Isithembu

Isithembu usiko lapho indoda ithatha abafazi abeqile koyedwa. Kusadliwa ngoludala bekuba nezizathu ezinqala ezibangela ukuthi indoda ithathe isithembu. Uma ngenza isibonelo bekungaba wukuthi umama wekhaya akakwazi ukuthola abantwana bese indoda ivumelana naye umama kanye nabomndeni ngokuthi akubekhona omunye owesifazane ozongena ekhaya azoba umfazi ukuze ezozala abantwana kwande isizukulwane salowo mndeni. Lapha eNingizumu Afrika ngokwenjwayelo nangokosiko … Read more

Amaphupho ngothando nomshado

Asho ukuthini amaphupho ngothando nomshado? Lokhu kuhlanganisa ukuthandana nomuntu ngaphandle komshado wakho, amadoda angaganiwe, omakoti, omkhwenyana nezimpelesi, ukuhlukumeza, idivosi, ukuthembisa umshado, ukuqabula, ukucela umshado, ukwaliwa, imishado, umcimbi nendandatho yomshado.

Iculo elikhombisa ukungenami ngomendo

Indaba ebuhlungu yabantu ikakhulukazi besifazane abaganiswa ngaphandle kwemvume yabo ngenxa yenkece etholwa umndeni kamakoti uma kulotsholwa insakavukela umchilo wesidwaba emhlabeni jikelele. Kanjalo-ke nasezweni lamaZulu lokhu kunokwenzeka futhi kunomlando omude, ngangokuthi kwaze kwaqumbuka ingoma ethi uBaba udayise ngami. Leli culo lihaywa kanje: Ubaba nomama bangishiy’ okhalweni Angizazi ukuthi ngiyinto yokwenzani Ngiyeke baba ngiseyingane x2 We bomalume … Read more

Ingoma yokuvulisa abasekhweni amasango

Uma kugiywa, kuyiwa le nale kugujwa ukuhlangana ngokothando nangokomshado ngokwesintu esizweni samaZulu, iculo elithi ‘Sivulele singene’ alivamile ukusala ngaphandle. Leli culo livame ukuculwa ngabasekhweni uma bezocela isihlobo esihle emndenini womakoti. Abasekhweni basuke bezicelela  kuyise kamakoti ukuthi abavumele bengena emagcekeni ukuze kuxoxwe indlela eyaphambili nezohlanganisa imindeni yombili. Uma nje bevulelwa isango, abasekhweni basho ngengila, becula leli … Read more

Ukukhonga (isigaba emshadweni wesintu)

Awukho umgcagco wesintu oba khona uma kungalandelwanga imigudu yakhona efana nokuqoma kumbe ukuqonywa, ukucela isihlobo esihle kanye nokulotsholwa; lapha sibala nje izinto ezimbala. Zonke izigaba eziba khona ngaphambi ngokuba kube wusuku lomgcagco zenziwa ngendlela yakhona yosiko lwethu thina Zulu. Kulengosi ke sikhuluma ngendaba enkulu eyenzeka lapho kulotsholwa, sikhuluma ngokukhonga. Asiyibeke kanje lendaba, uma insizwa isimbonile … Read more

Amaphupho ngomshado

Uma uphupha ushada noma usemshadweni, lokho kuchaza ukuthi emndenini kukhona ozoshona noma ozovelelwa yinkinga embi. Kodwa uma umuntu ephupha akuvamisile ukuthi aziphuphele yena, iphupho lisuke limayelana nomunye umuntu.

Amaphupho ngengubo yomshado

Iphupho ngengubo yomshado lisho isifo esiwumkhokha omubi ekhaya noma ukushona komuntu aye kwelokhokho. Leliphupho lisondelene nabantu abaseduze nawe noma abayizihlobo zegazi kuwe. Amaphupho ngomshado.  

