Lapha sibheka izindlela ezimbili zokushada nomuntu ongasekho. Eyokuqala yilapho eshona sekwenziwe wonke amalungiselelo noma omunye ashade kodwa engaqedanga ukukhipha izinkomo zamalobolo. Kuthi noma esefile kudingeke ukuthi umndeni wakhe noma amadodana akhe amqhubekela nokuyolobola komalume.
Ukushada nomuntu ongasekho
Ngokwesintu kunabantu noma imindeni ekholelwa ukuthi umshado awumiswa futhi awuhlehliswa, kuthiwa yibhadi ukuwumisa noma ukuhlehlisa. Njengokuthi uma eshona umkhwenyana umshado uyaqhubeka ngokuthi lowo oselotsholiwe ushada nomfana walowomuntu wesilisa oshonile noma indodana yakhe kodwa basuke bemele lowo ongasekho. Umndeni uhlala phansi ubonisane kuvunyelwane ngalokhu ngoba phela umakoti usuke esezohlala yedwa ekhaya. Okuqaphelekayo ngalomkhuba ukuthi kwenziwa ngabantu abasuke sebevele benezingane zakulowomuzi befuna ukuthi zikhulele ekhaya. Zikhona izinkinga ezihambisana nalomkhuba. Njengokuthi kukhona abanye omakoti abangeke bakuthakasele ukufika kukamakoti engenaye umyeni phakathi nekhaya ngoba phela kungenzeka abathathele abayeni babo. Okunye okwenzekayo ukuthi noma ngabe bekuthiwa umfowabo walowo omdala umele umfowabo ngosuku lomshado kuyenzeka bagcine sebeganene abe unkosikazi wesibili uma ngabe owesilisa ebeseganiwe. Lokhu kwaziwa njengesiko lokungena.
Ukulobolela umuntu ongasekho
Kunemindeni noma izimo eziphoqa ukuthi abantu bashadiswe noma ngabe ilobolo alikhokhwanga lonke. Imindeni iyavumelana ukuthi lizoqedelwa kanjani bese beyashada labo ababili. Kuyenzeka ukuthi bagcine bengasalihambisanga ngezimo ezithile okungaba umnotho aze ashone owesilisa. Isikhathi esiningi abantu abakholelwa emadlozini abalandela lomkhuba. Ngenxa yokubona ukuthi izinto azihambi kahle batshelwe ukuthi kufanele kuqedelwe ilobolo. Lapha indodana endala ekufanele imele uyise ngokuthi iye komalume iyoqedela amalobolo kanina ukuze zonke izinto zibahambele kahle.
Okunye
Azikho izifungo ezibakhona emshadweni wasemakhaya noma kowesintu, kuphela intombi iyabuzwa yiphoyisa lenkosi ukuthi iyazi ukuthi kuhlangenwe ngani lapha noma izokwenzani lapha bese iyavuma, ibuzwe ukuthi iyamazi yini lomuntu ezoshada naye iphinde ivume uma kunjalo bese beyahlanganiswa ngokusemthethweni.
Ngokwasemakhaya noma ngokwesintu asikho isehlukaniso emshadweni. Kuthiwa ngezikhathi zakudala uma kunokungezwani ekhaya indoda yayihamba sengathi iyofuna umsebenzi kude nekhaya ingaphinde ibuye kanti seyathola omunye unkosikazi. Zazibakhona izimo ezazingenza ukuthi owesifazane abuyiselwe ekhaya kubo ngenxa yokungaziphathi kahle. Kodwa lokhu kwakungadingi ncwadi yokuqinisekisa. Imindeni yayihlangana kukhulunywe ngalokho. Indoda yayingaganwa uma isathanda.
Ezikhathini zakudala umuntu wesifazane noma ngabe uganile wayengenalo ilungelo lokuthola ifa. Amafa okungahlanganisa umhlaba, imfuyo njalonjalo kwakuba ngokwamadodana noma indodana endala. Umuntu wesifazane umsebenzi wakhe kwakuwukubheka ikhaya.
Kusho ukuthini ukuphupha ubaba wakho osewashona eshadelwa umfazi wesibili
kusho ukuthini ukuphupha unkosikazi wakho ongasekho ethi kumawakhe makeze kimi angitshele ngimuthengele ukudla izinyanga ezintathu?
Sawubona, nansi incazelo esinayo https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/?highlight=amaphupho%20ngabantu%20abangasekho
Kushoni kuphupha unethwa yimvula usendlini
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngemvula
Kutshoni ukuphupha umshado ungowabantu abashonayo ungowesonto lesintu
Lokhu kungasho isifo ekhaya, nalu olunye ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngomshado/
KUSHO UKUTHINI UKUPHUPHA UMZALI WAKHO ONGASEKHO EMHLABENI, ONGAKAZE WAMPHUPHA EKUTSELA UKUTHI UYAXOLISA KADE ENGEKHO KODWA MANJE USEBUYILE.
Nalu ulwazi esinalo: https://iafrika.org/amaphupho-ngomama/