Uma ungumuntu wesifazane uphupha ubeletha umntwana, lelo phupho lingaba nezincazelo ezahlukahlukene. Izincazelo zivela ekutheni ubelethe kanjani ephusheni lakho. Uma uphupha ubeletha kabuhlungu noma umntwana enqaba ukuphuma, lokho kuyibika lokuthi kukhona izinto okungezakho (imvamisa inhlanhla) okufanele ngabe sezifikile kuwena kepha kunomuntu okuvimbile lokho. Kanti uma uphupha ubeletha kahle nomntwana aphume ekhala ngengokujwayelekile, lokho kubika ukuthi kunenhlanhla ezokuvelela kungekudala futhi kuzoba yinto yangunaphakade.
ngcela ukubuza kusho ukuthini ukuphuma ukhulelwe mese kufika umuntu osebenza naye akunike into esajuice uyiphuze mese uphunyelwa isisu , nakhona masiphuma ingane iphuma ngathi imbethe ayichithekanga yabayigazi.
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokukhulelwa
Ukuphupha ukhala kakhulu bekuntshontshela
Cofa lapha ukuthola incazelo Amaphupho ngokuzwa ukukhala
Kuchaza ukuthini ukuphupha ungumthandazi, kugcwele abantu bathi bezekuwe bazofuna ukuphila, ngibathandazele bonke labantu baphile
Kusho ukuthi unobuzo lokuphilisa okumele ululandele ngokukhuleka ujwayele nokuhamba impophoma ubambe neb
hande muzongena emkhulekweni
Ngiphuphe umama wami ongasekho ngimzalisa umntwana, waphuma ephila untwana.
Leli phupho lingasho izinto eziningi, kuya ngokuthi umbelethise kanjani. Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokuzala/
Kuchaza ukuthini ukuphuphelwa umama wakho utetile kodwa endaweni engathi yi holo uma ekulindile ngaphandle engathi uzokulanda ngoba kuthiwa utetile kodwa uphume ungaphethe mtwana futhi iqhaqhazela
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokuzala/
Kuchaza Ukuthini ukuphushwa umuntu uzala amawele mese elilodwa loshone
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngamawele/
Izithakazelo zakwa ncengwa