isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amaphupho ngemali nobugwili

Asho ukuthini amaphupho ngemali nobugwili? Lokhu kuhlanganisa amabhange, ukuboleka/ukubolekisa, ithusi, imali ewuhlweze, amasheke, umqhele, isikweletu, ukuhola imali, igolide, ubucwebe, isiliva, ukuthenga, igugu namawalethi.

Amaphupho ngemali

  • Uma uphupha ukuthi unemali, lokho kuwuphawu olubi futhi kuphathisa kabi uma uyisebenzisa noma uyilahla, kodwa kuyinhlanhla futhi kusho ukuthuthuka uma uyinikezwa noma uyithola.
  • Ukuphupha uphiwa imali, futhi kuvela ephusheni lakho lapho uyamukela, lokho kusho inhlanhla ezayo.
  • Uma uphupha uphiwa imali bese kuba khona omunye umuntu oyithathayo kuwe, lokho kusho ukuthi kunabantu abazama ukukuthakatha kumbe abafuna ukukuthathela isiphiwo sakho noma ukuntshontsha inhlanhla yakho.
  • Uma uphupha ukuthi ulanda imali oyilweletisile kumuntu, kusho ukuthi kuzoba nokudlulela phambili entweni ozama ukuyenza.

Isho ukuthini imali emaphusheni akho?

Ukuphupha imali – ukuphupha inkece kuya ngokuthi enjani, uma kuyinkece engamaphepha lokho kusho ishobolo, kodwa ke uma kuyimali emhlophe kusho inhlanhla.

Ukuphupha ngemali ewukheshi kusho amandla okufeza izinjongo ngenkululeko ephelele. Ungakhetha ukwenza okuthandayo. Inani lemali onayo ephusheni lisebenzisa izifundo zezinombolo ukuchaza okukhethayo noma ukuzizwa sengathi unamandla.

Ukuthenga ngemali ewukheshi kumela ukusebenzisa amandla noma amasu ukufeza izinjongo noma ukwenza izinto zenzeke ngendlela oyithandayo.

Ukuphupha ngokunikezwa imali ewukheshi kumela amathuba noma izimo ezikuvumela ukuthi ukwazi ukuzikhethela noma ube amandla obungenawo ngaphambilini.

Amaphupho ngokuhola imali

Uma uphupha ukuthi uhola imali eningi kusho inkathazo ikakhulukazi uma ungusomabhizinisi. Kungenzeka kube khona okulahlekelwayo maduzane.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza kusho ukuthini

Ukuphupha ngokuthola imali ewuhlweza kumela imizwa emihle ngezinto ezizuzwayo empilweni uma uphapheme. Ukuzizwa ujabulile ngokuba unokungaphezu kwalokhu obunakho kuqala. Ukuqondidisa izinkinga, ukuba namandla engeziwe, noma inkulululeko ezuziwe. Kungamela nemizwa yokuba nenhlanhla. Ukuthola into ngenhlanhla noma ukuqondana ngendlela engajwayelekile empilweni lapho ophapheme khona. Amathuba agejiwe noma alahlekile asephinde abuya. Ukwazi ngokubaluleka kwento esempilweni yakho.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza enqwabelene kumela imizwa ngawe uba nokuningi kunalokhu obunakho kuqala. Kungaba futhi ukuthi ugcina amasu noma ulindile ukuthola usizo noma ithuba. Ukwazi ngokubalulekile okubekiwe okusengxenyeni ethize yempilo yakho.

Ukuphupha ngokuqhwabaza imali ewuhlweza ngendlela enganendaba kumela ukuzwa kokungabaluleki kwento ozibone uzuza ngayo. Inhlanhla noma okubalulekile onganendaba nakho. Ukuziphatha ngendlela enganendaba ngento eyinhlanhla eyenzekile kuwe. Ukuzizwa unenhlanhla engaphezu kwbanye abantu noma ukuzizwa umuhle ngaphezu kwabanye abantu.

Ukuphupha ngokudlala umdlalo wokukhetha inhloko noma umsila wemali ewuhlweza kumela ukuzizwa noma ukuziphatha ngendlela engenandaba ngesinqumo. Ukudedela impilo noma isimiselo sikukhethele into.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza eyisiliva kumela inhlanhla noma ukuqondana kwezinto  nawe ozibona ukuithanda. Ungazizwa unenhlanhla ukuba nokungaphezu kwalokhu obunakho ngaphambilini. Ithuba noma okungalindelekile okukulethele ukuqondisisa, amandla noma inkululeko.

Kusho ukuthini ukuphupha ngegolide kuwe?

Igolide

Ukuphupha ngegolide kumela imizwa yokubaluleka kwento esempilweni yakho. Imizwa yokuceba noma ukujabulela ukuba nento enokubaluleka ibe kuwe wedwa. Amathuba anokubaluleka atholaka sonke isikhathi. Ukuzizwa ulondekile ezingeni lakho lamandla noma inkululeko yokwenza umathanda. Isenzakalo noma inzuzo eqinisekisiwe. Umuzwa wokulondeka ngento ebalulekilekuwe.

Igolide lingamela nenhlanhla enhle, ingcebo, ukwelapheka, ukukhanyiseka, injabulo nempumelelo.

Noma, igolide ephusheni lingemela imizwa yokuqiniseka ngamandla. Cabanga umusho othi “Okuhle njengegolide”. Ukuzethemba okuphelele ngokuthi wena noma omunye umuntu ungumanqoba.

Okubi ukuthi ukuphupha ngegolide kungamela imizwa yenkohlakalo, ukwenza ngokweqile noma umuntu owonakele ngezinto eziningi. Kungakhombisa nemizwa yakho engeyinhle njengokukhungatheka noma umona ngenjabulo yomunye umuntu. Izitha ezinamandla alondekile.

Ukuphupha ngokuthola igolide kumela imizwa ngokuthola into ebalulekile ngawe noma esempilweni yakho.

Ukuphupha ngemali ewuhlweza kusho ukuthini

Imali ewuhlweza

Leave a Reply