Ukusoma

Ubuntombi

Ubuntombi abafuni nekhowe lona eliqhuma esidulini uma kuduma izulu, kepha buyinto ebungazwayo futhi ehlonishwayo ebukhosini bakwaZulu. Ingakho nje kwaze kwagcina sekukhona Umkhosi Womhlanga, okuyisiko lesizwe sikaPhunga noMageba, ngenxa yokwazi ukuthi ubuntombi lobu bufana nembali aqhakazela isizwe sonke. Emandulo ngisho ngabe intombi ibisiqome ngokusemthethweni yamisa iduku, kodwa ubuntombi bayo ibingadlali ngabo, ngoba ibiqhubeka nabo izo igcine isigcagcile okuba ilapho ke obekuvunywa khona umkhwenyana wayo ayithathe kubo. Lokho kusho ukuthi intombi noma isiqomile, yaze yalotsholwa kodwa ibingadayisi ngobuntombi bayo. Lokho akusho ukuthi ibingazijabulisi nesoka layo, kepha bebenza lokhu okuthiwa ukusoma ngesintu.

Umkhuba wokusoma

Ake siqale lapha ke, ukusoma lokhu noma umkhuba wokusoma yindlela yokwenza ucansi lapho insizwa yenza ucansi iphelele emathangeni entombi. Lokhu kusho ukuthi insizwa ibizijabulisa nenguduso yayo kepha ingaboni ubuntombi bayo baze bagcine sebegcagce ngokuphelele, okusho ukuthi ibingayithinti inkomo yayo intombi. Insizwa yayenza ucansi emathangeni entombi ize ifike kuvuthondaba ichamele khona emathangeni ize iqede. Ukugcina isiko akusiwona umdlalo, futhi akusibona bonke abantu abaligcinayo ngisho ngabe bangaphansi kwenkosi eyodwa impela. Ingakho kugcine kusamangazi ukuthi intombi ilahlekelwe ubuntombi bayo yize noma kwakukade kuyihlazo emandulo ukuthi lokho kwenzeke. Ngisho ukuba nengane intombi isesekhaya akusesilona ihlazo njengase kuqaleni ngesikhathi isandla samakhosi sisaqinile. Uma ke kwenzekile intombi yalahlekelwa ubuntombi bayo, lo osuke eyonile kumele ahlawule ageze igceke lomuzi wakubo kwentombi ayonile ngenkomo yoboya.

Umvuzo ngesiko lokusoma

Ayikho into ebiyenziwa emandulo yesiko ebinganawo umvuzo omuhle , nakho ke ukusoma lokhu kwakuhloswe okuhle ngakho. Kuhloswe ukuthi izintombi ziziphathe kahle zize zigcine zifike esigabeni sokugana zisaphelele. Inhloso yokusoma ke ukuvikela ubuntombi bayo, akugcini nje lapho kuphinde kuvikele nokuzithwala singakafiki isikhathi kuyo intombi leyo ingakafiki emshadweni. Ngeshwa nje esikhathini samanje akusenzeki noma awusavamile lo mkhuba. Ukusoma kwenziwa intombi esiqomile esinelawu engakashadi, iwenza lo mkhuba ngokuzama ukunelisa isoka layo ukuze libekezele kuze kufikwe esigabeni somshado. Ukusoma kwakwenziwa yinsizwa eqotho futhi enezinhlelo zokuganwa yileyo ntombi, hhayi noma iyiphi nje insizwa. Bekuke kwenzeke ukuthi uthi uyasoma bese uma usufika kuvuthondaba isidoda singalawuleki kahle sikapakele phakathi esibayeni somnumzane, bese iyakhulelwa intombi nto. Bekuyaye kuphoqe ukuba insizwa ihlanganise ngokushesha iyilobole iqede ziwushaye iyithathe leyontombi ukuze izozalela emzini. Kuhambe kwahamba zagcina izinsizwa sezisebenzisa lomkhuba/lelisikompilo ukulutha izintombi nto ukuze belale nazo. Insizwa ibithembisa ukusoma ebese igcina ngokudlova ubhoko ludle phakathi esibayeni somnumzane. Yilapho ke owaqala khona ukushabalala lomkhuba wokusoma, ngoba izintombi zase zisabela ubuntombi bazo.

Ukufiphala kwesiko lokusoma

Ukufiphala kwesiko lokusoma kuhle sikubeke ngembaba ukuthi akubanga neze nomthelela omuhle esizweni. Ukuzalela ekhaya akusesilona ihlazo manje, ukulahlekelwa ubuntombi akusesilona nalo ihlazo ngaphandle ke kwalezo zigodi kanye nemindeni esaqinise isandla ekhaya. Kodwa nje ngale kwalokho, sekwaba ikwampunz’ edle ‘mini amantombazane aseyazicanasela awasawahloniphi amasiko. Kungesiwona ke wodwa amantombazane angasa wahloniphi amasiko, ngisho nazo izinsizwa azisayihloniphi imizi yamadoda. Umuntu wona ngapha, aphinde one ngapha kodwa lutho ukuhlawula izibaya zamadoda asuke ezonile. Ukusoma lokhu bekusiza kakhulu ngoba bekusiqoqile isizwe, ukushabalala kancane kancane kwalelisiko njengamazolo ebona ilanga kusibulele thina sizwe sikaNodumehlezi kaMenzi.

2 thoughts on “Ukusoma”

  1. Ukusoma is not😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭😭phansi ngokusoma phansi

    Reply

Leave a Reply