Ukubelethwa komntwana

Asikho isizwe esikhula ngaphandle kwabantwana abakhula babe yisisekelo saleso sizwe. Akumangazi ke ukuthi nakithi sizwe sikaZulu abantwana bayigugu elikhulu futhi ukufika kwabo kuthokozelwa kakhulu njengoba kuthathwa njengesibusiso esivela kumdali, uMvelinqangi uqolo lwakhe. Njengabantu abalawulwa ngamasiko okwenza izinto, kuyinqubo mgomo ukuthi kumelwe ahlonishwe umuntu wesifazane ozithwele. Naye futhi lowo ozithwele bekunezinto  zesintu okumele azilandele, azihloniphe, futhi … Read more

Amaphupho ngokubeletha (ukuthola umntwana)

Uma ungumuntu wesifazane uphupha ubeletha umntwana, lelo phupho lingaba nezincazelo ezahlukahlukene. Izincazelo zivela ekutheni ubelethe kanjani ephusheni lakho. Uma uphupha ubeletha kabuhlungu noma umntwana enqaba ukuphuma, lokho kuyibika lokuthi kukhona izinto okungezakho (imvamisa inhlanhla) okufanele ngabe sezifikile kuwena kepha kunomuntu okuvimbile lokho. Kanti uma uphupha ubeletha kahle nomntwana aphume ekhala ngengokujwayelekile, lokho kubika ukuthi kunenhlanhla … Read more