQakala wabe esebuza umnekwabo ukuthi imali engaka uyithathephi. Wathola impendulo yokuthi uPhoshozwayo uyithathe ngokudayisa ugogo wakhe. Ezwa lelo uQakala wabe esethi yena uzobulala izalukwazi ezimbili azidayise, ngempela wenza kanjalo. Nalapho kwaminyana utshumo ezama ukudayisa lezo zidumbu zombili wajahwa amaphoyisa nomphakathi wabaleka washiya isithunzi. Ngendlela ayendiza ngayo ebaleka akekho ngisho owacishe wamfica ngejubane.
Esedumele waphindela kumfowabo uPhoshozwayo eyobuza ukuthi kanti yena usebenzisa maphi amasu uma edayisa, ngoba ucishe wafa ejahwa. Akuphelanga sikhathi esingakanani uQakala waphinde wabuyela kukho ukuthi phela umfuna efile umfowabo. Kulokhu ke wenza ngenye indlela ngoba wavele wafaka uPhoshozwayo emgodleni ngenhloso yokumufaka esizibeni.
Indaba iphetha ngesonto elizayo ngesigaba sesine.