Ukuphupha umuntu ewasha izimpahla zakhe ngesandla lokho kungachaza ukuthi usebenza kanzima ukufezekisa amaphupho akhe, kanti uma zibonakala zingcole kakhulu lokho kungasho ukuthi kuzoba nzima ukuthi afezekise amaphupho akhe futhi aphumelele.
Ukuphupha ugeza izingubo kungaba nezincazelo eziningi:
- Ukuphupha uwasha izimpahla kodwa zingawashisiseki lokho kungasho ukuthi uzobhekana nezingqinamba ngaphambi kokuthi uzuze lokhu okufisayo.
- Ukuphupha uwasha kungachaza ukuthi kunezinto ezimbi ezizosuka empilweni yakho.
- Uma uphupha uwasha kanti uwumuntu obanjwe wukugula kungasho ukuthi isimo sakho sizoba ngcono.
- Ukuphupha uwasha ube unethwa imvula kungasho isikhathi esinzima nesibi okungaba ukuphuphuma kwesisu kuwe noma komunye umuntu.
- Ukuphupha uwasha kungaba wuphawu oluhle olungasho isidingo senhlambuluko, uxolo kanye nokubuyisana okumele ukwenze nabanye abantu.
- Uma uphupha uwasha kungasho isinqumo sokuphenduka kokubi obukwenza, wenze okulungile.
- Ukuphupha uwasha kungasho ukuthi unamathunzi amnyama kumelwe uyogezwa, kanti kwesinye isikhathi kungaba ukuthi kunezidalwa ezikwembethe okumele uzigeze. Uma uphupha uwasha noma ugeza izinyawo zomunye umuntu kungasho ukuthi kumele nohlambukelane naloyomuntu.