Ukuhlukana kwedlozi

Ngokwenkolelo yesizwe samaNguni idlozi lehlukene ngokwezigaba, kodwa ngokujwayelekile abantu abaningi bazisa idlozi kakhulu ngomsamo nabaphansi. Idlozi lomndeni/ ngokwesibongo Lapha sisuke sikhuluma ngabaphansi, abangasekho, abaphila ngokukamoya kodwa abake baphila emhlabeni. Kunenkolelo yokuthi ngemumva kwethuna baye basondelane noMvelinqangi. Bona sixhumana nabo ngokushisa impepho emsamo sikhulume nabo ngomlomo, ukubenzela nokugcina amasiko ngokuhluka kwezibongo kanye nosizo oluvela kubelaphi bendabuko … Read more