Amagama amaZulu

Igama lomuntu liba nencazelo akujwayele ukuba yigama nje. Umntwana engethiwa igama kususelwa esenzeni nasezifisweni zabazali, esimweni azalelwe phansi kwaso njalonjalo. Ngamafuphi nje, ngokuchaza kukasolwazi uNobuhle Ndimande (2001), amagama anikwa abesizwe samaZulu esuselwa kuloku okulandelayo: Inkolo yobuKristu neyeSintu Isib.: igama elithi Sahluko. Ukubaluleka kukamama noma ubaba emndenini Isib.: Ntombikayise. Ukubaluleka komfana noma intombazane emndenini Isib.: Makhosazane … Read more

Amagama asuselwa enkolweni yobuKrestu

Ngokuchaza kukasolwazi uNobuhle Ndimande, amaZulu akholelwa ekutheni umntwana uyisipho esivela kuMvelingqangi. Umntwana uyaye ethiwe igama njengendlela yokubonga ubukhulu namandla kaMvelingqangi ekuphumeleliseni ukuzalwa komntwana. Njengasemazweni amaningi ezwenikazi i-Afrika, inkolo yobuKrestu ilandelwa izinkumbi zabantu eNingizimu Afrika. UbuKrestu bunomthelela omkhulu kusikompilo lakuleli kanye nakwezepolitiki. Impande yalomthelela wukufika kwemikhumbi yongxiwankulu kuleli ngeminyaka yo-1600. Izibonelo, ngokuthulwa nguNdimande, zamagama asuswa enkolweni … Read more

Amagama asuselwa esimweni sokuzalwa komntwana

Sisaqhuba kuyona ingosi ngokuchaza ngempande yamagama abantu ngokwesiZulu. Kulena, siveza ngamagama okuqanjwa komntwana ngokubheka isimo azalelwa kuso. Ngokuloba kukaNdimande (2001), kubantu abangamaZulu, eqinisweni kubeNguni nje bebonke, ngokwenqubo yakhona, kuyaye kube khona izinto ezingakhulumeki noma zixoxeke. Lezi zinto ziyaye zivele ngokuthi kwethiwe abantwana amagama axoxa ngazo, ikakhulukazi izinto ezifana nokukhulelwa kwentombazane ingazi ukuthi ikhuleliswe ngubani, kanjalo … Read more

Amagama abantu asuselwe ezilwaneni

Kule ngosi sixoxa ngomsuka wamagama  abantu abaningi besizwe sakwaZulu ababizwa ngawo, amagama asuselwa ezilwaneni. USolwazi ohlonishwa kakhulu, uNobuhle Ndimande uveza ukuthi kubantu abangamaZulu, ukhona umkhuba wokwetha abantwana amagama asuselwe emagameni ezilwane. Ngokuchaza kukaNdimande (2001) empeleni lo mkhuba awugcini kumaZulu kuphela kodwa ukhona kubeNguni, bonke nakwamanye amazwe aseNtshonalanga naseMpumalanga Afrika. Izizathu zalo mkhuba zahlukene ngokwamazwe. UNdimande … Read more