isiXhosaisiXhosa SetswanaSetswana

Amagama asuselwa enkolweni yobuKrestu

Ngokuchaza kukasolwazi uNobuhle Ndimande, amaZulu akholelwa ekutheni umntwana uyisipho esivela kuMvelingqangi. Umntwana uyaye ethiwe igama njengendlela yokubonga ubukhulu namandla kaMvelingqangi ekuphumeleliseni ukuzalwa komntwana.

Njengasemazweni amaningi ezwenikazi i-Afrika, inkolo yobuKrestu ilandelwa izinkumbi zabantu eNingizimu Afrika. UbuKrestu bunomthelela omkhulu kusikompilo lakuleli kanye nakwezepolitiki. Impande yalomthelela wukufika kwemikhumbi yongxiwankulu kuleli ngeminyaka yo-1600.

Izibonelo, ngokuthulwa nguNdimande, zamagama asuswa enkolweni yobuKrestu yilawa:

Nkosinathi: Igama lomuntu wesilisa elichaza ukuthi inkosi ibe nathi ekuzalweni komntwana.

Musawenkosi: Igama elethiwa umuntu wesilisa eliveza umusa inkosi ebe nawo.

Bonginkosi: Leli gama lethiwa umuntu wesilisa libonga inkosi ngamandla ayo.

Thandazile: Igama elethiwa umuntu wesifazane elichaza ukuthi kube ngenxa yemithandazo ukuze umntwana abe khona.

Kwingosi elandelayo, siloba ngamagama abantu asuselwa yisimo umntwana azalelwa kusona.

Leave a Reply