Umabo (isigaba emshadweni wesintu)

Njengeningi lezinkolo ezahlukene kanye nezizwana zakhona, umshado wesiZulu nawo unezigaba zawo. Esilungwini kuqala ngesicelo somshado phecelezi “Engagement”, kulandele idili likamkhipheni elibizwa ngokuthi “Kitchen tea”, bese kuza i “Bulls Party” bese kugcina wona ke umshado loyo. Emshadweni wesintu ke kuqala kuyo indaba yamalobolo noma sesiyikhela phezulu ke njengoba kuqalwa ngokuqonywa noma ukumisa iduku. Emva kwamalobolo, kulandela … Read more

uMembeso (isigaba emshadweni wesintu)

Ukulobola nomembeso noma izibizo izinto ezahlukene noma abantu babuye baziphambanise. Kwesinye isikhathi umuntu ukhuluma ngokulobola kodwa inkulumo yakhe yona ibe ichaza umembeso, noma akhulume ngomembeso kodwa ebe eqonde ukulobola. Kuyenzeka umembeso uhambisane kanyekanye nokulobola noma ukulotsholwa, kodwa ke akusiwona umgomo lowo noma impoqo ngoba phela kuya ngamandla omuntu. Ngaphambi kokuba senabe kakhulu ngendaba yalesisihloko esikhuluma … Read more

Ukulobola (isigaba emshadweni wesintu)

Isihloko sokulobola sihlobene nomgcagco wesintu. Phambilini sike saloba ngokuthi ilobolo selenziwa ihlaya kanjani namhlanje ngenxa yabantu asebeliphendule inhlekisa ezweni. Kodwa-ke into eyenza lokho noma isizathu salokho yingoba ngisho sezishintshile izinto, njengoba siphila esikhathini samanje lapho abantu sebawayeka khona amasiko, kodwa lelisiko lokulobola alipheli. Okwenzekile ukuthi selishintshile kunangendlela ebelenziwa ngayo phambilini esikhathini sasemandulo. Noma bebaningi-ke abagxeka … Read more

Umshado nomuntu ongasekho

Lapha sibheka izindlela ezimbili zokushada nomuntu ongasekho. Eyokuqala yilapho eshona sekwenziwe wonke amalungiselelo noma omunye ashade kodwa engaqedanga ukukhipha izinkomo zamalobolo. Kuthi noma esefile kudingeke ukuthi umndeni wakhe noma amadodana akhe amqhubekela nokuyolobola komalume. Ukushada nomuntu ongasekho Ngokwesintu kunabantu noma imindeni ekholelwa ukuthi umshado awumiswa futhi awuhlehliswa, kuthiwa yibhadi ukuwumisa noma ukuhlehlisa. Njengokuthi uma eshona … Read more

Ukuvuswa komuzi emndenini

Kubalulekile ukuthola abantwana kumuntu noma kubantu asebeganene. Abantwana bayisibusiso esivela kuMdali nasemadlozini, futhi isibongo somndeni kunenkolelo yokuthi ngeke sishabalale uma kunezingane zabafana kulowomuzi. Kunezinto esiningi ezingaba yimbangela yokungabikho kwabantwana kulabo abasuke sebeganene, okungaba amaphutha enzeka ekhaya kamakoti noma amaphutha enzeka emzini (ekhaya kwamkhwenyana). Okusho ukuthi kungaba ulaka lwabaphansi. Kwezinye izindawo umuntu akayekwa kodwa uyageqwa ukuze … Read more

Indawo Lapho Kufanele Izingxoxo Zamalobolo Zibanjelwe Khona

Udaba lokulobola lude futhi miningi imigomo nemithetho elandelwayo uma kuqala lesigaba. Okubalulekile ukuthi yomibili imindeni kufanele iqinisekise ukuthi ziyalandelwa zonke izinto ngendlela ezojabulisa nalabo abangasekho. Lapha sibheka ukuthi ilobolo kufanele likhokhwe komuphi umuzi. UMama uThembi Mdlalose usilandise kabanzi ngaloludaba. Ilobolo isiko elibalulekile lesintu lapho imindeni emibili engazani iqala yakha ubuhlobo ngoba izingane zabo sezifuna ukuganana. … Read more