Ukulobola (isigaba emshadweni wesintu)

Isihloko sokulobola sihlobene nomgcagco wesintu. Phambilini sike saloba ngokuthi ilobolo selenziwa ihlaya kanjani namhlanje ngenxa yabantu asebeliphendule inhlekisa ezweni. Kodwa-ke into eyenza lokho noma isizathu salokho yingoba ngisho sezishintshile izinto, njengoba siphila esikhathini samanje lapho abantu sebawayeka khona amasiko, kodwa lelisiko lokulobola alipheli. Okwenzekile ukuthi selishintshile kunangendlela ebelenziwa ngayo phambilini esikhathini sasemandulo. Noma bebaningi-ke abagxeka … Read more

Amaphupho ngomcimbi womshado

Uma uphupha ukuthi uyashada kuyibhadi ikakhulukazi kwabesilisa. Kusho ukuthi kuzoba nezikhathi ezinzima empilweni yakho maduzane. Uma omunye wabantu ephusheni lakho begula noma bekhubazekile kusho ukuthi uzoba nomshado ongenayo injabulo. Kuyinhlanhla kuphela uma umuntu wesifazane eziphupha eshada nekhehla.