Ukuphupha umuntu ewasha izimpahla zakhe ngesandla lokho kungachaza ukuthi usebenza kanzima ukufezekisa amaphupho akhe, kanti uma zibonakala zingcole kakhulu lokho kungasho ukuthi kuzoba nzima ukuthi afezekise amaphupho akhe futhi aphumelele.
Ukuphupha ugeza izingubo kungaba nezincazelo eziningi:
- Ukuphupha uwasha izimpahla kodwa zingawashisiseki lokho kungasho ukuthi uzobhekana nezingqinamba ngaphambi kokuthi uzuze lokhu okufisayo.
- Ukuphupha uwasha kungachaza ukuthi kunezinto ezimbi ezizosuka empilweni yakho.
- Uma uphupha uwasha kanti uwumuntu obanjwe wukugula kungasho ukuthi isimo sakho sizoba ngcono.
- Ukuphupha uwasha ube unethwa imvula kungasho isikhathi esinzima nesibi okungaba ukuphuphuma kwesisu kuwe noma komunye umuntu.
- Ukuphupha uwasha kungaba wuphawu oluhle olungasho isidingo senhlambuluko, uxolo kanye nokubuyisana okumele ukwenze nabanye abantu.
- Uma uphupha uwasha kungasho isinqumo sokuphenduka kokubi obukwenza, wenze okulungile.
- Ukuphupha uwasha kungasho ukuthi unamathunzi amnyama kumelwe uyogezwa, kanti kwesinye isikhathi kungaba ukuthi kunezidalwa ezikwembethe okumele uzigeze. Uma uphupha uwasha noma ugeza izinyawo zomunye umuntu kungasho ukuthi kumele nohlambukelane naloyomuntu.
Ukuphupha ubeletha nge operation umntwana oyintombi but bangakuniki yena uthi xa umbuza kuthiwe mbuze ebantwini abadala inoba bazomzisa ndiphinde ndibuze uyaphila kona okungathi bendilindele ukuba angabikho right ndibuye ndizame ukusukuma ingathi andikwazi kuphakama since ibuhlungu operation but kude kwaphakameka xa ndikroba emnyango liyanetha but imvula clean enganethi kakhulu
Cofa lapha ukuthola ulwazi Amaphupho ngokuzala
Ukuphupha wasteland muntu othandana naye impahla zakhe
Cofa lapha ukuthola impendulo Amaphupho ngothando