Amaphupho ngezimpisi

Njengokuphupha inyoka, ukuphupha impisi kubika ukuba khona kwesitha esiyingozi kuwena. Lesisitha kusuke kungumuntu omkhonzile kakhulu, wena ozitshela ukuthi ubudlelwano benu naye buhle kakhulu. Kungaba yilunga lomndeni wakho, kungaba ngomunye wabangani bakho, kungaba ngumakhelwane wakho, noma futhi kube ngumuntu osebenza naye – lezi yizibonelo nje ezimbalwa. Uma uphuphe izimpisi ezingaphezu kweyodwa, lokho kuchaza ukuthi kuneqembu labantu abayizitha kuwena futhi ukuzwana kwabo kuhlanganiswe wukuba yizitha kuwena.

Enye futhi incazelo lapho umuntu ephupha impisi ngeyokuthi lokho kungabikezela ingozi ekusaseni lalowo ophuphayo. Kanti uma umuntu ephupha ezingela futhi abulale impisi, lokho kungasho ukuthi lowo ophuphayo uzokulwa kumbe abe nengxabano nabathandiweyo bakhe.

Amadlozi Amalobolo Amaphunga Imali Imicimbi Imicimbi yesintu Imifino Imililo Imishado Inyama Izaga Izigodi Izikhathi Izilwane Izinambuzane Izingubo Izinhlanzi Izinhlwathi Izinja Izinkomo Izinyoka Izinyoni Ukudla Ukufa Ukugula Ukuhamba Ukukhubazeka Ukuzwa Umshado Utshani

2 thoughts on “Amaphupho ngezimpisi”

  1. Ngicela ukubuza ukuphupha ibhubesi neMpisi kujaha abanye, kodwa mina kungiyekela

    Reply

Leave a Reply