Inganekwane yesiZulu: Impisi enonya

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Kwasukasukela, kwakukhona ufudu, impisi kanye nengulube. Langa limbe ufudu luzidlela amakhowe kwaqhamuka impisi eyayidume ngenhliziyo yayo embi. Yafika yacikeka ukubona ufudu ludla futhi lubukela lujabule, yaluxhavuna ngezidladla zayo yalugaxa esihlahleni yalushiya kanjalo lulenga kuhle kwendaba engaqediwe ukuxoxwa. Ufudu lwasala lukhala, lungakwazi ukwehla. Amakhowe alo aconsisa amathe lwase luwadla ngamehlo, lungakwazi ukuzehlela. Ngosuku olulandelayo kwaqhamuka ingulube … Read more

Ukuphupha ingulube yasendle

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukuphupha ingulube yasendle kuyefana nokuphupha izimpisi kumbe izinyoka ngoba wonke la maphupho axwayisa ngokuba khona kwesitha empilweni yakho. Ukuphupha ingulube yasendle kuhluke kulawa amanye amaphupho ngokuthi ukuphupha ingulube yasendle kusho ukuba khona kwesitha esesabekayo futhi esiyingozi kakhulu ngenxa yonya leso sitha esinalo.

Amaphupho ngezimpisi

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Njengokuphupha inyoka, ukuphupha impisi kubika ukuba khona kwesitha esiyingozi kuwena. Lesisitha kusuke kungumuntu omkhonzile kakhulu, wena ozitshela ukuthi ubudlelwano benu naye buhle kakhulu. Kungaba yilunga lomndeni wakho, kungaba ngomunye wabangani bakho, kungaba ngumakhelwane wakho, noma futhi kube ngumuntu osebenza naye – lezi yizibonelo nje ezimbalwa. Uma uphuphe izimpisi ezingaphezu kweyodwa, lokho kuchaza ukuthi kuneqembu labantu … Read more