Amaphupho ngamakhaya

Kusho okuhle ukuphupha ikhaya owazalelwa kulona futhi waphinda wakhulela kulona, futhi uphupha ulibona lelokhaya wenza nezinto owawuzenza khona; ngokwesibonelo, uma uphupha usekhaya elidala kukhona nezingane okhule nazo nidlala ndawonye. Uma uphupha ikhaya ube ungumuntu osemathandweni kukhona ohlekisana naye, lokho kusho ukuthi uthole umuntu oqotho, buzoba buhle ubudlelwane benu futhi bungaphetha ngomshado ozoba nenjabulo. Uma indoda eganiwe  iphupha ikhaya, lokho kungaba yibika lokuthi leyo ndoda izoba nabantwana abaningi futhi bayophila kahle bonke. Uma uphupha ukuthi usekhaya lakho, kanti ungumuntu osemusha, lokho kusho ukuthi impilo yakho izoba mnandi. Uma ephusheni ikhaya libukeka ithuthukile, lokho kungachaza ukuthi uzoba nezimali kodwa uma ephusheni lakho ikhaya libukeke linganakeleliwe, lokho kungachaza ukuthi uzohlupheka ngokwezimali, ikakhulukazi uma abantu abakulelokhaya bengakuphathi kahle. Uma uphupha uzakhela umuzi, kusho ukuthi uzothuthuka empilweni, futhi uzothola umsebenzi omuhle nogculisayo.

▪️ Izindawo zokubeka impahla ekhaya.

58 thoughts on “Amaphupho ngamakhaya”

  1. ngicela ukubuza kucazani ukuphupha usekhaya lapho wakhulela khona nisebenza ngaphandle nasengadini

    Reply
  2. Ngiphuphe ngikuboka ex baby daddy kunomcimbi kukhona wonke umndeni. Ubhuti wakhona wangibiza ethi angizobona intombi ka baby daddy ikhulelwe.

    Okwesibili ngaphupha futhi kunomsebenzi kukhona bonke abantu bomndeni nabantu bakhona abadala abangasekho inkinga angibaboni kodwa kwakungathi bakhona

    Reply
  3. Sawubona I hope uyaphila.. ngisacela ukubuza ukuth kusho ukuthini ukuphupha ufuna indawo yokuhlala (flat) uhamba nomuntu othandana naye…

    Ngingabonga imphendulo yakho.

    Reply
  4. Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha ixoxo ligxhumela kuwe uthi uyalisusa lifutheke uthi uyabaleka likulandele ngisho ususendli and ngathi likuzwa ngephunga ukuthi ungakuphi sigchine selikujaha lihamba ngezinyawo zombili like selihambisa okomuntu ngibaleke ngaze ngayongena emzini wobaba oyisangoma ngithe ngisazama ukuchaza akukhulumeki langena nakhona

    Reply
  5. Kusho ukuthini ukuphupha ikhaya okhulele kulo kodwa kukhona ikamelo elingaqedwangwa ukwakhiwa. Leliphupho liza kaningi ubona yona lendlu oyiphuphile

    Reply
  6. Ngicela ukubuza kuchazan ukuphupha uya ekhaya bese uvinjwa umuntu ngommese athi ungayi lapho

    Reply
  7. kusho ukuthini uzophupha engathi usekhaya but not leli ohlala kulo bese ulandela usindo osemnyango uze ufike ekhishini lapho uthola iscaba singakhiyiwe besebona ngathi khona into efuna kungena bese uyazama ukusivala okungaphandle kube namandla kunawe besesiyavuleka isicaba ngithi ngiyaqalaza besekuba khona uzokubamba izanadla kubesagathi kukhona okusamafuthana akugcoba kona uthi uyambamba isandla sishibilike asithele.

    Reply
  8. Kusho ukuthini ukuphupha usekhaya owakhulela kulo ungena uphethe ama glass amabili a crystal green nama plate amahle kodwa awasiwo owokudlela

    Reply
  9. Ngcela usizo ukusho ukuthi ni ukuphupha uMuzi uthuthwa uyiswa emanxiweni amadala, kuqukulwa I indlu eziphelele

    Reply
  10. Ngiyabingelela sacela uhlaziyelwa nanti iphupho engivuke nalo kusho ukuthini ukuphupha usekhaya kini ushanela endlini

    Reply
  11. Mna ngiphupha ingathi kuyatsha komnye umzi.futhi ngiphuphe komnye umuzi kuyatsha kutshisa abahlali belali ikhona into abayisolayo.futhi namhlanje ngiphuphe ndiphe the iphepha ngoku ndililahle phantsi ndilinyathele alacima kakuhle yavutha ingca yatshisa nemizi nam ndiyabaleka ndicela ucaciselwa eliphupho

    Reply
  12. Ngike ngaphupha engathi ngbona umuntu osashona ngamjabulela kodwa ngathi uma ngimubuza ukuthi wala angithi usewashona nje wathi akaze ashone hyena uyaphila ngisizeni ngilazi leli phupho lichazani ngiyafisa ukulazi

    Reply
  13. Ngake ngaphupha engathi ngisekhaya koMalume. Uma ngifika khona ngafika ngilambile kodwa uma ngingena ekhishini ngibheka emabhodweni ngabona kuphekiwe ukudla nje okuningi kodwa kuthule endlini kungathi akukho muntu. Uma ngisaqalaza emagumbini amanye ukuthi ngabe kukhona bani,ngathi uma sengibuyela ekhishini ngafica engathi izingane ezincane seziphakele konke ukudla zakuqeda zashiya singcolisile nasekhishi. Ngathetha mina ngibuza ukuthi bangcolise leni,ngazi ngizayi yini lezi zingane ukuthi ugogo wami uthetha kanjani. Kodwa nje ngathi uma liqhubeka ngabona engathi sengisendaweni yomsebenzi nabantu engisabenza nabo,angisebenzi kodwa mina okwempela.Akucaci ke kahle ekuqhubekeni kwalo ukuthi kambe kwagcina kufikephi. Bengicela ukucacisela kuleli phupho. Ngiyabonga.

    Reply
    • Ngiphuphe kuthiwa asiphume siphele kuleli khaya ngoba syakweleta asisakhokhi.Lapho kusemakhaya lana imizi or indawo akukhokhelwa ,ukhokha once ngenkathi uthenga.Ngabe kuchazani ave ngibhlungu?

      Reply

Leave a Reply