Abaphansi

Ziningi iziqeshana lapho sikhuluma khona ngezinto zesintu ezithinta amasiko, imigubho kanye nemikhosi yakwaZulu. Izinto eziningi zesiZulu zithinta kakhulu abaphansi noma amaDlozi njengabantu abangasekho kodwa abasiqaphile ekuphileni kwethu kanti ke futhi esiphinde sibike kubo izimfuno zethu zemihla ngemihla kanye nokucela ubuhlakani bokuxazulula izinkinga esibhekana nazo nsuku zonke. Abaphansi Abaphansi  imimoya yabomuzi  abangasekho emhlabeni, kanti ke leligama … Read more

Ukuhlukana kwedlozi

Ngokwenkolelo yesizwe samaNguni idlozi lehlukene ngokwezigaba, kodwa ngokujwayelekile abantu abaningi bazisa idlozi kakhulu ngomsamo nabaphansi. Idlozi lomndeni/ ngokwesibongo Lapha sisuke sikhuluma ngabaphansi, abangasekho, abaphila ngokukamoya kodwa abake baphila emhlabeni. Kunenkolelo yokuthi ngemumva kwethuna baye basondelane noMvelinqangi. Bona sixhumana nabo ngokushisa impepho emsamo sikhulume nabo ngomlomo, ukubenzela nokugcina amasiko ngokuhluka kwezibongo kanye nosizo oluvela kubelaphi bendabuko … Read more

Ukuthetha Idlozi II

*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo. Engosini eyedlule sike sabhunga ngomlando wokuthethwa kwedlozi noma sithi nje ukuphahla. Kulelo khasi besisika udlube ekhasini senama ngakho ukuthi indaba yokuthethwa kwedlozi emsamo iqale kanjani ngoba yayikade ingashiselwa impepho emsamo … Read more

Ukusetshenziswa komsamo

Umsamo yindawo ebalulekile kakhulu futhi esetshenziswa abantu abakholelwa emadlozini njengendawo lapho bexhumana khona nawo ngezikhathi ezahlukene futhi nangezinto ezahlukene ezenzekayo ezimpilweni zabo ngalesosikhathi. Umsamo uyimvelaphi yethu thina bantu abansundu. Ngoba nokhokho bethu babenawo umsamu. Ezindaweni ezisemakhaya kubalulekile ukuthi lendlu ibekhona lapho kushiswa khona impepho. Lendlu yakhiwa ibe iqhugwane (iqhugwane indlu karawondi). Ngibe sengikhuluma noBaba uFanele … Read more