Uma uphupha umuntu owawuthanda naye noma umuntu obekade eyingxenye yempilo yakho, kungenzeka ukuthi loyomuntu usuke ekugadla ngemithi noma usuke ekucabanga ukuthi ubuyelane naye. Uma umphupha ekushaya noma ekubuka kabi lokho kungasho ukuthi usuke esakubambele amagqubu noma engakaxoli ngokwenzeka phakathi kwenu.
Uma uphupha uwasha kubo kungachaza ukuthi kumele nihlale phansi nihlambuluke ngezinto ezingezinhle omunye nomunye azisho kuxatshanwa.
Uma umphupha enqunu phambi kwakho kungasho ukuthi kunento ezomthela ngehlazo noma usehlazekile vele.
Uma uphupha uhleli kubo lokhu kungasho ukuthi kubo babekuthanda, futhi basuke besakucabanga noma ungasekho naloyomuntu, basakhuluma nangawe. Kwesinye isikhathi kuyenzeka uphuphe ngaye ngoba usamcabanga.
Sawubona 🙏 ngicela ukubuza ukuth kusho ukuthini ukuphupha isoka lakho langaphambilini liking engcekeni lith lizocela wena
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngokwaliwa/
Ukuphupha ubaba wabantwana bakho ongasekho
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngomuntu-ongasekho/
ukuphupha umuntu owawuthandana naye efuna kukuhlasela qede kufike iqulu labantu limuhlasele naye kuchaza ukuthini
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngokulwa-2/
Ukuphupha umuntu obuthandana naye eshile ebusweni kodwa ekuvikela kwabakuhlaselayo ngabe kusho ukuthini ?
Sawubona, sicela ubheke lapha:
https://iafrika.org/amaphupho-ngobuso/
Ukuphupha umuntu owawuthandana kodwa ongasekho emhlabeni kuchaza ukuthini