*Isexwayiso: Okubalulwa ngezansi yilokho abanye babantu basemandulo ababezikhethela khona njengendlela yokuphila. Okuningi kwako sekuguquke futhi sekubhekwa ngamanye amehlo namuhla futhi kwamukeleka ngendlela ehlukile kunaleyo yasemandulo.
Engosini eyedlule sike sabhunga ngomlando wokuthethwa kwedlozi noma sithi nje ukuphahla. Kulelo khasi besisika udlube ekhasini senama ngakho ukuthi indaba yokuthethwa kwedlozi emsamo iqale kanjani ngoba yayikade ingashiselwa impepho emsamo kepha ishiselwa esibayeni okuyisona sizinda sekhaya. Kulokhu-ke sithi asigxile emithethweni yako ukuphahla lokhu esike salisika elijikayo ngakho kepha kuyindaba efingqiwe. Uma siphahla-ke siphahlela izizathu eziningi futhi ezahlukene njengoba sikholelwa ukuthi abaphansi ibona abasihlanganisa noMvelingqangi. Emsamo-ke siyela ukuyobika izinkinga esinazo, siyocela futhi sinxuse kanti nakho-ke ukuyobonga abadala uma kukhona okuhle abasinike khona. Izinto eziningi zesintu zihambisana nenhlonipho kanye nakho ukwazi ukuthi konke kunezigaba zakhona, sesikusho kaningana impela ukuthi akusiyena wonke umuntu oshisa impepho emsamo kepha kunenqubomgomo yakhona yokukhuluma nabaphansi.
Isiqu somuzi kwaZulu sime kanjena, kuba ubaba wekhaya okunguyena umnumnzane ophethe umuzi, kulandele umama wekhaya kanye nabantwana okuba ngamadodana kanye namadodakazi. Uma-ke kuphehlwa idlozi, usokhaya uyena okhuluma emsamo ezinkulumweni ezibhekene nabadala kanye nenkosana yakhe kodwa nayo inkosazana isuke ivunyelwe uyena usokhaya ukuthi ikhulume, ayiveli nje izenzele. Ngamafuphi nje, usokhaya uyena ohola izinkulumo zomuzi, bese kuthi umama wekhaya yena uhola izinkulumo zasekhaya. Umama naye kuyenzeka azithole esethemeleza emsamo kodwa bude buduze nawo kepha uma kuphela kungubaba wasekhaya okhiphe izwi lalokho. Amadlozi asekhaya ayamazi umama wekhaya njengomuntu okunguyena ogaya utshwala ekhaya, abase nebhodwe eziko, kanye nakho ukusinda izindlu zasekhaya okumele zihlale zizinhle. isiZulu sithi umama imbokodo yokugaya kanti ubaba yena yitshe okugayelwa kulo, lokhu phela kushiwo ngamava bobabili abawadlala ekhaya noma kulo muzi owakhiwe.
Nansi-ke imigomo emidala yokuthetha emsamo noma yokukhuluma nabadala isifinqiwe
- Ubaba wasekhaya okunguyena inhloko yomuzi okhuluma emsamo uma ekhuluma namadlozi asekhaya.
- Umlobokazi wasekhaya uyalithetha naye idlozi kepha ngemvumo kasokhaya, uma usokhaya engasekho kuba uyena umlobokazi okhuluma emsamo, kodwa akufani nokukababa yena oguqa emsamo akhulume uma eshisa impepho. Umlobokazi yena uhlala ecansini ngezansi nje kancane kwasemsamo ngasesandleni sobunene okuyilona hlangothi akavumeleke ukuthi ahlale kulona endlini yabadala.
- Indodana ivumelekile ukukhuluma emsamo kepha ngemvume kayise okungusokhaya, lokhu kubalulekile ngisho kungathiwa kukhulunywa esidlangalaleni. Ubaba uyena olawula indodana ukuthi ikhulume nebandla uma kunomsebenzi ekhaya noma umcimbi.
- Okwendodakazi-ke yona ayikhulunywa nakukhulunywa nje ngoba phela kuyaziwa ukuthi ayikhulumi nhlobo emsamo, ngoba phela yona isabelo sayo silapho eyoganela khona emzini.
Uma-ke kukhulunywa emsamo kukhona izinto ezisetshenziswayo isikhathi esiningi, lana-ke sithi ake sizibale. Kukancane ukuthi kukhulunywe emsamo kungekho ngisho isichibi sikatshwala besiZulu lesi emsamo, kahlekahle nje awukho umsebenzi wesiZulu owenziwa bungekho utshwala besiZulu kanye namahewu ngoba phela akusiwona wonke amathongo adlula emhlabeni ephuza utshwala abanye babedlule bebugcina ngephunga kuphela kepha bengakaze babulokothe nakanye. Okunye-ke okubekwa emsamo uma kuthethwa idlozi kuba ugwayi wamakhala lona ogaywa etsheni, ugwayi wamakhala namathongo akuhlukani izithupha ziya egwayini impela nje. Kuyaphahlwa-ke ngamanzi ewodwa ezwa engaxutshwe nalutho, njengoba sazi ukuthi izinto zesintu zinezincazelo zakhona, amanzi lawa awokuthi izinto zasekhaya zikhanye zithi bha!
Okunye-ke kuyaphahlwa nangezinsipho zikatshwala besiZulu umqombothi kodwa ke kusetshenziswa esezomisiwe zadlula elangeni. Ngoba phela nezinto sezihambe zahamba zaguquka ngendlela okwenziwa ngawo, akusagcini ngezinto zesintu ngqo ukuphahla kepha ngisho utshwala basesilungwini kuyaphahlwa ngabo kepha kuba ukuthi kukhona umuntu owadlula emhlabeni ebuphuza ngoba phela bakhona abantu abazifela ngabo obesintu kepha lokho akusho ukuthi isiZulu asigaywa uma kwenziwa umsebenzi womuntu ohambe ezihola ngotshwala besilungu. Sesivala nje, kuyaphahlwa nangenhlanganisela yokudla okwehlukene, lana kusuke kuhlanganiswe amabele, ushukela, yimpuphu, kanye nomaklinya indoda sengisho umngqusho phela. Ukudla kuphehlwa ngakho uma kunxuswa abadala ukuthi balethe impilo ende ekhaya kungabi nazifo, kanye nokucela ukuthi ukudla kwande emasimi ekhaya bengabulawa inkemane kutholakale nokuthi nekati selilala eziko bebe bekhona bebheke umuzi.