Amaphupho ngomuntu ongasekho awanayo incazelo ewahlanganisa wonke, asho izinto eziningi ezihlukene. Incazelo iba kulokho asuke ekwenza lowo muntu ongasekho ephusheni lakho.
Ukumuphupha ekucela umgeze – Kusho ukuthi wayeganga esaphila, manje akamukelekile lapho ekhona ungcolile ngenxa yemisebenzi yakhe. Lokhu kukhomba ukuba usuke ecela nimenzele umsebenzi wokumuhlambulula bese niyamushwelezela
Ukumuphupha ekhala – Kusho ukungathokozi kwabaphansi ngezenzo zakho noma ngendlela ophila ngayo eyakho impilo, ngakho kusuke kufanele ushintshe indlela ophila , oziphethe ngayo okanye owenza ngayo izinto. Kungenjalo lokho kungalulethela amabhadi amakhulu.
Ukumuphupha ekupha izithelo – Loku kusho ukuphiwa umntwana (inzalo). Kungekudala usuke uzothola umntwana oyisipho esivela ngesandla sakhe sisuka kumdali. Kuyefana nokuphupha amanzi angcolile.
Ngiphuphe ugogo wami ongasekho emhlabeni ethi mangimbalele imali yakhe kuchazani?
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngekhehla noma isalukazi
Sawubona ngiphuphe umama ongizalayo owashona ewasha inabukeni empompini
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokuwasha izimpahla
Ngiphuphe u Aunt wamii ongasekho efika ephethe iskhwama seyngubo engathi khona la asuka khona njengenjwayelo esaphila , ebukeka emuhle , angayi endlini ahambe phakathi negceke aze ayofika empompini osegcekeni ngasesangweni elphumela ema libeni, afike afice ugogo name baxoxe bese ebona mina angphakamisele isandla amamatheke
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomndeni nezihlobo
Cela ukubuza ukuthi kusho ukuthini ukuphupha umakhelwane wakho owubaba womuzi owashona ekubingelela esengadini ejabule
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngomndeni nezihlobo
Ngiphuphe kushone usisi wami ongasekho vele emhlabeni silungiselwa umngcwabo wakhe
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokufa
Ngicela ukubuza ukuthi kukhuluma ukuthini ukuphupha ufika endlini u thole abantu begcwele kubonakala ukuthi kukhona okubi okwenzekile, ma Ufika uthole umama wakhe oshonile elele phantsi isandla sisemhlathini ekhala, mara
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngezidumbu
Kucaza ukuthini uphupha umntu ongasekho owashona enezinyawo kodwa uvela ephupheni ehamba nge wheelchair
Cofa lapha ukuthola ulwazi
Sanibonani
Ngabe kuchazani ukuphupha umuntu ongasekho eku hug ekuqabula ethi uyakuthanda useyahamba yena
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngothando
Sawubona ukuphupha uhamba nogogo wakho ongasekho emhlabeni nidlule umuntu exabana nomuntu nihambe manibheka emuva lomunye agwaze lo abexabana naye kodwa wena ungathinteki
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngomndeni nezihlobo
Ngicela ukubuza kusho ukuthi uma ngiphupha sisekhaya nomama ongasekho ngimsiza ngento ayenzayo emnyango iphumelele into ebengimusiza ngayo sijabule sihleke bese ngibona izibi, ngivele ngewindi endlini udadewethu eshanela ngicele umshanelo ngenhloso yokushanela izibi emnyango athi usawusebenzisa kusanjalo kuvele kusuke umoya ziphephuke izibi.
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngomama
Sanibona, kuchazani ukuphupha umzali ( baba) ongasekho ekupha izinto zokugqoka
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngobaba
Ngicela uk’buzaa uk’phupha umuntu ongasekho ekwenza ikhanda kuchazani
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngamakhanda
Ngicela ukubuza Kusho ukuthini ukuphupha uBaba wakho ongasekho emhlabeni ehlanya ekhanda. Uma sisi wakho omdala emsukela emyisa esbhedlela Athi kmele sisi wakho Amyise kodwa angahlali agoduke ngoba if engagoduki namhlanje ngeke aphinde awuthole umendo.
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngesibhedlela
Ngiyacela ikubuza kucazani Ukuphupha umuntu wakini ongasekho egqoke iphenti lodwa sawe excels umthengele izicathulo
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokubanqunu
Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini uma uphupha usisi wakho ephoseka esizibeni Kanye nengane encane yomfana badliwe I inyoka amanzi aphenduke Abe bomvu.
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngamanzi
Ngiphuphe umuntu engathandana naye noSis wakhe bengixosha kubo umama wakhe ongasekho emhlabeni enivikela engicashisa kwelinye ikamelo ethi ngingaphumi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokulwa
Mina ngiphuphe umuntu engathandana naye engixosha kubo benoSis wakhe kodwa uMawakhe ongasekho emhlabeni engivikela engicashisa kwelinye iKamera ethi ngingaphumi
Ukuphupha ugogo wami ongasekho ethi uzongibheka la ngikhona ngafike ngamenzela itiye
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngetiye
Ngicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha umzali ongasekho ekupha ukudla nezinto ezimnandi
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngokudla