Abaphansi

Ziningi iziqeshana lapho sikhuluma khona ngezinto zesintu ezithinta amasiko, imigubho kanye nemikhosi yakwaZulu. Izinto eziningi zesiZulu zithinta kakhulu abaphansi noma amaDlozi njengabantu abangasekho kodwa abasiqaphile ekuphileni kwethu kanti ke futhi esiphinde sibike kubo izimfuno zethu zemihla ngemihla kanye nokucela ubuhlakani bokuxazulula izinkinga esibhekana nazo nsuku zonke.

Abaphansi

Abaphansi  imimoya yabomuzi  abangasekho emhlabeni, kanti ke leligama elithi abaphansi elokuhloniphisa njengoba thina maZulu sidume ngayo inhlonipho. Maningi ke nokho amagama ababizwa ngawo abaphansi, noma silibeka eceleni leli lokuthi amadlozi babuye babizwe ngokuthi izithutha, amakhosi noma ke izithunzi. Kuyinkolelo yethu ukuthi uma umuntu wakithi edlula emhlabeni kufa isidumbu sakhe kuphela, kodw umoya wakhe uyaqhubeka uphile, ungasesiwo umuntu kodwa usubizwa ngethongo ehlale ezweni lamathongo. Uhlala lapho kuze kube uyabuyiswa ngehlambo, lapho ke umoya wakhe uyabuya uze ekhaya usuzoba idlozi uqaphe umuzi wakubo, lapho lisuke lilwa nemimoya emini engena ekhaya okubalwa kubo ngisho imimoya yabakhunkuli.

Amadlozi

Amadlozi athinta yonke impilo yamaZulu, njengoba ngisho ukuzalwa komtwana kubongwa wona amadlozi, kanti ke noma kukhona odlulayo emhlabeni  kuthiwa usuke esebizwa iwona njalo amadlozi. Ngisho izinto zingahambi ngendlela egcekeni kushiswa impepho ekhaya emsamo kunxenxwe lona njalo idlozi ukuthi lingenelele. Amadlozi ke noma ehlonishwa kodwa abuye athethiswe uma sekubonakala engathi izinto zonakala kakhulu ekhaya.

10 thoughts on “Abaphansi”

  1. Ngicela ukubuza ima uphupha isalukszi nekhehla zibuza ingane yalapho besebashiya izinkukhu ezinhlanu bashiye umlayezo wokuthi makapheke, sizobuya sizodla . Kusho ukuthini lokhu??

    Reply
  2. Kusho ukuthini ukuphupha ufika edolobheni zingekho izimoto uze ubuye ngezinyawo usasendleleni kwedlule ibhasi lapho kunento oyiphathisiwe ukuthi ufike uynike omunye phambili

    Reply
  3. Kuchazani ukuphupa ongasekho engathi nisesitolo sengubo siyalinganisa yena wathola enhle wanjabula nami wangikhethela enhle

    Reply
  4. Kuyavuyisa ukubona imali ebaluleke kangaka yesiNtu. Iyafana kakhulu inkqubo yamasiko nemicimbi yesiNtu.
    Ndiyabonga kubabhali nabaqulunqi balo mbhalo.
    Kunga nolwam uluntu lungongeza amavo kobu butyebi.

    Reply

Leave a Reply