Amagama abantu asuselwe ezilwaneni

Kule ngosi sixoxa ngomsuka wamagama  abantu abaningi besizwe sakwaZulu ababizwa ngawo, amagama asuselwa ezilwaneni.

USolwazi ohlonishwa kakhulu, uNobuhle Ndimande uveza ukuthi kubantu abangamaZulu, ukhona umkhuba wokwetha abantwana amagama asuselwe emagameni ezilwane.

Ngokuchaza kukaNdimande (2001) empeleni lo mkhuba awugcini kumaZulu kuphela kodwa ukhona kubeNguni, bonke nakwamanye amazwe aseNtshonalanga naseMpumalanga Afrika. Izizathu zalo mkhuba zahlukene ngokwamazwe.

UNdimande unaba uthi kubeNguni lo mkhuba wenziwa ngoba kusuke kunenkolelo yokuthi uma wetha umntwana ngegama lesilwane esinamandla, lowo mntwana naye uzokhula abe namandla njengaleso silwane. Ezinye izilwane ave kungukuthi zinamandla nje kuphela, kodwa kukhona ezinobuhlakani obunzulu namaqhinga. Ngaleyo ndlela, kusuke kukholelwa ekutheni umntwana uyakufuza leso silwane. Izinyoni nazo kuyenzeka zisetshenziswe ekwethiweni kwamagama.

Izibonelo:

  • uMbube: ibhubesi, linikezwa owesilisa
  • uNyoni: igama elinikezwa abantu besifazane
  • Mpunzana: lisuselwa egameni lenyamazane okuthiwa impunzi

1 thought on “Amagama abantu asuselwe ezilwaneni”

Leave a Reply