Amaphupho ngezingubo

Asho ukuthini amaphupho ngezingubo? Lokhu kuhlanganisa ukushisa izingubo, izinkinobho, amajazi, ukotini, ingubo yokugqoka, amaduku, izigqoko, ukuba nqunu, izingubo ezingcolile, itshali, izicathulo, usilika, amabhulukwe, izingubo zangaphansi neveyili.

Amaphupho ngezicathulo (izihlangu)

Uma uphupha ugqoke izicathulo, uma zizintsha futhi zicwebezela kusho ukuthi uzophumelela, kodwa uma zindala kusho ukuthi uzoba nezinkinga. Enye incazelo yokuphupha ngezihlangu kumbe izicathulo ngeyokuthi kuyibika lokuthi esikhathini esingeside kunohambo oluzovela okumele uluthathe. Uma izicathulo zikumpintsha usuzigqokile lolo hambo lusuke luzoba nenkinga oluzoziletha kuwena, kungaba ukuphuka komoya ngozokuzwa, yingxabano ezoba khona nabanye abantu kulolo hambo … Read more

Ukuphupha uthenga izingubo ezintsha

Leli yiphupho elithokozisayo kakhulu kubantu bonke uma sibheka lokho elisuke likubikezela. Liyibika lokushintsha kwempilo ngendlela engcono kunaleyo umuntu asuke ekuyo. Kafushane nje singasho sithi libikezela inqubekela phambili, inhlanhla, izibusiso noma impumelelo.