Iculo elikhombisa ukungenami ngomendo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Indaba ebuhlungu yabantu ikakhulukazi besifazane abaganiswa ngaphandle kwemvume yabo ngenxa yenkece etholwa umndeni kamakoti uma kulotsholwa insakavukela umchilo wesidwaba emhlabeni jikelele. Kanjalo-ke nasezweni lamaZulu lokhu kunokwenzeka futhi kunomlando omude, ngangokuthi kwaze kwaqumbuka ingoma ethi uBaba udayise ngami. Leli culo lihaywa kanje: Ubaba nomama bangishiy’ okhalweni Angizazi ukuthi ngiyinto yokwenzani Ngiyeke baba ngiseyingane x2 We bomalume … Read more

Umendo

ℹ️ Ulwazi oludalwe umphakathi · Funda isexwayiso

Ukugana (umendo)   Umendo yisigaba esimqoka kumuntu wesifazane. Ziningi kakhulu izinguquko ezenzeka kulesi sigaba. Ukwenda kusho ukweqa, ukuzilahla, ukufa, ukukhula. Ngumuntu wesifazane owendayo. Owendayo uyabushiya ubuntombi, angene ebufazini. Ubufazi njalo abuyona inhlamba, buyiqholo nesigaba owesifazane azigqaja ngaso ngoba vele siyisicongo nesicoco sakhe. Kuba kuhle kakhulu uma umlobokazi ende eseyintombi nto ngoba uwuzwa kahle umehluko wokusuka … Read more