Ufudu yisilwane esaziwa ngokuba yisinokwe uma sihamba futhi siphila isikhathi eside kakhulu kunezinye izilwane eziningi. Kanjalo nasemaphusheni siyibika lobunjalo baso kulokho umuntu asuke ekuzama. Ukuphupha ufudu kuchaza ukuthi lokho ophokophelele ukukufeza ngemizamo yakho, imvamisa okuba yibhizinisi, izithelo zokuzikhandla kwakhko zizoza kancane, kodwa-ke kuyogcina kucacile ngemuva kwesikhathi eside ukuthokozele ukuzikhandla kwakho. Abanye bathi uma uphupha ubona ufudu kuyishwa ebhizinisini lakho ngaphandle uma ulubambile waludla; lokho okuwuphawu lokuthi uzophumelela ngenxa yokuzikhandla kwakho.
Ngithole ufudu lwasemanzini lusegarage endlini ngabe kusho ukuthini lokhu?
Lokhu kungasho ukugadlwa, ufudu alungeni ekhaya.
Ma uphuphe amafudu amaningi ngathi uwafuyile ehokweni kusho ukuthini
Leli phupho lichaza ukuthi Ukuphupha ufudu kuchaza ukuthi lokho ophokophelele ukukufeza ngemizamo yakho, imvamisa okuba yibhizinisi, izithelo zokuzikhandla kwakhko zizoza kancane, kodwa-ke kuyogcina kucacile ngemuva kwesikhathi eside ukuthokozele ukuzikhandla kwakho.