Imithi eyakhiwa ngokuthaka izilwane

Isexwayiso

Izilwane ziyadliwa ziphinde zisetshenziswe ukuthaka imithi yokwelapha. Emandulo okhokho babezingela lezi zilwane ngaphandle kokulandela noma ngemigomo ethile, kwakulula ukuzithola. Esikhathini samanje kunemithetho evikelwa ukuzingelwa kwezilwane ngoba ezinye seziyashabalala. Yize lemithetho isikhona, bakhona abelaphi bendabuko abasasebenzisa izilwane ukuthaka imithi. Imithi ethakwa ngezilwane singephike ukuthi iwusizo, kodwa kubalulekile ukuthi imvelo igcinwe isesimweni esihle kanye nokuqaphela ukuthi kungashatshalaliswa izilwane eseziyincosana ukuze izizukulwane ezisazozalwa nazo zibone ubuhle bemvelo.

  • Impangele – Ingane uma ithatha isikhathi ukuhamba, kusetshenziswa izinyawo zempangele ukuyilekelela ukuze ihambe. Impangele iyasebenza ekuthakeni umchithiso wezinja ukuze zigijime kakhulu. Ikhanda noma ubuchopho buyathakwa benzelwe izingane ukuze izingane zihlakaniphe.
  • Uchakide – Isilwane esinobuhlakani obuyisimanga, kanti akukho lula ukusibamba. Ubuchopho bukachakide busetshenziswa ukuthakela ubuhlakani.
  • Inkalankala – Isilwane esihlala emanzini noma endaweni enexhaphozi, iyaphuzwa, isiza kumuntu onesifuba.
  • Inkawu – Ubuchopho benkawu busebenza ukuba umbemiso. Iba insizi esiza owesifazane onenkinga yokuphuphunyelwa isisu. Isikhumbha siyasetshenziswa ukwenza umchithiso wezinja.
  • Ukhozi – Amehlo okhozi ayaba umbemiso kanye nomchithiso wezinja. Izinzipho zokhozi ziyasebenza ekuthakeni impinda.
  • Insele – Isiza ukwelapha ibala enganeni uma isencane. Lo muthi uyingozi ngoba insele iyisilwane esingahlehli, iyisiphikeleli, uma ingane ifakwa kakhulu insizi yenza ibe nolaka oluyisimanga. Insele iyasebenza ukwenza inkunzi yenkomo ibe bukhali futhi liyaba umchithiso wezinja.
  • Ivondwe – Amafutha evondwe ayisigqabo senhlanhla.
  • Ingungumbane – Amathumbu engungumbane aba yinsizi esiza isisu esingapheli. Ameva asiza ekwelapheni amahlaba noma izibhobo.

Leave a Reply