Imithi eyakhiwa ngokuthaka izilwane

Izilwane ziyadliwa ziphinde zisetshenziswe ukuthaka imithi yokwelapha. Emandulo okhokho babezingela lezi zilwane ngaphandle kokulandela noma ngemigomo ethile, kwakulula ukuzithola. Esikhathini samanje kunemithetho evikelwa ukuzingelwa kwezilwane ngoba ezinye seziyashabalala. Yize lemithetho isikhona, bakhona abelaphi bendabuko abasasebenzisa izilwane ukuthaka imithi. Imithi ethakwa ngezilwane singephike ukuthi iwusizo, kodwa kubalulekile ukuthi imvelo igcinwe isesimweni esihle kanye nokuqaphela ukuthi kungashatshalaliswa … Read more

Amaphupho ngezilwane zasendle

Asho ukuthini amaphupho amayelana nezilwane zasendle? Lokhu kuhlanganisa izilwane ezidla izintuthwane nomuhlwa, izimfene, amalulwane, izinyamazane, amakameli, izingwenya, izimbila, izindlovu, izimvubu, izimpisi, izingwe, amabhubesi, ochakide, izinkawu, onogwaja, amagundane, izimfudu kanye namadube.

Amagama abantu asuselwe ezilwaneni

Kule ngosi sixoxa ngomsuka wamagama  abantu abaningi besizwe sakwaZulu ababizwa ngawo, amagama asuselwa ezilwaneni. USolwazi ohlonishwa kakhulu, uNobuhle Ndimande uveza ukuthi kubantu abangamaZulu, ukhona umkhuba wokwetha abantwana amagama asuselwe emagameni ezilwane. Ngokuchaza kukaNdimande (2001) empeleni lo mkhuba awugcini kumaZulu kuphela kodwa ukhona kubeNguni, bonke nakwamanye amazwe aseNtshonalanga naseMpumalanga Afrika. Izizathu zalo mkhuba zahlukene ngokwamazwe. UNdimande … Read more

iGwili

Njengabantu abasondelene kakhulu namvelo, izilwane ezithile zasendle zinezincazelo ezithile uma uzibona noma ngithi nje kunezinkolelo ezithile ngazo. Isibonelo nje, kunesilwanyana okuthiwa uChakide, esihlala endle esidume kakhulu ngokudla izinkukhu ekhaya ikakhulukazi uma kuwumuzi ongenazinja. Ziningi-ke izinkoleloze mayelana nale silwanyana, abadala bakholelwa ukuthi ukubona uchakide kwesinye isikhathi kubika inhlanhla kuphinde kubike ishwa, ishobolo lokugcina. Kuthiwa uma uhamba … Read more

Amaphupho ngofudu

Ufudu yisilwane esaziwa ngokuba yisinokwe uma sihamba futhi siphila isikhathi eside kakhulu kunezinye izilwane eziningi. Kanjalo nasemaphusheni siyibika lobunjalo baso kulokho umuntu asuke ekuzama. Ukuphupha ufudu kuchaza ukuthi lokho ophokophelele ukukufeza ngemizamo yakho, imvamisa okuba yibhizinisi, izithelo zokuzikhandla kwakhko zizoza kancane, kodwa-ke kuyogcina kucacile ngemuva kwesikhathi eside ukuthokozele ukuzikhandla kwakho. Abanye bathi uma uphupha ubona … Read more

Amaphupho ngengonyama

Leli yiphupho elingajabulisi neze. Ukuphupha ingonyama kuyibika lokuthi esikhathini esingeside uzozithola ulinyazwa ngumuntu onamandla kakhulu ngokwesikhundla akusona empilweni yakhe; isibonelo – lowomuntu kungaba yinkosi, yinduna, umongameli. Lezi yizibonelo nje, esimweni somuntu ngomuntu, kuya ngokuthi ngubani onesikhundla esinamandla owenza impilo yalowo ophupha ingonyama ibe engajabulile.

Amaphupho ngelulwane

Uma uphupha ubona ilulwane kuyishwa ngakho kufuneka uqaphele okwesikhashana. Ilulwane yisilwane esimbaxambili, sakheke saba nomzimba wenyoni kepha ikhanda lingelegundwane. Emaphusheni ilulwane lisho ukubakhona komuntu oyixoki ngobumbaxambili kuwena nasetheni zakho. Lomuntu uba muhle uma ephambi kobuso bakho kepha uyingozi ngemva kwakho. Angeke kwambuleleke ukuthi umazi lowomuntu ngokwephupho, kodwa okuyaye kubaluleke yindawo osuke ukuyo wena ophuphayo okuyiyona … Read more

Amaphupho ngezimpisi

Njengokuphupha inyoka, ukuphupha impisi kubika ukuba khona kwesitha esiyingozi kuwena. Lesisitha kusuke kungumuntu omkhonzile kakhulu, wena ozitshela ukuthi ubudlelwano benu naye buhle kakhulu. Kungaba yilunga lomndeni wakho, kungaba ngomunye wabangani bakho, kungaba ngumakhelwane wakho, noma futhi kube ngumuntu osebenza naye – lezi yizibonelo nje ezimbalwa. Uma uphuphe izimpisi ezingaphezu kweyodwa, lokho kuchaza ukuthi kuneqembu labantu … Read more

Amaphupho ngenyoka ensundu

Uma uphupha ubona inyoka ensundu nokumhlophe kusho ukuthi amadlozi akuthumelela umbiko wokuthi qaphela noma uphawu lokuthi inhlanhla iyeza maduze. Amaphupho ngenyoka emnyama enebala elimhlophe. Amaphupho ngenyoka eluhlaza. Amaphupho ngenyoka.