Amaphupho ngamaKhadi okuKweleta nokuthi amele ukuthini

Ukuphupha ngamakhadi esikweletu kumela ukukwazi kwakho ukuthola noma ukwenza okuthandayo empilweni ngaphandle kokusebenza kanzima noma ukukhathazeka kakhulu. Kukhombisa izinga lokukhululeka kwakho ngokuba namandla, amathuba noma ubumnandi. Ukusebenzisa ikhadi lesikweletu kusho ukuthi wena noma okuthize ngawe kukwazi ukwenza noma yini ukufeza injongo ngaphandle kwezinkinga. Ukuphupha ngabantu ababi benekhadi lesikweletu kungasho izinto ezingathandeki ngawe njengomuntu ezenza kube … Read more

Isho ukuthini iMali emaphusheni akho?

Ukuphupha ngemali ewukheshi kusho amandla okufeza izinjongo ngenkululeko ephelele. Ungakhetha ukwenza okuthandayo. Inani lemali onayo ephusheni lisebenzisa izifundo zezinombolo ukuchaza okukhethayo noma ukuzizwa sengathi unamandla. Ukuthenga ngemali ewukheshi kumela ukusebenzisa amandla noma amasu ukufeza izinjongo noma ukwenza izinto zenzeke ngendlela oyithandayo. Ukuphupha ngokunikezwa imali ewukheshi kumela amathuba noma izimo ezikuvumela ukuthi ukwazi ukuzikhethela noma ube … Read more

Kusho ukuthini ukuphupha ngeSiliva?

Umbala wesiliva emaphusheni umele ukuzizwela ngenhliziyo, inhlanhla noma izenzakalo eziqondanayo. Ukuzizwela ngenhliziyo noma ukuqondiswa ngaphakathi kukusiza ukhethe okuzokuholela kulokhu okudingayo empilweni. Ukuqondisisa kabusha, amandla amasha noma inkululeko entsha etholakalele ngethuba. Okubi ukuthi isiliva lungaba uphawu lokuthi unebhadi noma uzwa sengathi akukho okukusebenzelayo. Ukuphupha ngezinto zesiliva kumela ukuzizwela ngenhliziyo noma inhlanhla ehambisana nanoma yini into eyimelayo. … Read more

Ukuphupha ngeMali ewuhlweza kusho ukuthini

Imali ewuhlweza

Ukuphupha ngokuthola imali ewuhlweza kumela imizwa emihle ngezinto ezizuzwayo empilweni uma uphapheme. Ukuzizwa ujabulile ngokuba unokungaphezu kwalokhu obunakho kuqala. Ukuqondidisa izinkinga, ukuba namandla engeziwe, noma inkulululeko ezuziwe. Kungamela nemizwa yokuba nenhlanhla. Ukuthola into ngenhlanhla noma ukuqondana ngendlela engajwayelekile empilweni lapho ophapheme khona. Amathuba agejiwe noma alahlekile asephinde abuya. Ukwazi ngokubaluleka kwento esempilweni yakho.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza enqwabelene kumela imizwa ngawe uba nokuningi kunalokhu obunakho kuqala. Kungaba futhi ukuthi ugcina amasu noma ulindile ukuthola usizo noma ithuba. Ukwazi ngokubalulekile okubekiwe okusengxenyeni ethize yempilo yakho.

Ukuphupha ngokuqhwabaza imali ewuhlweza ngendlela enganendaba kumela ukuzwa kokungabaluleki kwento ozibone uzuza ngayo. Inhlanhla noma okubalulekile onganendaba nakho. Ukuziphatha ngendlela enganendaba ngento eyinhlanhla eyenzekile kuwe. Ukuzizwa unenhlanhla engaphezu kwbanye abantu noma ukuzizwa umuhle ngaphezu kwabanye abantu.

Ukuphupha ngokudlala umdlalo wokukhetha inhloko noma umsila wemali ewuhlweza kumela ukuzizwa noma ukuziphatha ngendlela engenandaba ngesinqumo. Ukudedela impilo noma isimiselo sikukhethele into.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza eyisiliva kumela inhlanhla noma ukuqondana kwezinto  nawe ozibona ukuithanda. Ungazizwa unenhlanhla ukuba nokungaphezu kwalokhu obunakho ngaphambilini. Ithuba noma okungalindelekile okukulethele ukuqondisisa, amandla noma inkululeko.

Read moreUkuphupha ngeMali ewuhlweza kusho ukuthini

Kusho ukuthini ukuphupha ngeGolide kuwe?

iGolide

Ukuphupha ngegolide kumela imizwa yokubaluleka kwento esempilweni yakho. Imizwa yokuceba noma ukujabulela ukuba nento enokubaluleka ibe kuwe wedwa. Amathuba anokubaluleka atholaka sonke isikhathi. Ukuzizwa ulondekile ezingeni lakho lamandla noma inkululeko yokwenza umathanda. Isenzakalo noma inzuzo eqinisekisiwe. Umuzwa wokulondeka ngento ebalulekilekuwe.

Igolide lingamela nenhlanhla enhle, ingcebo, ukwelapheka, ukukhanyiseka, injabulo nempumelelo.

Noma, igolide ephusheni lingemela imizwa yokuqiniseka ngamandla. Cabanga umusho othi “Okuhle njengegolide”. Ukuzethemba okuphelele ngokuthi wena noma omunye umuntu ungumanqoba.

Okubi ukuthi ukuphupha ngegolide kungamela imizwa yenkohlakalo, ukwenza ngokweqile noma umuntu owonakele ngezinto eziningi. Kungakhombisa nemizwa yakho engeyinhle njengokukhungatheka noma umona ngenjabulo yomunye umuntu. Izitha ezinamandla alondekile.

Ukuphupha ngokuthola igolide kumela imizwa ngokuthola into ebalulekile ngawe noma esempilweni yakho.

Read moreKusho ukuthini ukuphupha ngeGolide kuwe?

Ukuphupha Ngemali Kusho Ukuthini Ngempilo Yakho

Ukuphupha Ngemali

Ukuphupha ngemali kumela amandla okufinyelela izinhloso noma izinjongo zakho. Izinjongo zingaba ezithinta ingqondo, okungokomzwelo, noma ukufinyelela lapho okwenzeka khona okuthandayo empilweni uma usuphapheme. Ukwazi ukucabanga, ukuzwa noma ukwenza okuthandayo empilweni. Imali ikhombisa ukuthi wena noma okuthize ngobuwena bakho bunamandla amangakanani. Kuwukuzazi.

Okuhle ukuthi imali imela okungenzeka, amandla namathuba. Iseluleko esiwusizo. Ukuziziwa ukwazi ukwenza into.

Okubi ukuthi imali ingakhombisa izimo ezingezinhle empilweni okunzima ukuzinqoba, noma amathuba angasetshenzisiwe. Kuwukuqhenya. Ungase uzizwe sengathi awunawo amandla anele okwenza okufunayo. Izitha zinamasu angcono kunawakho.

Ukuphupha ngokungabi nayo imali kumele imizwa yokuzizwa sengathi awuyilutho, ukungazethembi noma ukuzwa sengathi awunawo amandla okwenza into ofuna ukuyenza.

Ukuthola imali kumela ukuqondisisa okukukhulula ezintweni ezimbi nokukunikeza amandla okuba ngumuntu ojabulile noma okwaziyo ukwenza izinto, noma ozinakayo. Kunendlela izithiyo ezisuswa ngayo. Ukuzizwa uthukile ngamathuba amasha, amasu noma amandla okwenza into oyifunayo.

Read moreUkuphupha Ngemali Kusho Ukuthini Ngempilo Yakho