Amaphupho ngomuntu ongasekho awanayo incazelo ewahlanganisa wonke, asho izinto eziningi ezihlukene. Incazelo iba kulokho asuke ekwenza lowo muntu ongasekho ephusheni lakho.
Ukumuphupha ekucela umgeze – Kusho ukuthi wayeganga esaphila, manje akamukelekile lapho ekhona ungcolile ngenxa yemisebenzi yakhe. Lokhu kukhomba ukuba usuke ecela nimenzele umsebenzi wokumuhlambulula bese niyamushwelezela
Ukumuphupha ekhala – Kusho ukungathokozi kwabaphansi ngezenzo zakho noma ngendlela ophila ngayo eyakho impilo, ngakho kusuke kufanele ushintshe indlela ophila , oziphethe ngayo okanye owenza ngayo izinto. Kungenjalo lokho kungalulethela amabhadi amakhulu.
Ukumuphupha ekupha izithelo – Loku kusho ukuphiwa umntwana (inzalo). Kungekudala usuke uzothola umntwana oyisipho esivela ngesandla sakhe sisuka kumdali. Kuyefana nokuphupha amanzi angcolile.
Ukuphupha ugogo wami engasekho egula kusho ukuthini?
Cofa lapha ukutholwa ulwazi ngephupho lakho https://iafrika.org/amaphupho-ngabantu-abangasekho-emhlabeni/
ukuphupha umamakho owasho ababaza impempo uyishisayo kusho ukuthini like uthi ” eish nalempepho”
Ukuphupha umuntu ongasekho kodwa nimlungiselela ukumngcwaba ukhala kakhulu ngcela ukbuza ubuchazani?
Nalu ulwazi esinalo ngalokhu https://iafrika.org/amaphupho-ngokuzwa-ukukhala/